1 uSamuweli 20:16-18
1 uSamuweli 20:16-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJonathani wayesenza isivumelwano nendlu kaDavide; futhi uJehova wakubiza esandleni sezitha zikaDavide. UJonathani waphinda wamfungisa ukumthanda kwakhe, ngokuba wamthanda njengokuba ethanda umphefumulo wakhe. UJonathani wayesethi kuye: “Kusasa iyakwethwasa inyanga; uyakuficwa ungekho, ngokuba isihlalo sakho siyakuba ze.
1 uSamuweli 20:16-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngalokho uJonathani wenza isivumelwano nendlu kaDavide, wathi: “UJehova makakufune esandleni sezitha zikaDavide. UJonathani waphinda wafungisa uDavide, ngokuba wayemthanda, ngokuba wayemthanda njengoba ethanda umphefumulo wakhe. UJonathani wasesithi kuDavida: Kusasa ukwethwasa kwenyanga, njalo uzabuzwa, ngoba isihlalo sakho sizabe singelamuntu.
1 uSamuweli 20:16-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJonathani wayesenza isivumelwano nabendlu kaDavide, wathi: “Sengathi uSimakade angaziqeda nya izitha zikaDavide.” UJonathani waphinda wamfungisa mayelana nokumthanda kwakhe, ngokuba wayemthanda njengoba ezithanda yena. UJonathani wayesethi kuye: “Kusasa ngukwethwasa kwenyanga; uyobonakala ukuthi awukho, isihlalo sakho sizohlala singenamuntu.