1 uSamuweli 2:1-36

1 uSamuweli 2:1-36 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyethaba kuSimakade, uSimakade ungiqinisile, manje nginempendulo ezitheni zami, ngiyathokoza, ngokuba ungikhululile. “Akekho ongcwele njengoSimakade, akekho noyedwa ngaphandle kwakho; alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu. Ningabe nisakhuluma ngokuziqhenya, futhi makungaphumi kuqhosha emlonyeni wenu, ngokuba uSimakade unguNkulunkulu owazi konke; izenzo zilinganiswa nguye. “Iminsalo yamaqhawe yaphuliwe; abakhubekayo babhinciswa amandla. Abebesuthi sebeyaziqashisa ukuze bathole ukudla; abebelambile sebeyekile ukulamba. Yebo, obeyinyumba uzele abayisikhombisa; onabantwana abaningi uyancunzeka. “USimakade uyabulala, bese ephilisa; uyehlisela endaweni yabafileyo, bese enyusa. USimakade wenza abampofu bacebe; uyathobisa, bese ephakamisa. Uyamvusa ompofu othulini, uyayiphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izisekelo zomhlaba zingezikaSimakade; ubekile izwe phezu kwazo. “Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kodwa izikhohlakali ziyakubhujiswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakuphumelela ngamandla akhe odwa. Abamelana noSimakade bayakuphahlazwa; uyakuduma phezu kwabo esezulwini. USimakade uyakwehlulela amajukujuku omhlaba, aphe inkosi yakhe amandla, ogcotshiweyo wakhe amphakamise.” U-Elikhana waphindela eRama, endlini yakhe. Umntwana wakhonza uSimakade phansi kweso lika-Eli. Amadodana ka-Eli ayengabantu abakhohlakele; engamazi uSimakade. Kwakungumthetho wabaphristi kubantu ukuba nxa umuntu enikela ngomhlatshelo, kufike inceku yomphristi inyama isabila, iphethe imfologo ngesandla, ihlabe ngayo emcengezini, noma esocweni, noma ebhodweni, noma ekhanzini; konke ekukhiphayo imfologo, umphristi akuthathe kube ngokwakhe. Benza kanjalo eShilo kubo bonke abakwa-Israyeli ababefika khona. Kwakuthi engakashiswa amanoni, kufike inceku yomphristi ithi kumuntu owenza umhlatshelo: “Letha inyama eyokoselwa umphristi, ngokuba akazukuyithatha kuwe inyama ephekiweyo, kodwa eluhlaza.” Uma lowo muntu ethe kuyo: “Impela mabashise kuqala amanoni, andukuba uthathe inyama ngokuthanda kwakho,” yathi: “Hhayi, ilethe manje, uma ungayilethi ngizozithathela ngenkani.” Isono sezinsizwa sasisikhulu kakhulu phambi kukaSimakade, ngoba bawedelela umnikelo kaSimakade. USamuweli wakhonza uSimakade kusukela esemncane. Wayegqoka ingubo yamahlombe eyenziwe ngelineni. Unina wayemenzela ijazi minyaka yonke, kuthi lapho enyuka nomyeni wakhe ukuyokwenza umhlatshelo waminyaka yonke, amphathele lona. U-Eli wabusisa u-Elikhana nomkakhe, wathi: “USimakade makakunike uzalo ngalo wesifazane ngenxa yesipho enanikela ngaso kuSimakade.” Base bebuyela ekhaya. USimakade wamhambela uHana, wakhulelwa wazala amadodana amathathu namadodakazi amabili. Umntwana uSamuweli wakhula phambi kukaSimakade. U-Eli wayesemdala kakhulu, wezwa ngakho konke amadodana akhe ayekwenza kwa-Israyeli, nokuthi ayelala nabesifazane ababekhonza ngasemnyango wethende lokuhlangana. Wathi kuwo: “Nizenzeleni izinto ezinjalo na? Ngokuba ngiyezwa ngemisebenzi yenu emibi kubo bonke laba bantu. Qha, madodana ami, akusiwo umbiko omuhle engiwuzwa ukhulunywa ngabantu bakaSimakade ngani. Uma umuntu ona kumuntu, uNkulunkulu uyakumehlulela, kodwa uma umuntu ona kuSimakade, ngubani oyakumnxusela na?” Kepha awalalelanga izwi likayise ngokuba uSimakade wayefuna ukuwabulala. Umntwana uSamuweli waqhubeka wakhula, waba muhle kuSimakade nakubantu. Kwafika umuntu kaNkulunkulu ku-Eli, wathi kuye: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Angithi ngazibonakalisa kuyo indlu kayihlo, beseseGibhithe endlini kaFaro. Ngamkhetha kuzo zonke izizwana zakwa-Israyeli ukuba abe ngumphristi wami, anikele e-althare lami, ashise impepho kulo, embathe ingubo yamahlombe phambi kwami, ngayinika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantu bakwa-Israyeli. Kungani niwedelela umhlatshelo wami nomnikelo wami engiyale ngakho endlini yami, uhloniphe amadodana akho kunami, nizikhuluphalise ngeminikelo emihle yakwa-Israyeli, yabantu bami na?’ “Ngakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Impela ngasho ukuthi indlu yakho nekayihlo ziyongena ziphume ebukhoneni bami kuze kube phakade. Uyabona-ke, ziyeza izinsuku engiyakunquma ngazo amandla akho namandla endlu kayihlo ukuze kungabi bikho ngwevu endlini yakho, futhi uyakukubona ukuhlupheka kwendlu yami. Nakuba konke okuhle kuyakwenzelwa u-Israyeli, kodwa akuyukuba bikho ngwevu endlini yakho, kuze kube phakade. Kepha umuntu engingayukumsusa e-althare lami phambi kwakho, yilowo oyoletha izinyembezi aze afiphazeke amehlo akho, noyogcwalisa umphefumulo wakho ngosizi. Bonke abendlu yakho bayakufa sebengamadoda. “ ‘Lokhu kuyakuba yisiboniso kuwe esiyakwehlela amadodana akho amabili, uHofini noFinehasi; ngalusuku lunye, bayakufa bobabili. Ngiyakuzivusela umphristi othembekileyo oyokwenza njengalokho okusenhliziyweni yami nasengqondweni yami; ngiyakumakhela indlu eqinileyo. Uyakuhamba phambi kogcotshiweyo wami kuze kube phakade. Kuyakuthi bonke abasele endlini yakho, bafike bamkhothamele ngohlamvu lwesiliva nangeqebelengwane lesinkwa, bathi: “Ake ungibeke kwesinye sezikhundla zomphristi ukuze ngidle ucezu lwesinkwa.” ’ ”

1 uSamuweli 2:1-36 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyethaba kuJehova, uphondo lwami luphakeme kuJehova; umlomo wami ukhamisile phezu kwezitha zami, ngokuba ngenama ngensindiso yakho. “Akakho ongcwele njengoJehova, ngokuba akakho noyedwa ngaphandle kwakho; futhi alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu. Ningabe nisakhuluma ngokuzidla kangaka, kungaphumi ukuqhosha emlonyeni wenu, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwazi; izenzo zilinganiswa nguye. “Iminsalo yamaqhawe yaphuliwe, kepha abakhubekayo babhinciswa amandla. Ababesuthile baqashelwa isinkwa; ababelambile sebeyekile ukulamba; yebo, oyinyumba uzele abayisikhombisa; onabantwana abaningi uyawuma. “UJehova uyabulala, abesephilisa; uyehlisela endaweni yabafileyo, abesenyusa. UJehova uyaphofisa, abesecebisa; uyathobisa, abesephakamisa. Uyamvusa ompofu othulini, uyaphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova; ubekile izwe phezu kwazo. “Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla. Abalwa noJehova bayakuphahlazwa; uyakuduma ezulwini phezu kwabo; uJehova uyakwahlulela amajukujuku omhlaba, anike inkosi yakhe amandla, aphakamise uphondo logcotshiweyo wakhe.” U-Elkana waya eRama endlini yakhe. Umntwana wakhonza uJehova phambi kuka-Eli umpristi. Amadodana ka-Eli ayengabantu ababi; ayengamazi uJehova. Kwakungumthetho wabapristi kubantu ukuba, nxa umuntu enikela ngomhlatshelo, kufike inceku yompristi inyama isabila, iphethe ngesandla ingwegwe emazinyo mathathu, ihlabe ngayo emcengezini, noma esocweni, noma ebhodweni, noma ekhanzini; konke ekwenyusayo ingwegwe, umpristi wakuthatha. Benze njalo eShilo kubo bonke abakwa-Israyeli ababefika khona. Yebo, bengakashisi amanoni, yafika inceku yompristi, yathi kumuntu ohlabayo: “Letha inyama yokoselwa umpristi, ngokuba akayikuthatha kuwe inyama ephekiweyo kepha eluhlaza.” Uma lowo muntu wathi kuye: “Bayakushisa nokushisa amanoni kuqala, besewuthatha njengokuthanda kwakho,” yathi: “Hhayi, woyiletha manje; uma ungayilethi, ngiyakuyithatha ngamandla.” Isono sezinsizwa sasisikhulu kakhulu phambi kukaJehova, ngokuba abantu bawudelela umnikelo kaJehova. USamuweli wakhonza phambi kukaJehova esengumntwana, egqoke ingubo yamahlombe yelineni. Futhi unina wamenzela ijazana, waliyisa kuye iminyaka ngeminyaka esenyuka nomyeni wakhe ukuyonikela ngomhlatshelo weminyaka yonke. U-Eli wabusisa u-Elkana nomkakhe, wathi: “UJehova makakunike inzalo ngalo wesifazane ngenxa yalokho uJehova atshelekwa khona.” Base bebuyela ekhaya. UJehova wamhambela uHana; wakhulelwa, wazala amadodana amathathu namadodakazi amabili. Umntwana uSamuweli wakhula phambi kukaJehova. U-Eli wayesemdala kakhulu, wezwa konke amadodana akhe akwenzayo ku-Israyeli wonke, nokuthi ayelala nabesifazane ababekhonza ngasemnyango wetende lokuhlangana. Wathi kuwo: “Nenzelani izinto ezinjalo na? Ngokuba ngiyezwa imisebenzi yenu emibi kubo bonke laba bantu. Hhayi, madodana ami, akusilo izwi elihle engilizwayo lenekwa ngabantu bakaJehova. Uma umuntu ona kumuntu, uNkulunkulu uyakumahlulela, kepha uma umuntu ona kuJehova, uyakulanyulelwa ngubani na?” Kodwa awalalelanga izwi likayise, ngokuba uJehova wayethanda ukuwabulala. Umntwana uSamuweli waqhubeka wakhula, waba muhle kuJehova nakubantu. Kwafika umuntu kaNkulunkulu ku-Eli, wathi kuye: “UJehova usho kanje, uthi: ‘Angithi ngazibonakalisa kuyo indlu kayihlo, beseseGibithe besendlini kaFaro. Ngamkhetha kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abe ngumpristi wami, anikele e-altare lami, ashise impepho, afake ingubo yamahlombe phambi kwami, nganika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantwana bakwa-Israyeli. Niwukhahlelelani umhlatshelo wami nomnikelo wami engiyale ngakho endlini yami, udumise amadodana akho phezu kwami, nizikhuluphalise ngeminikelo emihle kunayo yonke yakwa-Israyeli, abantu bami, na?’ “Ngalokho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uthi: ‘Ngasho nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo yohamba phambi kwami kuze kube phakade.’ Kepha manje uJehova uthi: ‘Makube kude nami, ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa; abangidelelayo bayakweyiswa. Bheka, izinsuku ziyeza engiyakunquma ngazo ingalo yakho nengalo yendlu kayihlo ukuba kungabikho xhegu endlini yakho. Uyakubona ukuhlupheka kwendlu yami kukho konke okuhle ayakwenzelwa khona u-Israyeli; akuyikubakho xhegu endlini yakho kuze kube phakade. Kepha angiyikumnquma umuntu wakho e-altare lami ukuba aqede amehlo akho, abangele usizi umphefumulo wakho; yonke inzalo yendlu yakho iyakufa isebudodeni bayo. “ ‘Lokhu kuyakuba yisiboniso kuwe esiyakwehlela amadodana akho amabili, oHofini noFinehasi; ngalusuku lunye bayakufa bobabili. Ngiyakuzivusela umpristi othembekileyo oyakwenza njengokusenhliziyweni yami nasengqondweni yami; ngiyakumakhela indlu eqinileyo; uyakuhamba phambi kogcotshiweyo wami kuze kube phakade. Kuyakuthi bonke abasele endlini yakho bafike bamkhothamele ngohlamvu lwesiliva neqebelengwane lesinkwa, bathi: “Ake ungibeke kwesinye sezikhundla zompristi ukuba ngidle ucezu lwesinkwa.” ’ ”

1 uSamuweli 2:1-36 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyajabula kuJehova, uphondo lwami luphakeme kuJehova; umlomo wami uvulekile phezu kwezitha zami; ngoba ngithokoza ngensindiso yakho. Akakho onjengoJehova, ngokuba akakho omunye ngaphandle kwakho, futhi alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu. Ungabe usakhuluma ngokuzidla; makungaphumi ukuzidla emlonyeni wenu, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwazi, nezenzo zikalwa nguye. Iminsalo yabanamandla yaphuliwe, nabakhubekayo babhincwe amandla. Ababesuthi bazithengisela isinkwa; abalambileyo banqamuka, oyinyumba wazala abayisikhombisa; laye owayelabantwana abanengi waba buthakathaka. UJehova uyaphilisa; wehlela eHayidesi, akhuphule; UJehova uyampofu, acebise; Uyazithoba futhi aphakamise. Uyavusa ompofu othulini, aphakamise isinxibi endundumeni yomquba, ukuze asibeke phakathi kwezikhulu, abenze badle ifa lesihlalo sobukhosi senkazimulo; ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova, izwe liphezu kwazo. Uzalinda inyawo zabangcwele bakhe, lababi bazathuliswa ebumnyameni; ngoba ngamandla kakho ozanqoba. Abamelene noJehova bayochotshozwa; esezulwini uyakuduma phezu kwabo; uJehova uyakwahlulela imikhawulo yomhlaba; iyakunika inkosi yayo amandla, iphakamise uphondo logcotshiweyo wayo. U-Elkana waya eRama endlini yakhe. Umfana wakhonza uJehova phambi kompristi u-Eli. Amadodana ka-Eli ayengamadodana kaBheliyali; babengamazi uJehova. Umkhuba wabapristi phakathi kwabantu wawuwukuthi, lapho umuntu enikela ngomhlatshelo, kwafika inceku yompristi inyama isabila, iphethe ikona lenyama elinamazinyo amathathu esandleni sayo; Wakushaya epanini, noma embizeni, noma embizeni, noma embizeni; konke okwakhushulwa yikona lenyama, umpristi wazithathela yena. Yilokho abakwenza eShilo nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli ababefika khona. Futhi bengakashisi amanoni, inceku yompristi yeza, yathi kumuntu onikela ngomhlatshelo: “Nika umpristi inyama yokosa; ngoba akayikucwiliswa inyama kuwe, kodwa eluhlaza. Uma umuntu ethi kuye: “Mabangashisi amanoni ngalesi sikhathi, bese uthatha njengokufisa komphefumulo wakho; wayesemphendula wathi: Cha; kodwa kufanele unginike yona manje; uma kungenjalo, ngiyakuyithatha ngamandla. Ngakho isono sabafana saba sikhulu kakhulu phambi kukaJehova, ngoba abantu babewuzonda umnikelo kaJehova. Kodwa uSamuweli wayesebenza esemncane phambi kukaJehova, ebhince isambatho samahlombe selineni. Ngaphezu kwalokho, amadoda ayemenzela ingubo, amadoda ayemlethela iminyaka ngeminyaka lapho ekhuphuka nomyeni wakhe ukuzokwenza umhlatshelo weminyaka yonke. U-Eli wambusisa u-Elkana nomkakhe, wathi: “UJehova makakuphe inzalo ngalo wesifazane esikhundleni sokubolekwa uJehova. Basuka baya endlini yabo. UJehova wamhambela uHana, wakhulelwa, wazala amadodana amathathu namadodakazi amabili. Umntwana uSamuweli wakhula phambi kukaJehova. U-Eli wayesemdala kakhulu, wezwa konke amadodana akhe akwenzayo ku-Israyeli wonke; nokuthi balala kanjani nabesifazane ababebuthene ngasemnyango wetende lokuhlangana. Wathi kubo: “Nenzelani izinto ezinjalo na?” Ngoba ngiyezwa ngezenzo zakho ezimbi phakathi kwabo bonke lababantu. Cha, madodana ami; ngokuba akusiwo umbiko omuhle engiwezwayo: nenza abantu bakaJehova ukuba baphambuke. Uma umuntu ona komunye, umahluleli makamahlulele; kepha uma umuntu ona kuJehova, ngubani ongamlamulela na? Kodwa kabalilalelanga ilizwi lendoda, ngoba uJehova wayezababulala. Umntwana uSamuweli wakhula, wathandeka kuJehova nakubantu. Kwasekufika umuntu kaNkulunkulu kuEli, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ingabe ngabonakala nokubona endlini kayihlo beseseGibithe endlini kaFaro na? Futhi ngimkhethile yini kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abe ngumpristi wami, anikele phezu kwami, akhuphule impepho, embathe indwangu yesaka phambi kobuso bami, na? Ngiyinikile indlu kayihlo yonke iminikelo yokushiswa yabantwana bakwa-Israyeli na? Kungakho ukhahlela isisulu sami nomhlatshelo wami enginawo endaweni yami yokuhlala; nidumise amadodana enu ngaphezu kwami, ukuze nizikhukhumeze ngenhlokweni yemihlatshelo yonke yabantu bami u-Israyeli na? Ngalokho usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngishilo nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo iyakuhamba phambi kwami kuze kube phakade; kepha Jehova muntu, makube kude nami; Ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa, nabangidelelayo bayakuba-delelekile. Bheka, izinsuku ziyeza engiyakunquma ngazo ingalo yakho nengalo yendlu kayihlo ukuba kungabikho xhegu endlini yakho; bhekani endlini yami kukho konke okuhle uNkulunkulu ayakunika u-Israyeli; futhi kakuyikuba khona ixhegu endlini yakho kuze kube phakade. Umuntu wakini engingayikumbhubhisa kumama, uyakuqeda amehlo akho, enze inhliziyo yakho ibe lusizi; Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe esiyakwehlela amadodana akho omabili, phezu kukaHofini noFinehasi; ngelinye ilanga bayofa bobabili. Ngiyakuzivusela umpristi othembekileyo oyakwenza njengokusenhliziyweni yami nasengqondweni yami; ngiyakumakhela indlu eqinile; futhi uyohamba phambi kogcotshiweyo wami kuze kube phakade. Bonke abaseleyo endlini yakho bayakukhuleka kuye bafune uhlamvu lwesiliva nocezu lwesinkwa, bathi: ‘Ngibeke komunye wabapristi.’ Amahhovisi, ukuthi ngingadla ucezu lwesinkwa.

1 uSamuweli 2:1-36

1 uSamuweli 2:1-36 ZUL591 uSamuweli 2:1-36 ZUL591 uSamuweli 2:1-36 ZUL591 uSamuweli 2:1-36 ZUL59