1 uSamuweli 18:1-30

1 uSamuweli 18:1-30 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi eseqedile ukukhuluma noSawule, inhliziyo kaJonathani yanamathela enhliziyweni kaDavide. UJonathani wamthanda njengoba ezithanda yena. USawule wamthatha ngalolo suku uDavide, akabe esamvumela ukuba abuyele endlini kayise. UJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba uJonathani wamthanda njengoba ezithanda yena. UJonathani wakhumula ingubo ayeyigqokile, wayinika uDavide, nezinye izembatho zakhe, inkemba yakhe, umnsalo wakhe nebhande lakhe. UDavide wayeya noma kuphi lapho uSawule ayemthuma khona, wayehlabana. USawule wambeka ukuba aphathe amabutho. UDavide wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule. Kwathi lapho befika, uDavide esebuya ekubulaleni umFilisti, abesifazane baphuma emizini yonke kwa-Israyeli, behlabelela besina, beyohlangabeza uSawule, inkosi, ngezigubhu, nangokhehlegume, bethokoza. Abesifazane bahlabelela bedlalisela, bethi: “USawule ubulele izinkulungwane zakhe, kodwa uDavide izinkulungwane zakhe ezilishumi.” USawule wathukuthela kakhulu, laba libi lelo lizwi emehlweni akhe, wathi: “Banike uDavide izinkulungwane ezilishumi, kodwa mina banginike izinkulungwane nje; osekumsalele ngumbuso kuphela.” USawule wamqaphelisisa uDavide kusukela kulolo lusuku. Kwathi ngangomuso umoya omubi owawuvela kuNkulunkulu wehlela kuSawule, waphrofetha ephakathi endlini. UDavide wayeshaya ihabhu ngesandla sakhe izinsuku ngezinsuku. USawule wayephatha umkhonto ngesandla sakhe. USawule waciba umkhonto, wathi: “Ngiyakumphisela odongeni uDavide.” Kepha uDavide wagwija kwaze kwaba kabili phambi kwakhe. USawule wamesaba uDavide, ngoba uSimakade wayenaye, kodwa esesukile kuye. USawule wamqhelisa kuye, wayesembeka ukuba abe ngumkhuzi wempi yakhe yenkulungwane; ehola abantu, ephuma engena nabo. UDavide waba nempumelelo kuzo zonke izindlela zakhe; uSimakade wayenaye. USawule ebona ukuthi uDavide unempumelelo, wamesaba. Kepha wonke u-Israyeli noJuda bamthanda uDavide, ngokuba wayebahola, engena ephuma nabo. USawule wathi kuDavide: “Bheka, indodakazi yami endala, uMerabi, ngizokuganisela yona, ibe ngumkakho. Wena yiba yiqhawe lami nje kuphela, ulwe izimpi zikaSimakade.” Ngokuba uSawule wathi: “Makungabi yisandla sami esimenzakalisayo, kodwa makube yisandla samaFilisti.” UDavide wathi kuSawule: “Ngingubani nje mina, kuyini ukuphila kwami, nomndeni kababa uyini kwa-Israyeli ukuba ngingaba ngumkhwenyana wenkosi, na?” Kwathi lapho kufika isikhathi sokuthi uMerabi, indodakazi kaSawule, agane uDavide, uSawule uyise, wamganisela u-Adriyeli waseMehola, waba ngumkakhe. UMikhali, indodakazi kaSawule, wayemthanda uDavide. Abantu bamtshela uSawule, kwaba kuhle lokho kuye wavumelana nakho. Wayesethi uSawule: “Ngiyakumganisela yena abe lugibe kuye, ukuze isandla samaFilisti simenzakalise.” Ngalokho uSawule wathi kuDavide: “Uyakuba ngumkhwenyana ngokwesibili namuhla.” USawule wayaleza ezincekwini zakhe, wathi: “Khulumani noDavide ngasese, nithi: ‘Uyabona, inkosi yenamile ngawe, nazo zonke izinceku zayo ziyakuthanda, ngakho-ke yiba ngumkhwenyana wenkosi.’ ” Izinceku zikaSawule zakhuluma lawo mazwi ezindlebeni zikaDavide. UDavide wathi: “Kuyinto elula yini emehlweni enu ukuba ngumkhwenyana wenkosi, lokhu ngingumuntu ompofu nodelelekileyo na?” Izinceku zikaSawule zamtshela, zathi: “Ukhulume kanjalo-ke uDavide.” USawule wathi: “Niyakusho kanje kuDavide, nithi: ‘Inkosi ayifuni lobolo, ifuna kuphela amajwabu ayikhulu amaFilisti ukuba kuphindiselwe ezitheni zenkosi.’ ” USawule wayecabanga ukuthi uDavide uzobulawa ngamaFilisti. Izinceku zakhe zambikela uDavide lawo mazwi, kwaba kuhle emehlweni kaDavide ukuba abe ngumkhwenyana wenkosi, kepha izinsuku zazingakapheleli. UDavide nabantu bakhe basuka baya kumaFilisti, babulala angama-200. UDavide waletha amajwabu awo; bawayisa enkosini ephelele ukuba abe ngumkhwenyana wenkosi. USawule wayesemganisela uMikhali, indodakazi yakhe, waba ngumkakhe. USawule wakubona lokho, wazi ukuthi uSimakade unoDavide. UMikhali, indodakazi kaSawule, wamthanda uDavide. Kwakhula kakhulu kuSawule ukumesaba uDavide. USawule wayeyisitha sikaDavide sonke isikhathi. Kwakuthi njalo lapho kuhlasela abakhuzi bempi yamaFilisti, uDavide wayehlabana ngokudlulele kunazo zonke izinceku zikaSawule; igama lakhe laduma kakhulu.

1 uSamuweli 18:1-30 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi eseqedile ukukhuluma kuSawule, inhliziyo kaJonathani yanamathela enhliziyweni kaDavide, uJonathani wamthanda njengenhliziyo yakhe. USawule wamthatha ngalolo suku, akabe esamvumela ukubuyela endlini kayise. OJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba wamthanda njengenhliziyo yakhe. UJonathani wakhumula ingubo ayenayo, wayinika uDavide, nezinye izambatho zakhe kwaze kwaba nenkemba yakhe, nomnsalo wakhe, nebhande* lakhe. UDavide waphuma, waya nomaphi lapho uSawule emthuma khona, waziphatha ngokuhlakanipha; uSawule wambeka phezu kwamadoda empi; wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule. Kwathi ekufikeni kwabo, uDavide esebuya ekubulaleni umFilisti, abesifazane baphuma emizini yonke yakwa-Israyeli, behlabelela besina, ukuba bamhlangabeze uSawule inkosi ngezigubhu, nangokuthokoza, nangezinkenenezo. Abesifazane bavumelana ngokudlala, bathi: “USawule ubulele izinkulungwane zakhe, kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi.” USawule wathukuthela kakhulu, laba libi lelo zwi emehlweni akhe; wathi: “Bamnike uDavide izinkulungwane eziyishumi, kepha mina banginike izinkulungwane nje; sekumsalele umbuso kuphela.” USawule wambheka uDavide kusukela kulolo suku kuya phambili. Kwathi ngangomuso umoya omubi owavela kuNkulunkulu wamehlela uSawule, wabheva phakathi kwendlu; uDavide wayebetha ngesandla sakhe njengokwenza kwakhe izinsuku ngezinsuku; uSawule wayenomkhonto wakhe esandleni sakhe. USawule wawuciba umkhonto, ngokuba wathi: “Ngiyakumbhujela uDavide odongeni.” Kepha uDavide washalaza phambi kwakhe kabili. USawule wamesaba uDavide, ngokuba uJehova wayenaye, kepha wayesukile kuSawule. Ngalokho uSawule wamsusa kuye, wambeka abe yinduna yakhe yenkulungwane; wayephuma engena phambi kwabantu. UDavide waziphatha ngokuhlakanipha kuzo zonke izindlela zakhe; uJehova wayenaye. Lapho uSawule ebona ukuthi waziphatha ngokuhlakanipha, wamesaba. Kepha wonke u-Israyeli noJuda bamthanda uDavide, ngokuba wayephuma engena phambi kwabo. USawule wathi kuDavide: “Bheka, indodakazi yami enkulu uMerabi ngiyakukunika yona ibe ngumkakho; yiba yiqhawe lami kuphela, ulwe izimpi zikaJehova.” Ngokuba uSawule wathi: “Isandla sami masingabi phezu kwakhe, kepha isandla samaFilisti masibe phezu kwakhe.” UDavide wathi kuSawule: “Mina ngingubani, kuyini ukuphila kwami, nomndeni kababa uyini kwa-Israyeli ukuba ngibe ngumkhwenyana wenkosi?” Kepha kwathi ngesikhathi uMerabi indodakazi kaSawule ebeyakunikwa uDavide, wanikwa ku-Adriyeli waseMehola abe ngumkakhe. UMikhali indodakazi kaSawule wamthanda uDavide; bamtshela uSawule, kwaba kuhle emehlweni akhe. Wayesethi uSawule: “Ngiyakumnika yena ukuba abe lugibe kuye, isandla samaFilisti sibe phezu kwakhe.” Ngalokho uSawule wathi kuDavide: “Uyakuba ngumkhwenyana wami ngokwesibili namuhla.” USawule wayaleza izinceku zakhe ngokuthi: “Khulumani noDavide ngasese, nithi: ‘Bheka, inkosi yenamile ngawe, nazo zonke izinceku zayo ziyakuthanda; ngalokho yiba ngumkhwenyana wenkosi.’ ” Izinceku zikaSawule zakhuluma lawo mazwi ezindlebeni zikaDavide. UDavide wathi: “Kuyinto elula emehlweni enu ukuba ngibe ngumkhwenyana wenkosi, lokhu ngingumuntu ompofu nodelelikileyo na?” Izinceku zikaSawule zamtshela zathi: “Wakhuluma kanjalo uDavide.” USawule wathi: “Niyakusho kanje kuDavide, nithi: ‘Inkosi ayifuni ilobolo, kuphela amajwabu ayikhulu amaFilisti ukuba kuphindiswe ezitheni zenkosi.’ ” USawule wacabanga ukumwisa uDavide ngesandla samaFilisti. Izinceku zakhe zamtshela uDavide lawo mazwi, kwaba kuhle emehlweni kaDavide ukuba abe ngumkhwenyana wenkosi, kepha izinsuku zazingakapheleli; uDavide wasuka waya, yena nabantu bakhe, wabulala kuwo amaFilisti abantu abangamakhulu amabili; uDavide waletha amajwabu abo, bawayisa enkosini ephelele ukuba abe ngumkhwenyana wenkosi. USawule wayesemnika uMikhali indodakazi yakhe abe ngumkakhe. USawule wabona, wazi ukuthi uJehova unoDavide; uMikhali indodakazi kaSawule wamthanda. USawule wayesemesaba uDavide kakhulu; uSawule wayeyisitha sikaDavide sonke isikhathi. Kwase kuphuma izikhulu zamaFilisti; kwathi njalo uma zisaphuma, uDavide waziphatha ngokuhlakanipha kakhulu kunazo zonke izinceku zikaSawule, laze laduma kakhulu igama lakhe.

1 uSamuweli 18:1-30 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi eseqedile ukukhuluma loSawuli, umphefumulo kaJonathani wanamathela emphefumulweni kaDavida; uJonathani wamthanda njengomphefumulo wakhe. USawule wamthatha ngalolo suku, akamvumelanga ukuba aye endlini kayise. UJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba wayemthanda njengomphefumulo wakhe. UJonathani wakhumula ingubo ayeyigqokile, wayinika uDavide, nezingubo zakhe kuze kufike enkembeni yakhe, kwaze kwafika kumnsalo wakhe, nasebhandeni lakhe. UDavide waphuma nomaphi lapho uSawule emthuma khona, wenza ngokuhlakanipha; uSawule wammisa phezu kwamadoda empi, waba muhle emehlweni abo bonke abantu nasemehlweni ezinceku zikaSawule. Lapho befika, lapho uDavide ebuya ekubulaleni umFilisti, abesifazane baphuma emizini yonke yakwa-Israyeli, behlabelela futhi besina ukuhlangabeza inkosi uSawule ngezigubhu nokujabula nezinsimbi zokubethwa. Abesifazane baphendulana bedlala, bathi: “USawule ubulele izinkulungwane zakhe, uDavide amashumi ezinkulungwane zakhe.” USawuli wathukuthela kakhulu, lelizwi laba libi kuye; uthi: Banika uDavide izinkulungwane eziyishumi, banginika izinkulungwane kuphela; futhi yini angaba nayo ngaphezu kombuso? USawule wambheka uDavide kusukela ngalolo suku kuqhubeke. Kwathi ngangomuso umoya omubi kaNkulunkulu wehlela uSawule, waprofetha phakathi kwendlu; uDavide wabetha ngesandla sakhe njengakuqala, kwakukhona umkhonto esandleni sikaSawule. USawule wawuphonsa umkhonto; ngoba wathi: Ngizamtshaya uDavida ngalo emdulini. UDavide wasuka kabili ebusweni bakhe. USawule wamesaba uDavide, ngokuba uJehova wayenaye, wasuka kuSawule. Ngakho uSawule wamsusa kuye, wambeka umbusi wenkulungwane; waphuma, wangena phambi kwabantu. UDavide waziphatha ngokuhlakanipha kuzo zonke izindlela zakhe; uJehova wayenaye. Ngakho lapho uSawule ebona ukuthi uhlakaniphe kakhulu, wamesaba. Kepha wonke u-Israyeli noJuda bamthanda uDavide, ngokuba wayengena ephuma phambi kwabo. USawule wathi kuDavide: “Bheka, indodakazi yami endala uMerabi ngiyakukunika yona ibe ngumkakho; vele ube nesibindi ngami, ulwe izimpi zikaJehova. Ngokuba uSawule wathi: “Isandla sami masingabi phezu kwakhe, kepha isandla samaFilisti masimelane naye.” UDavida wasesithi kuSawuli: Ngingubani mina? futhi iyini impilo yami noma inzalo kababa kwa-Israyeli ukuba ngibe ngumkhwenyana wenkosi? Kodwa ngesikhathi uMerabi indodakazi kaSawuli ephiwa uDavida, wanikwa u-Adriyeli umMeholathi abe ngumkakhe. UMikhali indodakazi kaSawule wathanda uDavide; USawuli wasesithi: Ngizamnika yena, ukuze abe lugibe kuye, abe yisandla samaFilisti phezu kwakhe. USawuli wasesithi kuDavida: Uzakuba ngumkhwenyana wami lamuhla kokukodwa kwakho kokubili. USawule wayala izinceku zakhe, wathi: “Khulumani kuDavide ngasese nithi: ‘Bheka, inkosi ithokozile ngawe, nezinceku zayo zonke ziyakuthanda; bese kuba umkhwenyana wenkosi manje. Izinceku zikaSawule zakhuluma lawa mazwi ezindlebeni zikaDavide. UDavide wathi: “Kuyinto elula kuwe ukuba ngumkhwenyana wenkosi, lokhu mina ngithiwe ngimpofu nomncane na? Izinceku zikaSawule zamtshela zathi: “Usho kanje uDavide. USawule wathi: “Niyakusho kanje kuDavide, nithi: ‘Inkosi ayifuni ilobolo, kepha amajwabu ayikhulu amaFilisti ukuba aphindisele ezitheni zenkosi. Kodwa uSawule wacabanga ukumyeka uDavide awe ngesandla samaFilisti. Izinceku zakhe zamtshela uDavide lawo mazwi, kwaba kuhle kuDavide ukuba abe ngumkhwenyana wenkosi, kepha izinsuku zazingakapheli. UDavide wazilungiselela, wahamba yena nabantu bakhe, wabulala kumaFilisti amadoda angamakhulu amabili; uDavida waletha amajwabu awo, basebenika inkosi indaba zonke, ukuze abe ngumkhwenyana wenkosi. USawule wamnika uMikhali indodakazi yakhe ibe ngumkakhe. USawule wabona, wazi ukuthi uJehova wayenoDavide nokuthi uMikhali indodakazi kaSawule wayemthanda. USawule wamesaba kakhulu uDavide; uSawule waba yisitha sikaDavide kulo lonke. Zase ziphuma izikhulu zamaFilisti, zaphuma, uDavide waziphatha ngokuhlakanipha ngaphezu kwazo zonke izinceku zikaSawule; ukuze igama lakhe libe likhulu.