1 uSamuweli 20:1-42

1 uSamuweli 20:1-42 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UDavide wabaleka eNayothi eRama, waya kuJonathani, wathi kuye: “Ngenzeni na? Liyini icala lami? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?” Wathi kuye: “Qha, ngeke kwenzeke lokho; awuyukufa. Ubaba akukho akwenza engangitshelanga khona, noma ngabe kukhulu noma ngabe kuncane; pho kungani ukuba ubaba angifihlele lokho na? Akusoze kwenzeka.” UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo wazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthe: ‘UJonathani makangazi ngalokhu, funa abe nosizi.’ Kepha ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade naphambi kwakho, sinye vo isinyathelo phakathi kwami nokufa.” UJonathani wayesethi kuDavide: “Noma yini inhliziyo yakho ekufunayo, ngiyokwenzela khona.” UDavide wathi kuJonathani: “Uyabona-ke, kusasa izakwethwasa inyanga; impela kufanele ngihlale nenkosi esidlweni, kepha ngivumele ukuba ngihambe, ngiyocasha endle kuze kube wusuku lwesithathu kusihlwa. Uma uyihlo ebona ukuthi angikho, ubothi: ‘UDavide ucelile impela ukuba aphuthume eBhethlehema emzini wakubo, ngokuba ngalesi sikhathi kwenziwa umhlatshelo waminyaka yonke owenzelwa wonke umndeni wakubo.’ Uma uyihlo ethi: ‘Kulungile,’ inceku yakho iyobe iphephile, kodwa uma ethukuthela ebila, uyokwazi ukuthi usophe ukuyenzakalisa. Ngakho-ke yenzele isihawu inceku yakho, lokhu wenzile nayo isivumelwano sikaSimakade. Uma nginecala, ngibulale wena, uzongiyiselani kuyihlo na?” UJonathani wathi: “Ungakucabangi nakukucabanga lokho, ngoba uma kukhona nokuncane nje okubi engazi ukuthi kuhlongozwa ngubaba ngawe, bengingeke yini ngikutshele ngakho na?” UDavide wayesethi kuJonathani: “Ngubani oyakungitshela, uma mhlawumbe uyihlo ekuphendule kabi na?” UJonathani wathi kuDavide: “Woza siye endle.” Baphuma bobabili, baya endle. UJonathani wathi kuDavide: “Ngiyethembisa ngoSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, ukuthi nxa ngimbuza ubaba ngalesi sikhathi kusasa noma ngomhlomunye, uma ekhuluma okuhle ngawe Davide, ngiyakuthumela kuwe ngikwazise. USimakade makenze kanjalo kuJonathani, kuphindwe futhi uma ubaba ehlose ukukwenza okubi ngingakwazisi lokho, bese ngikuvumela ubaleke ukuze uphephe. USimakade makabe nawe, njengalokhu ayenobaba. Uma ngisaphila ngikhombise isihawu sikaSimakade, kodwa uma ngifa, ungayeki ukwenzela abendlu yami ububele, ngisho noma uSimakade eseziqothule zonke izitha zikaDavide emhlabeni.” UJonathani wayesenza isivumelwano nabendlu kaDavide, wathi: “Sengathi uSimakade angaziqeda nya izitha zikaDavide.” UJonathani waphinda wamfungisa mayelana nokumthanda kwakhe, ngokuba wayemthanda njengoba ezithanda yena. UJonathani wayesethi kuye: “Kusasa ngukwethwasa kwenyanga; uyobonakala ukuthi awukho, isihlalo sakho sizohlala singenamuntu. Kuyothi ngosuku lwesithathu, bese wehla masinyane, uye kuleyo ndawo owawucashe kuyo ngosuku lwesigameko leso; uhlale ngasetsheni e-Ezeli. Ngiyociba imicibisholo emithathu ngaseceleni kwalo, kube sengathi ngiciba inkololo. Uyabona, ngiyothumela umfana, ngithi kuye: ‘Hamba ucinge imicibisholo.’ Uma ngithi kumfana: ‘Bheka, inganeno kwakho, yithathe,’ ubokuza ngokuba uyobe uphephile, kungekho ngozi; ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade. Kepha uma ngithi kumfana: ‘Bheka, imicibisholo ingale kwakho,’ hamba, ngokuba uSimakade ukuhambisile. Mayelana nodaba esilukhulumile, uyabona-ke, uSimakade uphakathi kwami nawe kuze kube phakade.” UDavide waphuthuma wayocasha endle. Kwakungukwethwasa kwenyanga. Inkosi yahlala phansi ukuze idle. Inkosi yahlala esihlalweni sayo njengakwezinye izikhathi, isihlalo esingasodongeni; uJonathani wema, u-Abhineri wahlala ngaseceleni kukaSawule, kodwa indawo kaDavide yayingenamuntu. Ngalolo lusuku uSawule akashongo lutho, ngokuba wacabanga, wathi: “Hleze kukhona okuthile okumehlele; akahlambulukile, impela akahlambulukile.” Kwathi ngosuku olulandelayo lokwethwasa kwenyanga, indawo kaDavide isalokhu ingenamuntu, uSawule wathi kuJonathani, indodana yakhe: “Kungani indodana kaJese ingafikanga esidlweni izolo nanamuhla na?” UJonathani wamphendula uSawule, wathi: “UDavide wangicela impela ukuba aye eBhethlehema, wathi: ‘Ngivumele ukuba ngihambe, ngokuba umndeni wakithi unomhlatshelo emzini; umfowethu ungiyalile ukuba ngibe khona. Manje-ke uma ngifumene umusa emehlweni akho, vuma ngihambe ngiyobona abafowethu.’ Yingakho-ke engafikanga etafuleni lenkosi.” Intukuthelo kaSawule yayisimvuthela uJonathani, wathi kuye: “Wena, ndodana yowesifazane owonakele noyisihlubuki! Uthi angazi ukuthi wena ukhethe indodana kaJese kunoyihlo, nehlazo lakho nehlazo lobunqunu bukanyoko na? Ngokuba ngazo zonke izinsuku indodana kaJese isaphila emhlabeni awuyukuzinza wena nombuso wakho. Ngalokho thumela umlande eze kimi, ngoba kufanele ukuba afe.” UJonathani wamphendula uSawule uyise, wathi kuye: “Uyobulawelwani? Wenzeni na?” USawule wamciba ngomkhonto efuna ukumgwaza ngawo; uJonathani wase azi ukuthi uyise uhlose ukubulala uDavide. UJonathani wasuka etafuleni ethukuthele; akadlanga kudla ngosuku lwesibili lwenyanga, ngokuba wayenosizi ngenxa kaDavide, kwazise uyise wayemhlazisile. Kwathi ngakusasa ekuseni uJonathani waphuma, waya endle ngesikhathi ababenqumelene sona noDavide; wayehamba nomfana omncane. Wathi kumfana wakhe: “Gijima, ufune imicibisholo engiyicibileyo.” Esagijima umfana, uJonathani waciba umcibisholo phambi kwakhe. Esefikile umfana lapho umcibisholo wawucitshelwe khona nguJonathani, uJonathani wamemeza engasemuva komfana, wathi: “Umcibisholo awungaphambi kwakho na?” Waqhubeka uJonathani wamemeza engasemuva komfana, ethi: “Shesha, uphuthume, ungemi.” Umfana kaJonathani wayiqoqa imicibisholo, weza nayo kumniniwakhe. Umfana wayengazi lutho, leyo ndaba yayaziwa kuphela nguJonathani noDavide. UJonathani wanika umfana wakhe izikhali zakhe, wathi kuye: “Hamba, uziyise emzini.” Esehambile umfana, uDavide wavuka ngaseningizimu, wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhala, yilowo nalowo ekhalela umngani wakhe, uDavide wakhala kakhulu. UJonathani wathi kuDavide: “Hamba kahle, lokhu sobabili sifunge igama likaSimakade, sathi: ‘USimakade uzokuba phakathi kwami nawe naphakathi kozalo lwami nozalo lwakho kuze kube phakade.’ ” Wayesesukuma uDavide, wahamba, uJonathani wangena emzini.

1 uSamuweli 20:1-42 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UDavide wabaleka eNayoti eRama, weza, wathi phambi kukaJonathani: “Ngenzeni na? Liyini icala lami na? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?” Wathi kuye: “Makube kude lokho; awuyikufa; bheka, ubaba akenzi lutho olukhulu noma oluncane engakwambuleli kimi; pho, ubaba ubeyakungifihlela le nto na? Akuyikuba njalo.” UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo uyazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthi: ‘Makangazi lokhu uJonathani, funa abe nosizi.’ Kepha, kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, kukhona isinyathelo esisodwa nje phakathi kwami nokufa.” UJonathani wayesethi kuDavide: “Noma kuyini inhliziyo yakho ekushoyo, ngiyakukwenzela khona.” UDavide wathi kuJonathani: “Bheka, kusasa iyakwethwasa inyanga; angifanele ukuphutha ukuhlala nenkosi ekudleni, kepha ngivumele ukuba ngihambe, ngicashe endle kuze kube sosukwini lwesithathu ngakusihlwa. Uma uyihlo engifica ngingekho, wothi: ‘UDavide wacela nokucela ukuba agijimele eBetlehema umuzi wakhe, ngokuba kukhona lapho umhlatshelo weminyaka ngeminyaka owenzelwa wonke umndeni wakubo.’ Uma esho ukuthi: ‘Kulungile,’ inceku yakho iyakuba nokuthula; kepha uma ethukuthela, yazi-ke ukuthi unqume okubi. Ngalokho yenzela inceku yakho isihawu, ngokuba ungenisile inceku yakho esivumelwaneni sikaJehova nawe; kepha uma kukhona ububi kimi, ngibulale wena, ngokuba ubuyakungiyiselani kuyihlo na?” UJonathani wathi: “Makube kude nawe, ngokuba uma bengazi nakanci ukuthi kunqunywe okubi ngubaba ukuba wehlelwe yikho, bengingayikukutshela na?” UDavide wayesethi kuJonathani: “Ngubani oyakungitshela, uma mhlawumbe uyihlo ekuphendula kabi na?” UJonathani wathi kuDavide: “Woza siye endle.” Baphuma bobabili, baya endle. UJonathani wathi kuDavide: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, nxa ngimphenya ubaba ngalesi sikhathi kusasa noma ngomhlomunye, bheka, uma kukuhle kuDavide, ngiyakuthumela kuwe, ngikwambulele kuwe. UJehova makenze njalo kuJonathani, enezele futhi, uma kukuhle kubaba ukukwenzela okubi, ngingakwambuleli kuwe, ngikuvumele ukuba uhambe kahle; uJehova makabe nawe, njengalokho ayenobaba. Awuyikungenzela umusa kaJehova ukuba ngingafi ngisekhona kuphela, kepha futhi mawunganqumi isihawu sakho endlini yami kuze kube phakade, hhayi nalapho uJehova esenqumile zonke izitha zikaDavide ebusweni bomhlaba.” UJonathani wayesenza isivumelwano nendlu kaDavide; futhi uJehova wakubiza esandleni sezitha zikaDavide. UJonathani waphinda wamfungisa ukumthanda kwakhe, ngokuba wamthanda njengokuba ethanda umphefumulo wakhe. UJonathani wayesethi kuye: “Kusasa iyakwethwasa inyanga; uyakuficwa ungekho, ngokuba isihlalo sakho siyakuba ze. Usuhlalile izinsuku ezintathu; yehla masinyane, uye kuleyo ndawo owacasha kuyo ngosuku lwesenzo leso, uhlale ngasetsheni lase-Ezeli. Ngiyakucibishela imicibisholo emithathu ngaseceleni kwalo, kungathi ngicibishela isigcibisholo. Bheka, ngiyakuthuma umfana ngokuthi: ‘Hamba ufune imicibisholo.’ Uma ngithi kumfana: ‘Bheka, imicibisholo inganeno kwakho, yithathe,’ woza wena, ngokuba ungaba nokuthula, akukho lutho, kuphila kukaJehova. Kepha uma ngithi kanje kumfana: ‘Bheka, imicibisholo ingalaphaya kwakho,’ hamba, ngokuba uJehova ukumukisile. Namaqondana nendaba esikhulume ngayo mina nawe, bheka, uJehova uphakathi kwakho nami kuze kube phakade.” UDavide wacasha masinyane endle; isethwasile inyanga, inkosi yahlala ekudleni ukuba idle. Inkosi yahlala esihlalweni sayo njengakwezinye izikhathi, isihlalo esingasodongeni; uJonathani wema, u-Abineri wahlala ngaseceleni kukaSawule; kepha indawo kaDavide yayiyize. Kodwa uSawule akakhulumanga lutho ngalolo suku, ngokuba wacabanga ukuthi: “Okuthile kumehlele; akahlambulukile, impela akahlambulukile.” Kwathi ngangomuso emva kokwethwasa kwenyanga ngolwesibili indawo kaDavide yayiyize; uSawule wathi kuJonathani indodana yakhe: “Indodana kaJese ayifikanga ngani ekudleni nayizolo nanamuhla na?” UJonathani wamphendula uSawule, wathi: “UDavide wangicela nokungicela ukuba aye eBetlehema, wathi: ‘Ake ungivumele ukuba ngihambe, ngokuba umndeni wakithi unomhlatshelo emzini; umfowethu ungiyalile; manje-ke, uma ngifumene umusa emehlweni akho, mangihambe ngibone abafowethu.’ Ngalokho akafikanga etafuleni lenkosi.” Intukuthelo kaSawule yayisimvuthela uJonathani, wathi kuye: “Wena ndodana yowesifazane owonakeleyo nohlubukileyo, angazi yini ukuthi ukhethile indodana kaJese kube yihlazo lakho nehlazo lobunqunu bukanyoko, na? Ngokuba izinsuku zonke indodana kaJese isekhona emhlabeni awuyikuzinza nombuso wakho. Ngalokho thumela umlethe kimi, ngokuba ungowokufa yena.” UJonathani wamphendula uSawule uyise, wathi kuye: “Uyakubulalelwani? Wenzeni na?” USawule wamgema ngomkhonto ukuba amgwaze; wayesekwazi uJonathani ukuthi uyise unqume ukumbulala uDavide. UJonathani wasuka etafuleni evutha ulaka, akadlanga kudla ngosuku lwesibili lwenyanga, ngokuba wayenosizi ngenxa kaDavide, lokhu uyise emhlazisile. Kwathi ekuseni uJonathani waphuma, waya endle ngesikhathi abasimisile noDavide, umfana omncane enaye. Wathi kumfana wakhe: “Gijima, ufune imicibisholo engiyicibishelayo.” Esagijima umfana, wacibishela umcibisholo ngaphambi kwakhe. Umfana esefikile endaweni yomcibisholo uJonathani ayicibisheleyo, uJonathani wamemeza emva komfana, wathi: “Umcibisholo awungaphambi kwakho na?” UJonathani wamemeza emva komfana, wathi: “Shesha, ukhawuleze, ungemi.” Umfana kaJonathani waqoqa imicibisholo, wafika enkosini yakhe. Kepha umfana wayengazi lutho; oJonathani noDavide kuphela babeyazi le ndaba. UJonathani wanika umfana wakhe izikhali zakhe, wathi kuye: “Hamba, uziyise emzini.” Esehambile umfana, uDavide wavuka ngaseningizimu, wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhalelana, waze wakhala kakhulu uDavide. UJonathani wathi kuDavide: “Hamba kahle, lokhu sifungile sobabili igama likaJehova ngokuthi: ‘UJehova uyakuba phakathi kwami nawe naphakathi kwenzalo yami nenzalo yakho kuze kube phakade.’ ” Wavuka, wahamba; uJonathani wangena emzini.

1 uSamuweli 20:1-42 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UDavide wabaleka eNajoti eRama, weza, wathi phambi kukaJonathani: “Ngenzeni na? ububi bami buyini na? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na? Wathi kuye: “Makube kude lokho; aniyikufa; bheka, ubaba akenzi lutho olukhulu noma oluncane, makwazeke kimi; ubaba ungifihleleni le nto na? Akunjalo. UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo uyazi impela ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; wathi: “UJonathani makangakwazi lokho, funa abe lusizi; kodwa kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, kukhona isinyathelo esisodwa phakathi kwami nokufa. UJonathani wasesithi kuDavida: Konke okufisayo umphefumulo wakho, ngizakwenzela. UDavida wasesithi kuJonathani: Khangela, kusasa sekwethwasa kwenyanga, njalo kangiyikuyekela ukuhlala ekudleni lenkosi; kodwa ngiyeke ngihambe ngiyocasha endle kuze kufike usuku lwesithathu kusihlwa. Uma uyihlo engikhumbula, wothi: ‘UDavide ungicelile nokungincenga ukuba agijimele eBetlehema emzini wakubo, ngokuba kukhona lapho umhlatshelo weminyaka yonke womndeni wonke. Uma esho kanje: “Kuhle; inceku yakho iyakuba nokuthula, kepha uma ithukuthela kakhulu, yazi-ke ukuthi inqunyelwe okubi. Ngakho woba nomusa encekwini yakho; ngoba ungenisile inceku yakho esivumelwaneni sikaJehova lawe; ngoba uzongilethelani kuyihlo? UJonathani wathi: “Makube kude nawe, ngokuba uma bengazi impela ukuthi ububi unqume ukwehlela phezu kwakho, bengingayikukutshela na?” UDavida wasesithi kuJonathani: Ngubani ozangitshela lokhu? noma kuthiwani uma uyihlo ekuphendula ngokuzwakalayo? UJonathani wasesithi kuDavida: Woza, siphume siye egangeni. Basebephuma bobabili baya ensimini. UJonathani wathi kuDavide: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, uma ngivuthela ubaba kusasa noma ngosuku lwesithathu, bheka, uma kukhona okuhle kuDavide, khona-ke ngingathumi kuwe ukukukhombisa lokho; UJehova wenza lokhu, nokunye okuningi kuJonathani; kepha uma kukuhle kubaba ukwenza okubi kuwe, ngiyakukwazisa, ngikumukise, uhambe ngokuthula; uJehova uyakuba nawe njengalokho ebenobaba. Aniyikungenzela umusa kaJehova kuphela ngisekhona, ukuze ngingafi. Kepha umusa wakho awuyikuwususa endlini yami kuze kube phakade; Ngalokho uJonathani wenza isivumelwano nendlu kaDavide, wathi: “UJehova makakufune esandleni sezitha zikaDavide. UJonathani waphinda wafungisa uDavide, ngokuba wayemthanda, ngokuba wayemthanda njengoba ethanda umphefumulo wakhe. UJonathani wasesithi kuDavida: Kusasa ukwethwasa kwenyanga, njalo uzabuzwa, ngoba isihlalo sakho sizabe singelamuntu. Uma usuhlale izinsuku ezintathu, wehle masinyane, uye endaweni owacasha kuyo ngesikhathi kuqhubeka udaba, uhlale ngasembongolweni yetshe. Ngiyocibishela imicibisholo emithathu eceleni kwalo njengokungathi ngicibishela iphuzu elilodwa. Bheka, ngithuma umfana othi: ‘Hamba ufune imicibisholo. Uma ngiqinisile ngithi kumfana: Bheka, imicibisholo ingaphesheya kwakho, yithathe; bese uyafika, ngokuba kukhona ukuthula kuwe akukho bubi; ngeqiniso kuphila kukaJehova. Kepha uma ngithi ensizwa: ‘Bheka, imicibisholo ingaphesheya kwakho; hamba, ngokuba uJehova ukumukisile. Mayelana nendaba esakhuluma ngayo mina nawe, bheka, uJehova uphakathi kwami nawe kuze kube phakade. UDavide wamfihla endle; kwathi ekuthwaseni kwenyanga, inkosi yahlala phansi ukuba idle. Inkosi yahlala esihlalweni sayo njengakuqala, esihlalweni esingasodongeni; Kepha uSawule akashongo lutho ngalolo suku, ngokuba wacabanga ukuthi: “Okuthile okwenzekile kuye, akahlambulukile; impela akahlanzekile. Kwathi ngangomuso, ngosuku lwesibili lwenyanga, indawo kaDavide yayingenalutho; uSawule wathi kuJonathani indodana yakhe: “Kungani indodana kaJese ingezanga ukudla izolo nanamuhla? UJonathani wamphendula uSawule, wathi: “UDavide wangincenga nokungicela ukuba ngihambe ngiye eBetlehema; Wathi: “Ngiyeke ngihambe; ngoba umndeni wakithi unomnikelo emzini; futhi umfowethu, wangiyala ukuba ngibe lapho; manje uma ngifumene umusa emehlweni akho, mangihambe ngibone abafowethu. Yingakho engezi etafuleni lenkosi. Intukuthelo kaSawule yamvuthela uJonathani, wathi kuye: “Wena ndodana yowesifazane oyisihlubuki, angazi yini ukuthi uyikhethile indodana kaJese ekuhlakanipheni kwakho nasekujabhiseni ubunqunu bukanyoko na? Ngokuba izinsuku zonke indodana kaJese isekhona emhlabeni, wena nombuso wakho awuyikuqiniswa. Manje-ke thumela umlethe kimi, ngokuba uzokufa nokufa. UJonathani wamphendula uSawule uyise, wathi kuye: “Uyakubulawelwani na? wenzeni. USawule wamjikijela ngomkhonto ukuba amgwaze, uJonathani wazi ukuthi uyise unqume ukumbulala uDavide. UJonathani wasukuma etafuleni ngolaka olukhulu, akadlanga lutho ngosuku lwesibili lwenyanga, ngokuba wayedabukile ngenxa kaDavide, lokhu uyise emhlazisile. Kwathi ekuseni uJonathani waya endle ngesikhathi esimisiwe noDavide, nomfana omncane enaye. Wathi endodaneni yakhe: “Gijima, ufune imicibisholo engiyicibishelayo.” Kwathi umfana egijima, wadubula umcibisholo phezu kwakhe. Umfana esefikile endaweni yomcibisholo uJonathani awucibishelayo, uJonathani wabiza umfana emva kwakhe, wathi: “Umcibisholo awukho ngaphesheya kwakho na?” UJonathani wamemeza emva komfana wathi: Shesha, shesha, ungalindi. Indodana kaJonathani yabutha imicibisholo, yafika enkosini yayo. Kodwa umfana wayengazi lutho; oJonathani noDavide kuphela ababeyazi le ndaba. UJonathani wanika indodana yakhe isibhamu sakhe, wathi kuyo: “Hamba uziyise emzini.” Kwathi umfana esehambile, uDavida wasukuma endaweni ebheke eningizimu, wawa ngobuso emhlabathini, wakhothama kathathu; UJonathani wasesithi kuDavida: Hamba ngokuthula, ngoba safunga sobabili ebizweni le Nkosi, sathi: I Nkosi izakuba phakathi kwami lawe kuze kube nininini laphakathi kwenzalo yami lenzalo yakho. Wasuka wahamba, uJonathani wangena emzini.