1 uSamuweli 20:1-17

1 uSamuweli 20:1-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UDavide wabaleka eNayothi eRama, waya kuJonathani, wathi kuye: “Ngenzeni na? Liyini icala lami? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?” Wathi kuye: “Qha, ngeke kwenzeke lokho; awuyukufa. Ubaba akukho akwenza engangitshelanga khona, noma ngabe kukhulu noma ngabe kuncane; pho kungani ukuba ubaba angifihlele lokho na? Akusoze kwenzeka.” UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo wazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthe: ‘UJonathani makangazi ngalokhu, funa abe nosizi.’ Kepha ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade naphambi kwakho, sinye vo isinyathelo phakathi kwami nokufa.” UJonathani wayesethi kuDavide: “Noma yini inhliziyo yakho ekufunayo, ngiyokwenzela khona.” UDavide wathi kuJonathani: “Uyabona-ke, kusasa izakwethwasa inyanga; impela kufanele ngihlale nenkosi esidlweni, kepha ngivumele ukuba ngihambe, ngiyocasha endle kuze kube wusuku lwesithathu kusihlwa. Uma uyihlo ebona ukuthi angikho, ubothi: ‘UDavide ucelile impela ukuba aphuthume eBhethlehema emzini wakubo, ngokuba ngalesi sikhathi kwenziwa umhlatshelo waminyaka yonke owenzelwa wonke umndeni wakubo.’ Uma uyihlo ethi: ‘Kulungile,’ inceku yakho iyobe iphephile, kodwa uma ethukuthela ebila, uyokwazi ukuthi usophe ukuyenzakalisa. Ngakho-ke yenzele isihawu inceku yakho, lokhu wenzile nayo isivumelwano sikaSimakade. Uma nginecala, ngibulale wena, uzongiyiselani kuyihlo na?” UJonathani wathi: “Ungakucabangi nakukucabanga lokho, ngoba uma kukhona nokuncane nje okubi engazi ukuthi kuhlongozwa ngubaba ngawe, bengingeke yini ngikutshele ngakho na?” UDavide wayesethi kuJonathani: “Ngubani oyakungitshela, uma mhlawumbe uyihlo ekuphendule kabi na?” UJonathani wathi kuDavide: “Woza siye endle.” Baphuma bobabili, baya endle. UJonathani wathi kuDavide: “Ngiyethembisa ngoSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, ukuthi nxa ngimbuza ubaba ngalesi sikhathi kusasa noma ngomhlomunye, uma ekhuluma okuhle ngawe Davide, ngiyakuthumela kuwe ngikwazise. USimakade makenze kanjalo kuJonathani, kuphindwe futhi uma ubaba ehlose ukukwenza okubi ngingakwazisi lokho, bese ngikuvumela ubaleke ukuze uphephe. USimakade makabe nawe, njengalokhu ayenobaba. Uma ngisaphila ngikhombise isihawu sikaSimakade, kodwa uma ngifa, ungayeki ukwenzela abendlu yami ububele, ngisho noma uSimakade eseziqothule zonke izitha zikaDavide emhlabeni.” UJonathani wayesenza isivumelwano nabendlu kaDavide, wathi: “Sengathi uSimakade angaziqeda nya izitha zikaDavide.” UJonathani waphinda wamfungisa mayelana nokumthanda kwakhe, ngokuba wayemthanda njengoba ezithanda yena.

1 uSamuweli 20:1-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UDavide wabaleka eNajoti eRama, weza, wathi phambi kukaJonathani: “Ngenzeni na? ububi bami buyini na? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na? Wathi kuye: “Makube kude lokho; aniyikufa; bheka, ubaba akenzi lutho olukhulu noma oluncane, makwazeke kimi; ubaba ungifihleleni le nto na? Akunjalo. UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo uyazi impela ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; wathi: “UJonathani makangakwazi lokho, funa abe lusizi; kodwa kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, kukhona isinyathelo esisodwa phakathi kwami nokufa. UJonathani wasesithi kuDavida: Konke okufisayo umphefumulo wakho, ngizakwenzela. UDavida wasesithi kuJonathani: Khangela, kusasa sekwethwasa kwenyanga, njalo kangiyikuyekela ukuhlala ekudleni lenkosi; kodwa ngiyeke ngihambe ngiyocasha endle kuze kufike usuku lwesithathu kusihlwa. Uma uyihlo engikhumbula, wothi: ‘UDavide ungicelile nokungincenga ukuba agijimele eBetlehema emzini wakubo, ngokuba kukhona lapho umhlatshelo weminyaka yonke womndeni wonke. Uma esho kanje: “Kuhle; inceku yakho iyakuba nokuthula, kepha uma ithukuthela kakhulu, yazi-ke ukuthi inqunyelwe okubi. Ngakho woba nomusa encekwini yakho; ngoba ungenisile inceku yakho esivumelwaneni sikaJehova lawe; ngoba uzongilethelani kuyihlo? UJonathani wathi: “Makube kude nawe, ngokuba uma bengazi impela ukuthi ububi unqume ukwehlela phezu kwakho, bengingayikukutshela na?” UDavida wasesithi kuJonathani: Ngubani ozangitshela lokhu? noma kuthiwani uma uyihlo ekuphendula ngokuzwakalayo? UJonathani wasesithi kuDavida: Woza, siphume siye egangeni. Basebephuma bobabili baya ensimini. UJonathani wathi kuDavide: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, uma ngivuthela ubaba kusasa noma ngosuku lwesithathu, bheka, uma kukhona okuhle kuDavide, khona-ke ngingathumi kuwe ukukukhombisa lokho; UJehova wenza lokhu, nokunye okuningi kuJonathani; kepha uma kukuhle kubaba ukwenza okubi kuwe, ngiyakukwazisa, ngikumukise, uhambe ngokuthula; uJehova uyakuba nawe njengalokho ebenobaba. Aniyikungenzela umusa kaJehova kuphela ngisekhona, ukuze ngingafi. Kepha umusa wakho awuyikuwususa endlini yami kuze kube phakade; Ngalokho uJonathani wenza isivumelwano nendlu kaDavide, wathi: “UJehova makakufune esandleni sezitha zikaDavide. UJonathani waphinda wafungisa uDavide, ngokuba wayemthanda, ngokuba wayemthanda njengoba ethanda umphefumulo wakhe.

1 uSamuweli 20:1-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UDavide wabaleka eNayoti eRama, weza, wathi phambi kukaJonathani: “Ngenzeni na? Liyini icala lami na? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?” Wathi kuye: “Makube kude lokho; awuyikufa; bheka, ubaba akenzi lutho olukhulu noma oluncane engakwambuleli kimi; pho, ubaba ubeyakungifihlela le nto na? Akuyikuba njalo.” UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo uyazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthi: ‘Makangazi lokhu uJonathani, funa abe nosizi.’ Kepha, kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, kukhona isinyathelo esisodwa nje phakathi kwami nokufa.” UJonathani wayesethi kuDavide: “Noma kuyini inhliziyo yakho ekushoyo, ngiyakukwenzela khona.” UDavide wathi kuJonathani: “Bheka, kusasa iyakwethwasa inyanga; angifanele ukuphutha ukuhlala nenkosi ekudleni, kepha ngivumele ukuba ngihambe, ngicashe endle kuze kube sosukwini lwesithathu ngakusihlwa. Uma uyihlo engifica ngingekho, wothi: ‘UDavide wacela nokucela ukuba agijimele eBetlehema umuzi wakhe, ngokuba kukhona lapho umhlatshelo weminyaka ngeminyaka owenzelwa wonke umndeni wakubo.’ Uma esho ukuthi: ‘Kulungile,’ inceku yakho iyakuba nokuthula; kepha uma ethukuthela, yazi-ke ukuthi unqume okubi. Ngalokho yenzela inceku yakho isihawu, ngokuba ungenisile inceku yakho esivumelwaneni sikaJehova nawe; kepha uma kukhona ububi kimi, ngibulale wena, ngokuba ubuyakungiyiselani kuyihlo na?” UJonathani wathi: “Makube kude nawe, ngokuba uma bengazi nakanci ukuthi kunqunywe okubi ngubaba ukuba wehlelwe yikho, bengingayikukutshela na?” UDavide wayesethi kuJonathani: “Ngubani oyakungitshela, uma mhlawumbe uyihlo ekuphendula kabi na?” UJonathani wathi kuDavide: “Woza siye endle.” Baphuma bobabili, baya endle. UJonathani wathi kuDavide: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, nxa ngimphenya ubaba ngalesi sikhathi kusasa noma ngomhlomunye, bheka, uma kukuhle kuDavide, ngiyakuthumela kuwe, ngikwambulele kuwe. UJehova makenze njalo kuJonathani, enezele futhi, uma kukuhle kubaba ukukwenzela okubi, ngingakwambuleli kuwe, ngikuvumele ukuba uhambe kahle; uJehova makabe nawe, njengalokho ayenobaba. Awuyikungenzela umusa kaJehova ukuba ngingafi ngisekhona kuphela, kepha futhi mawunganqumi isihawu sakho endlini yami kuze kube phakade, hhayi nalapho uJehova esenqumile zonke izitha zikaDavide ebusweni bomhlaba.” UJonathani wayesenza isivumelwano nendlu kaDavide; futhi uJehova wakubiza esandleni sezitha zikaDavide. UJonathani waphinda wamfungisa ukumthanda kwakhe, ngokuba wamthanda njengokuba ethanda umphefumulo wakhe.