1 uSamuweli 17:32-51
1 uSamuweli 17:32-51 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UDavide wayesethi kuSawule: “Makungaphelelwa nhliziyo yamuntu ngenxa yakhe; inceku yakho iyakuhamba, ilwe nalo mFilisti. USawule wayesethi kuDavide: “Awunakwenyuka ukulwa nalo mFilisti, ngokuba wena uyinsizwa, kepha yena uyindoda yempi kwasebusheni bakhe. UDavide wayesethi kuSawule: “Inceku yakho yayiluse izimvu zikayise, kwafika ingonyama nebhere, zathatha imvu emhlambini; Ngaphuma ngiyilandela, ngayishaya, ngayisindisa emlonyeni wayo; lapho ingivukela, ngayibamba ngentshebe ngayishaya ngayibulala. Inceku yakho ibulele kokubili ingonyama nebhere, futhi lo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yazo, ngoba udelele amabutho kaNkulunkulu ophilayo. Futhi uDavide wathi: “UJehova owangisindisa esandleni sengonyama nasoshawini lwebhere, nguyena oyangisindisa esandleni salo mFilisti. USawuli wasesithi kuDavida: Hamba, njalo uJehova uzakuba lawe. USawule wagqokisa uDavide izikhali zakhe, wafaka isigqoko sethusi ekhanda lakhe; wabuye wahloma ngesikhali. UDavide wabhinca inkemba yakhe empahleni yakhe, wazama ukuhamba; ngoba akazange akufakazele. UDavide wayesethi kuSawule: “Anginakuhamba nawo; ngoba kangibalinganga. UDavide wawasusa kuye. Waphatha udondolo lwakhe esandleni sakhe, wazikhethela amatshe ayisihlanu abushelezi emfudlaneni, wawafaka esikhwameni esikhwameni somalusi ayenaso; indwayimane yakhe yayisesandleni sakhe, wasondela kumFilisti. UmFilisti wasesiza, wasondela kuDavida; indoda ephethe isihlangu yaphuma phambi kwakhe. UmFilisti waqalaza, wabona uDavide, wameyisa, ngokuba engumfana ebomvana, emuhle ebusweni. UmFilisti wasesithi kuDavida: Ngiyinja yini ukuthi uze kimi uphethe izinduku? UmFilisti wamthuka uDavide ngonkulunkulu bakhe. UmFilisti wathi kuDavide: “Woza kimi, nginike izinyoni zezulu nezilwane zasendle inyama yakho.” UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nesihlangu; kepha mina ngiza kuwe egameni likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu Sebawoti ka-Israyeli. Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami; ngiyakukwehlula, ngisuse ikhanda lakho kuwe; ngiyakuzinika namuhla izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba izidumbu zebutho lamaFilisti; ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli. Lonke leli bandla liyakwazi ukuthi uJehova akophuli ngenkemba nangomkhonto; ngokuba impi ingekaJehova, uyakuninikela esandleni sethu. Kwathi umFilisti eseqedile ukuhlangana loDavida, uDavida waphangisa wagijimela empini ukumhlangabeza umFilisti. UDavide wafaka isandla sakhe ekhukhwini lakhe, wakhipha itshe khona, walijikijela, wamshaya umFilisti ebunzini, itshe lashona ebunzini lakhe; wawa ngobuso emhlabathini. UDavide wamnqoba umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala; kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide. Ngakho uDavida wagijima wema eduze lomFilisti, wathatha inkemba yakhe, wayihotsha emgodleni wayo, wambulala, wamquma ikhanda ngayo. Lapho amaFilisti ebona ukuthi iqhawe lawo lifile, abaleka.
1 uSamuweli 17:32-51 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UDavide wayesethi kuSawule: “Izinhliziyo zabantu mazingadangaliswa yilowo muntu. Inceku yakho izohamba ilwe nalowo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Awunawo amandla okuphuma uyolwa nalowo mFilisti, ngokuba wena usengumfana nje; yena uyindoda yempi kusukela ebusheni bakhe.” UDavide wathi kuSawule: “Inceku yakho yayaluse izimvu zikayise lapho kufika ingonyama nebhere kuthatha imvu emhlambini. Ngaphuma ngakulandela, ngakubulala, ngayihlenga imvu emlonyeni wakho. Kuthe lapho kungivukela ngakubamba ngedevu ngakushaya phansi, ngakubulala. Inceku yakho yehlula ingonyama nebhele, nalo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yalokho, ngokuba weyise impi kaNkulunkulu ophilayo.” UDavide wathi: “USimakade owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhele, uzakungisindisa nasesandleni salo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Hamba, uSimakade uzokuba nawe.” USawule wamgqokisa uDavide izingubo zakhe zempi, wamethwesa isigqoko sethusi ekhanda, wamembathisa nebhantshi lensimbi. Wambhincisa uDavide inkemba yakhe phezu kwezingubo ayemgqokise zona, wazama ukuhamba ngokuba wayengazejwayele. UDavide wathi kuSawule: “Angikwazi ukuhamba nalezi zinto; angikazejwayeli.” UDavide wayesezikhumula. Wathatha induku yakhe wayiphatha ngesandla, wazikhethela amatshe ayisihlanu abushelelezi emfundlaneni, wawafaka esikhwameni somelusi, waphatha nendwayimane yakhe ngesandla. Wasondela kumFilisti. Weza umFilisti, wafika wasondela kuDavide; umuntu owayephethe isihlangu wayehamba phambi kwakhe. UmFilisti wabuka, wambona uDavide, wameyisa, ngokuba wayengumfana nje, ebomvana, ebukeka. UmFilisti wathi kuDavide: “Ngiyinja yini ukuba uze kimi uphethe izinduku na?” UmFilisti wamthuka uDavide ngonkulunkulu bakhe. UmFilisti wathi kuDavide: “Woza kimi, nginike izinyoni zezulu nezilwane zasendle inyama yakho.” UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, umkhonto nengcula, kodwa mina ngiza kuwe ngegama likaSimakade Wamabandla, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisileyo. Namuhla uSimakade uzokunikela esandleni sami. Ngizokubulala, ngikunqume ikhanda. Khona namuhla izidumbu zempi yamaFilisti ngizozinika izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba, ukuze umhlaba wazi ukuthi ukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli. Yonke le nhlangano iyokwazi ukuthi uSimakade akasindisi ngenkemba nangomkhonto, ngokuba impi ingekaSimakade; uyakuninikela esandleni sethu.” Kwathi lapho esuka umFilisti weza wasondela ukuyohlangabezana noDavide, uDavide washesha wagijimela ngasempini ukuyohlangana nomFilisti. UDavide wafaka isandla sakhe esikhwameni sakhe, wakhipha khona itshe, walidwiza, wamshaya umFilisti ebunzini, itshe lashona ebunzini, wawela phansi ngobuso. UDavide wamehlula umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala, kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide. Wayesegijima uDavide, wema phezu komFilisti, wathatha inkemba yakhe, wayihosha emgodleni wayo, wambulala, wamnquma ikhanda ngayo. Lapho amaFilisti ebona ukuthi iqhawe lawo lifile, acela empunzini.
1 uSamuweli 17:32-51 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UDavide wayesethi kuSawule: “Makungaqedwa nhliziyo yamuntu ngalowo; inceku yakho iyakuhamba ilwe nalowo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Awunamandla okuya kulowo mFilisti, ulwe naye, ngokuba ungumfana nje, yena eyindoda yempi kwasebusheni bakhe.” UDavide wathi kuSawule: “Inceku yakho yayizalusa izimvu zikayise; lapho kwafika ingonyama nebhere* kwathatha imvu emhlambini, ngaphuma ngakulandela, ngakubulala, ngayophula emlonyeni wakho; lapho kwangivukela, ngakubamba ngesilevu, ngakwahlula, ngakubulala. Inceku yakho yahlula ingonyama nebhere,* nalowo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yazo, lokhu eyeyisile impi kaNkulunkulu ophilayo.” UDavide wathi: “UJehova owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhere* uyakungophula nasesandleni salowo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Hamba, uJehova uyakuba nawe.” USawule wamembathisa ezakhe izingubo, wamfaka isigqoko sethusi ekhanda, wamgqokisa ibhantshi lensimbi. UDavide wabhinca inkemba yakhe phezu kwezambatho zakhe, wazama ukuhamba, ngokuba wayengakazilingi. UDavide wathi kuSawule: “Anginakuhamba nalezi, angikazilingi.” UDavide wayesezikhumula. Wathatha induku yakhe ngesandla, wazikhethela amatshe ayisihlanu abushelezi emfudlaneni, wawafaka esikhwameni somalusi ayenaso, eyikeni lakhe, indwayimana yakhe isesandleni sakhe; wayesesondela kumFilisti. Weza umFilisti, wafika wasondela kuDavide; umuntu ophethe isihlangu wahamba phambi kwakhe. UmFilisti esabuka wambona uDavide, wameyisa, ngokuba wayengumfana nje, ebomvana, ebukeka emuhle. UmFilisti wathi kuDavide: “Ngiyinja yini ukuba uze kimi unezinduku na?” UmFilisti wamthuka uDavide ngawonkulunkulu bakhe. UmFilisti wathi kuDavide: “Woza kimi, nginike izinyoni zezulu nezilwane zasendle inyama yakho.” UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nengcula, kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisile. Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami; ngiyakukubulala, ngisuse ikhanda lakho kuwe, nginike namuhla izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba izidumbu zempi yamaFilisti, ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli, yazi yonke le nhlangano ukuthi uJehova akasindisi ngenkemba nangomkhonto; ngokuba ukulwa kungokukaJehova; uyakuninikela esandleni sethu.” Kwathi lapho esuka umFilisti weza wasondela ukuhlangabezana noDavide, uDavide washesha wagijimela ngasempini ukuhlangana nomFilisti. UDavide wafaka isandla sakhe esikhwameni sakhe, wakhipha khona itshe, waliphonsa, wamshaya umFilisti ebunzini, itshe lashona ebunzini, wawela phansi ngobuso. UDavide wamahlula umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala; kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide. Wayesegijima uDavide, wema phezu komFilisti, wathatha inkemba yakhe, wayihosha emgodleni wayo, wambulala, wamnquma ikhanda ngayo. Lapho amaFilisti ebona ukuthi iqhawe lawo lifile, abaleka.