1 uSamuweli 17:45-46
1 uSamuweli 17:45-46 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nesihlangu; kepha mina ngiza kuwe egameni likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu Sebawoti ka-Israyeli. Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami; ngiyakukwehlula, ngisuse ikhanda lakho kuwe; ngiyakuzinika namuhla izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba izidumbu zebutho lamaFilisti; ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli.
1 uSamuweli 17:45-46 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, umkhonto nengcula, kodwa mina ngiza kuwe ngegama likaSimakade Wamabandla, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisileyo. Namuhla uSimakade uzokunikela esandleni sami. Ngizokubulala, ngikunqume ikhanda. Khona namuhla izidumbu zempi yamaFilisti ngizozinika izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba, ukuze umhlaba wazi ukuthi ukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli.
1 uSamuweli 17:45-46 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nengcula, kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisile. Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami; ngiyakukubulala, ngisuse ikhanda lakho kuwe, nginike namuhla izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba izidumbu zempi yamaFilisti, ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli