1 uSamuweli 17:12-33

1 uSamuweli 17:12-33 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UDavide wayeyindodana yalowo mEfrati waseBetlehema Juda ogama lakhe lalinguJese; wayenamadodana ayisishiyagalombili; lowo muntu wayemdala ezinsukwini zikaSawule phakathi kwabantu. Amadodana amathathu amakhulu kaJese ayemlandele uSawule ukuya empini; amagama amadodana akhe amathathu ayeyile empini ayengu-Eliyabe izibulo, emelamayo ngu-Abinadaba, neyesithathu nguShama. UDavide nguye owayengomncinyane; amathathu amakhulu amlandela uSawule. UDavide wahamba wabuya ukuyakwalusa izimvu zikayise eBetlehema. UmFilisti wasondela ekuseni nakusihlwa, wema khona izinsuku ezingamashumi amane. UJese wathi kuDavide indodana yakhe: “Ake uthathele abafowenu i-efa* lalolu tshwele nalezi zinkwa eziyishumi, usheshe uye ekamu* labafowenu, uphathele induna yenkulungwane lawa makhekheba kashizi,* ubheke impilo yabafowenu, uthathe isibambiso kubo.” USawule nabo bonke abantu bakwa-Israyeli base besesigodini sase-Ela, belwa namaFilisti. UDavide wavuka ekuseni kakhulu, washiya izimvu kumlindi, wathatha, wahamba, njengalokho uJese amyale ngakho; wafika enqabeni yezinqola, impi isaphuma ukuyakuhlelwa, yahlaba umkhosi. U-Israyeli namaFilisti bahlela impi, babhekana. UDavide washiya impahla yakhe esandleni somlindi wempahla, wagijimela empini, wabingelela abafowabo. Kepha esakhuluma nabo, bheka, kwenyuka iqhawe elikhulu, umFilisti waseGati, nguGoliyati igama lalo, ephuma ezinhleni zamaFilisti, wakhuluma wona lawo mazwi; uDavide wawezwa. Bonke abantu bakwa-Israyeli sebebonile lo muntu bambalekela, besaba kakhulu. Abantu bakwa-Israyeli bathi: “Nimbonile lowo muntu owenyukile na? Ngokuba wenyukile ukuyakweyisa u-Israyeli; kuyakuthi umuntu ombulalayo, inkosi imcebise ngengcebo enkulu, imnike indodakazi yayo, iyenze indlu kayise ibe ngekhululekile kwa-Israyeli.” UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Kuyakwenziwa ntoni kumuntu obulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli, na? Ngokuba ngubani lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise impi kaNkulunkulu ophilayo na?” Abantu bamphendula ngalona lelo zwi; bathi-ke: “Kuyakwenziwa kanjalo kumuntu ombulalayo.” U-Eliyabe umfowabo omkhulu wezwa lapho ekhuluma kubantu; intukuthelo ka-Eliyabe yamvuthela uDavide, wathi: “Wehleleni na? Uzishiye kubani leziya zimvu ezingengakanani ehlane na? Mina ngiyakwazi ukuziphakamisa kwakho nobubi benhliziyo yakho, ngokuba wehlile ukuba ubuke impi.” Kepha uDavide wathi: “Ngenzeni na? Bekungumbuzo nje.” Wamfulathela, wabheka komunye, wakhuluma lona lelo zwi; abantu bamphendula njengakuqala. Esezwakele amazwi abewakhulumile uDavide alandwa phambi kukaSawule; wambiza. UDavide wayesethi kuSawule: “Makungaqedwa nhliziyo yamuntu ngalowo; inceku yakho iyakuhamba ilwe nalowo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Awunamandla okuya kulowo mFilisti, ulwe naye, ngokuba ungumfana nje, yena eyindoda yempi kwasebusheni bakhe.”

1 uSamuweli 17:12-33 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UDavide wayeyindodana yalowo mEfrata waseBetlehema Juda ogama lakhe lalinguJese; wayenamadodana ayisishiyagalombili; lowo muntu wayesemdala ezinsukwini zikaSawule phakathi kwabantu. Amadodana amathathu amakhulu kaJese amlandela uSawule ukuya empini; amagama amadodana akhe amathathu aphuma impi ayengu-Eliyabe izibulo, no-Abinadaba wesithathu, noShama. UDavide wayengomncinyane, namadoda amadala amathathu amlandela uSawule. Kodwa uDavida wahamba wabuya kuSawuli ukuyakwelusa izimvu zikayise eBhethelehema. UmFilisti wayesesondela ekuseni nakusihlwa, wamhambela izinsuku ezingamashumi amane. UJese wathi kuDavide indodana yakhe: “Thatha abafowenu i-efa likakolweni othosiwe nalezi zinkwa eziyishumi, ugijimele ekamu kubafowenu; Ulethe lawa mashizi ayishumi enduneni yenkulungwane yabo, ubone ukuthi kuhamba kanjani kubafowenu, uthathe isibambiso kubo. USawuli, labo kanye lawo wonke amadoda akoIsrayeli babesesigodini seEla, balwa lamaFilisti. UDavide wavuka ekuseni kakhulu, washiya izimvu kumalusi, wazithatha, wahamba, njengalokho emyalile uJese; wafika emseleni lapho impi iphuma impi, yakhala impi. U-Israyeli namaFilisti bamisa impi, impi ibhekene nempi; UDavide wayishiya inqola yakhe esandleni sabalindi, wagijimela ebuthweni, wafika wabingelela abafowabo. Esakhuluma nabo, bheka, kwenyuka iqhawe, umFilisti waseGati, ogama lakhe linguGoliyati, liphuma emabuthweni amaFilisti, lakhuluma wona lawo mazwi, uDavide wawezwa. Lapho wonke amadoda akwa-Israyeli eyibona le ndoda, abaleka phambi kwayo futhi esaba kakhulu. Athi amadoda akwa-Israyeli: “Nimbonile lowo muntu owenyukile na?” wakhuphuka ukudelela u-Israyeli; umuntu oyombulala, inkosi iyakumcebisa ingcebo eningi, imnike indodakazi yakhe, ikhulule indlu kayise kwa-Israyeli. UDavide wakhuluma kubantu ababemi ngakuye, wathi: “Kwenziwani kumuntu obulala lo mFilisti, asuse ihlazo lika-Israyeli na? Ngokuba ungubani lo mFilisti ongasokile ukuba edelele imiyalo kaNkulunkulu ophilayo na? Abantu bamphendula kanje, bathi: “Kuyakwenziwa ngomuntu ombulalayo.” U-Eliyabe umfowabo omkhulu wezwa lapho ekhuluma namadoda; intukuthelo ka-Eliyabe yamvuthela uDavide, wathi: “Uzeleni lapha na? Uzishiye nobani lezo zimvu ezimbalwa ehlane? Mina ngiyakwazi ukuzikhukhumeza kwakho lenkani yenhliziyo yakho; ngoba nehlele ukubona impi. UDavida wasesithi: Ngenzeni khathesi? Ingabe asikho isizathu? Wasemfulathela waya komunye, wakhuluma ngokunjalo; Lapho amazwi kaDavide ezwakala, azwakala phambi kukaSawule, wathumela ukuba abizwe. UDavide wayesethi kuSawule: “Makungaphelelwa nhliziyo yamuntu ngenxa yakhe; inceku yakho iyakuhamba, ilwe nalo mFilisti. USawule wayesethi kuDavide: “Awunakwenyuka ukulwa nalo mFilisti, ngokuba wena uyinsizwa, kepha yena uyindoda yempi kwasebusheni bakhe.

1 uSamuweli 17:12-33 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UDavide wayeyindodana yomEfrathi waseBhethlehema Juda, ogama lakhe kunguJese. UJese wayenamadodana ayisishiyagalombili; wayesengumuntu omdala ngesikhathi sikaSawule. Amadodana kaJese amathathu, u-Eliyabe izibulo, u-Abhinadaba, noShama aphuma alandela uSawule aya empini. UDavide wayengomncane wamadodana amathathu amadala ayelandele uSawule. UDavide wasuka kuSawule, wabuyela ekwaluseni izimvu zikayise eBhethlehema. Njalo ekuseni nakusihlwa umFilisti wayephuma, ame, kwaze kwaba yizinsuku ezingama-40. UJese wathi kuDavide, indodana yakhe: “Ake uthathele abafowenu i-efa lotshwele nalezi zinkwa ezilishumi, uphuthume ubahambisele enkanjini yabo. Uphathele induna yenkulungwane lawa makhekheba kashizi. Ubheke ukuthi basaphila kahle yini abafowenu, ungibuyele nobufakazi.” USawule nabo bonke abakwa-Israyeli babesesigodini i-Ela, belwa namaFilisti. UDavide wavuka ekuseni ngovivi, washiya izimvu kumlindi, wathatha ayekuthunyiwe, wangena indlela, njengalokhu uJese emyalile. Wafika enqabeni ngesikhathi impi iphuma ukuyozihlela, kusakhuzwa iziqubulo. U-Israyeli namaFilisti bayihlela impi yabo ukuze batholane phezulu. UDavide wayishiya impahla yakhe kumlindi wempahla, wagijimela empini, wabingelela abafowabo wababuza impilo. Kepha esakhuluma nabo; bheka, kwenyuka isikhondlakhondla somFilisti waseGathi, uGoliyathi igama laso, saphuma ezinhleni zamaFilisti, saphinda wona lawo mazwi; uDavide wawezwa. Bonke abantu bakwa-Israyeli kwathi ukuba bambone lowo muntu babaleka, ngoba babesaba kakhulu. Bonke abantu bakwa-Israyeli bathi: “Nimbonile lowo muntu owenyukile na? Ngokuba wenyukele ukweyisa u-Israyeli; kuyakuthi umuntu ombulalayo, inkosi imcebise ngengcebo enkulu, imnike indodakazi yayo, iyenze indlu kayise ibe ngekhululekile kwa-Israyeli.” UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Uyokwenzelwani umuntu oyobulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli na? Ungubani nje lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise kanje impi kaNkulunkulu ophilayo?” Abantu bamphendula bamtshela lona lelo lizwi, bathi: “Kuyakwenziwa kanjalo-ke kumuntu oyakumbulala.” U-Eliyabe, umfowabo omdala, wezwa lapho ekhuluma kubantu; intukuthelo ka-Eliyabe yamvuthela uDavide, wathi: “Wehleleni na? Uzishiye nobani leziya zimvu ezingengakanani ehlane? Ngiyakwazi ukuziphakamisa kwakho nobubi benhliziyo yakho, wehlile ukuba uzobona impi.” Kepha uDavide wathi: “Ngenzeni na? Bengizibuzela nje.” Wamfulathela, wabheka ngakomunye, wakhuluma lona lelo lizwi; abantu bamphendula njengakuqala. Esezwakele amazwi akhulunywe nguDavide, abikwa kuSawule, wayesembiza. UDavide wayesethi kuSawule: “Izinhliziyo zabantu mazingadangaliswa yilowo muntu. Inceku yakho izohamba ilwe nalowo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Awunawo amandla okuphuma uyolwa nalowo mFilisti, ngokuba wena usengumfana nje; yena uyindoda yempi kusukela ebusheni bakhe.”