1 uSamuweli 18:6-9
1 uSamuweli 18:6-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi lapho befika, uDavide esebuya ekubulaleni umFilisti, abesifazane baphuma emizini yonke kwa-Israyeli, behlabelela besina, beyohlangabeza uSawule, inkosi, ngezigubhu, nangokhehlegume, bethokoza. Abesifazane bahlabelela bedlalisela, bethi: “USawule ubulele izinkulungwane zakhe, kodwa uDavide izinkulungwane zakhe ezilishumi.” USawule wathukuthela kakhulu, laba libi lelo lizwi emehlweni akhe, wathi: “Banike uDavide izinkulungwane ezilishumi, kodwa mina banginike izinkulungwane nje; osekumsalele ngumbuso kuphela.” USawule wamqaphelisisa uDavide kusukela kulolo lusuku.
1 uSamuweli 18:6-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ekufikeni kwabo, uDavide esebuya ekubulaleni umFilisti, abesifazane baphuma emizini yonke yakwa-Israyeli, behlabelela besina, ukuba bamhlangabeze uSawule inkosi ngezigubhu, nangokuthokoza, nangezinkenenezo. Abesifazane bavumelana ngokudlala, bathi: “USawule ubulele izinkulungwane zakhe, kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi.” USawule wathukuthela kakhulu, laba libi lelo zwi emehlweni akhe; wathi: “Bamnike uDavide izinkulungwane eziyishumi, kepha mina banginike izinkulungwane nje; sekumsalele umbuso kuphela.” USawule wambheka uDavide kusukela kulolo suku kuya phambili.
1 uSamuweli 18:6-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Lapho befika, lapho uDavide ebuya ekubulaleni umFilisti, abesifazane baphuma emizini yonke yakwa-Israyeli, behlabelela futhi besina ukuhlangabeza inkosi uSawule ngezigubhu nokujabula nezinsimbi zokubethwa. Abesifazane baphendulana bedlala, bathi: “USawule ubulele izinkulungwane zakhe, uDavide amashumi ezinkulungwane zakhe.” USawuli wathukuthela kakhulu, lelizwi laba libi kuye; uthi: Banika uDavide izinkulungwane eziyishumi, banginika izinkulungwane kuphela; futhi yini angaba nayo ngaphezu kombuso? USawule wambheka uDavide kusukela ngalolo suku kuqhubeke.