1 uSamuweli 17:45-47
1 uSamuweli 17:45-47 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, umkhonto nengcula, kodwa mina ngiza kuwe ngegama likaSimakade Wamabandla, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisileyo. Namuhla uSimakade uzokunikela esandleni sami. Ngizokubulala, ngikunqume ikhanda. Khona namuhla izidumbu zempi yamaFilisti ngizozinika izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba, ukuze umhlaba wazi ukuthi ukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli. Yonke le nhlangano iyokwazi ukuthi uSimakade akasindisi ngenkemba nangomkhonto, ngokuba impi ingekaSimakade; uyakuninikela esandleni sethu.”
1 uSamuweli 17:45-47 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nengcula, kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisile. Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami; ngiyakukubulala, ngisuse ikhanda lakho kuwe, nginike namuhla izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba izidumbu zempi yamaFilisti, ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli, yazi yonke le nhlangano ukuthi uJehova akasindisi ngenkemba nangomkhonto; ngokuba ukulwa kungokukaJehova; uyakuninikela esandleni sethu.”
1 uSamuweli 17:45-47 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nesihlangu; kepha mina ngiza kuwe egameni likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu Sebawoti ka-Israyeli. Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami; ngiyakukwehlula, ngisuse ikhanda lakho kuwe; ngiyakuzinika namuhla izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba izidumbu zebutho lamaFilisti; ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli. Lonke leli bandla liyakwazi ukuthi uJehova akophuli ngenkemba nangomkhonto; ngokuba impi ingekaJehova, uyakuninikela esandleni sethu.