1 uSamuweli 17:1-58

1 uSamuweli 17:1-58 IsiZulu 2020 (ZUL20)

AmaFilisti ahlanganisa amabutho awo ukuba ayokulwa; abuthana eSoko kwaJuda, akanisa phakathi kweSoko ne-Azekha, e-Efesi Damimi. USawule no-Israyeli babuthana, bakanisa esigodini i-Ela, impi bayihlela ngezigaba zayo ukuze ibhekane neyamaFilisti. AmaFilisti ayemi kwenye intaba, no-Israyeli emi kwenye, kukhona isigodi phakathi kwabo. Kwaphuma enkanjini yamaFilisti iqhawe elikhulu, igama lalo kunguGoliyathi waseGathi. Ubude bakhe babungamakhubhithi ayisithupha nesandla. Wayefake isigqokosivikeli sethusi ekhanda, egqoke ibhantshi lensimbi. Isisindo sebhantshi sasingamashekeli ethusi ayizi-5 000. Wayenezivikelo zethusi emilenzeni, nengcula yethusi phakathi kwamahlombe. Uthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki; isihloko somkhonto sasingamashekeli ensimbi angama-600. Phambi kwakhe kwakuhamba ophethe isihlangu. Wema, wamemeza ezinhleni zakwa-Israyeli, wathi: “Niphumeleni na? Niphumele ukuhlela impi? Mina ngingumFilisti nina niyizinceku zikaSawule. Ziqokeleni umuntu, ehle eze kimi. Uma enamandla okulwa nami, angibulale, siyakuba yizigqila zenu, kodwa uma ngimehlula, ngimbulale, niyakuba yizigqila zethu, nisikhonze.” UmFilisti wathi: “Ngiyazedelela namuhla izinhla zakwa-Israyeli; nginikeni umuntu, silwe naye.” Lapho uSawule naye wonke u-Israyeli bezwa lawo mazwi omFilisti, bashaywa luvalo, besaba kakhulu. UDavide wayeyindodana yomEfrathi waseBhethlehema Juda, ogama lakhe kunguJese. UJese wayenamadodana ayisishiyagalombili; wayesengumuntu omdala ngesikhathi sikaSawule. Amadodana kaJese amathathu, u-Eliyabe izibulo, u-Abhinadaba, noShama aphuma alandela uSawule aya empini. UDavide wayengomncane wamadodana amathathu amadala ayelandele uSawule. UDavide wasuka kuSawule, wabuyela ekwaluseni izimvu zikayise eBhethlehema. Njalo ekuseni nakusihlwa umFilisti wayephuma, ame, kwaze kwaba yizinsuku ezingama-40. UJese wathi kuDavide, indodana yakhe: “Ake uthathele abafowenu i-efa lotshwele nalezi zinkwa ezilishumi, uphuthume ubahambisele enkanjini yabo. Uphathele induna yenkulungwane lawa makhekheba kashizi. Ubheke ukuthi basaphila kahle yini abafowenu, ungibuyele nobufakazi.” USawule nabo bonke abakwa-Israyeli babesesigodini i-Ela, belwa namaFilisti. UDavide wavuka ekuseni ngovivi, washiya izimvu kumlindi, wathatha ayekuthunyiwe, wangena indlela, njengalokhu uJese emyalile. Wafika enqabeni ngesikhathi impi iphuma ukuyozihlela, kusakhuzwa iziqubulo. U-Israyeli namaFilisti bayihlela impi yabo ukuze batholane phezulu. UDavide wayishiya impahla yakhe kumlindi wempahla, wagijimela empini, wabingelela abafowabo wababuza impilo. Kepha esakhuluma nabo; bheka, kwenyuka isikhondlakhondla somFilisti waseGathi, uGoliyathi igama laso, saphuma ezinhleni zamaFilisti, saphinda wona lawo mazwi; uDavide wawezwa. Bonke abantu bakwa-Israyeli kwathi ukuba bambone lowo muntu babaleka, ngoba babesaba kakhulu. Bonke abantu bakwa-Israyeli bathi: “Nimbonile lowo muntu owenyukile na? Ngokuba wenyukele ukweyisa u-Israyeli; kuyakuthi umuntu ombulalayo, inkosi imcebise ngengcebo enkulu, imnike indodakazi yayo, iyenze indlu kayise ibe ngekhululekile kwa-Israyeli.” UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Uyokwenzelwani umuntu oyobulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli na? Ungubani nje lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise kanje impi kaNkulunkulu ophilayo?” Abantu bamphendula bamtshela lona lelo lizwi, bathi: “Kuyakwenziwa kanjalo-ke kumuntu oyakumbulala.” U-Eliyabe, umfowabo omdala, wezwa lapho ekhuluma kubantu; intukuthelo ka-Eliyabe yamvuthela uDavide, wathi: “Wehleleni na? Uzishiye nobani leziya zimvu ezingengakanani ehlane? Ngiyakwazi ukuziphakamisa kwakho nobubi benhliziyo yakho, wehlile ukuba uzobona impi.” Kepha uDavide wathi: “Ngenzeni na? Bengizibuzela nje.” Wamfulathela, wabheka ngakomunye, wakhuluma lona lelo lizwi; abantu bamphendula njengakuqala. Esezwakele amazwi akhulunywe nguDavide, abikwa kuSawule, wayesembiza. UDavide wayesethi kuSawule: “Izinhliziyo zabantu mazingadangaliswa yilowo muntu. Inceku yakho izohamba ilwe nalowo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Awunawo amandla okuphuma uyolwa nalowo mFilisti, ngokuba wena usengumfana nje; yena uyindoda yempi kusukela ebusheni bakhe.” UDavide wathi kuSawule: “Inceku yakho yayaluse izimvu zikayise lapho kufika ingonyama nebhere kuthatha imvu emhlambini. Ngaphuma ngakulandela, ngakubulala, ngayihlenga imvu emlonyeni wakho. Kuthe lapho kungivukela ngakubamba ngedevu ngakushaya phansi, ngakubulala. Inceku yakho yehlula ingonyama nebhele, nalo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yalokho, ngokuba weyise impi kaNkulunkulu ophilayo.” UDavide wathi: “USimakade owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhele, uzakungisindisa nasesandleni salo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Hamba, uSimakade uzokuba nawe.” USawule wamgqokisa uDavide izingubo zakhe zempi, wamethwesa isigqoko sethusi ekhanda, wamembathisa nebhantshi lensimbi. Wambhincisa uDavide inkemba yakhe phezu kwezingubo ayemgqokise zona, wazama ukuhamba ngokuba wayengazejwayele. UDavide wathi kuSawule: “Angikwazi ukuhamba nalezi zinto; angikazejwayeli.” UDavide wayesezikhumula. Wathatha induku yakhe wayiphatha ngesandla, wazikhethela amatshe ayisihlanu abushelelezi emfundlaneni, wawafaka esikhwameni somelusi, waphatha nendwayimane yakhe ngesandla. Wasondela kumFilisti. Weza umFilisti, wafika wasondela kuDavide; umuntu owayephethe isihlangu wayehamba phambi kwakhe. UmFilisti wabuka, wambona uDavide, wameyisa, ngokuba wayengumfana nje, ebomvana, ebukeka. UmFilisti wathi kuDavide: “Ngiyinja yini ukuba uze kimi uphethe izinduku na?” UmFilisti wamthuka uDavide ngonkulunkulu bakhe. UmFilisti wathi kuDavide: “Woza kimi, nginike izinyoni zezulu nezilwane zasendle inyama yakho.” UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, umkhonto nengcula, kodwa mina ngiza kuwe ngegama likaSimakade Wamabandla, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisileyo. Namuhla uSimakade uzokunikela esandleni sami. Ngizokubulala, ngikunqume ikhanda. Khona namuhla izidumbu zempi yamaFilisti ngizozinika izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba, ukuze umhlaba wazi ukuthi ukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli. Yonke le nhlangano iyokwazi ukuthi uSimakade akasindisi ngenkemba nangomkhonto, ngokuba impi ingekaSimakade; uyakuninikela esandleni sethu.” Kwathi lapho esuka umFilisti weza wasondela ukuyohlangabezana noDavide, uDavide washesha wagijimela ngasempini ukuyohlangana nomFilisti. UDavide wafaka isandla sakhe esikhwameni sakhe, wakhipha khona itshe, walidwiza, wamshaya umFilisti ebunzini, itshe lashona ebunzini, wawela phansi ngobuso. UDavide wamehlula umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala, kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide. Wayesegijima uDavide, wema phezu komFilisti, wathatha inkemba yakhe, wayihosha emgodleni wayo, wambulala, wamnquma ikhanda ngayo. Lapho amaFilisti ebona ukuthi iqhawe lawo lifile, acela empunzini. Abantu bakwa-Israyeli nabakwaJuda basuka bakhamuluka, bawaxosha amaFilisti kwaze kwaba seGathi nasemasangweni e-Ekhroni. Abalimeleyo bamaFilisti bawa ngasendleleni eya eShaharayimi, kwaze kwaba seGathi nase-Ekhroni. Abantu bakwa-Israyeli babuya ekuxosheni amaFilisti, baphanga inkambu yawo. UDavide wathatha ikhanda lomFilisti, waliyisa eJerusalema, kodwa izikhali zakhe wazifaka ethendeni lakhe. Ngesikhathi uSawule embona uDavide ephumela ukuyohlangabezana nomFilisti, wathi ku-Abhineri, umkhuzi wempi: “Abhineri, uyindodana kabani lo mfana?” U-Abhineri wathi: “Ngifunga ngiyagomela, angimazi.” Yayisithi inkosi: “Hamba uyoyibuza ukuthi iyindodana kabani le nsizwa.” UDavide esebuya ukuyobulala umFilisti, u-Abhineri wamthatha wamyisa phambi kukaSawule, uDavide wayephethe ikhanda lomFilisti ngesandla. USawule wathi kuye: “Uyindodana kabani wena mfana?” UDavide wamphendula wathi: “Ngiyindodana yenceku yakho uJese waseBhethlehema.”

1 uSamuweli 17:1-58 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

AmaFilisti abutha izimpi zawo ukuba alwe; abuthana eSoko lakwaJuda, amisa phakathi kweSoko ne-Azeka e-Efesi Damimi. USawule nabantu bakwa-Israyeli babuthana, bamisa esigodini sase-Ela, bahlela impi ukuhlangabezana namaFilisti. AmaFilisti ayemi entabeni ngalapha, u-Israyeli wayemi entabeni ngalapha; kwakukhona isigodi phakathi kwabo. Kwaphuma iqhawe elikhulu ekamu* lamaFilisti, igama lalo linguGoliyati waseGati, obude bakhe buyizingalo eziyisithupha nesandla. Wayenesigqoko sethusi ekhanda, egqoke ibhantshi lensimbi; isisindo sebhantshi sasingamashekeli* ayizinkulungwane eziyisihlanu ethusi. Wayenezivikelo zethusi emilenzeni, nengcula yethusi phakathi kwamahlombe. Uthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki; isihloko somkhonto sasingamashekeli* angamakhulu ayisithupha ensimbi; ophethe isihlangu wahamba phambi kwakhe. Wema, wamemeza ezinhleni zakwa-Israyeli, wathi kuzo: “Niphumelani ukuhlela impi na? Angisiye umFilisti, nina niyizinceku zikaSawule, na? Zikhetheleni umuntu, ehle eze kimi. Uma enamandla okulwa nami, angibulale, siyakuba yizigqila zenu; kepha uma ngimahlula, ngimbulale, niyakuba yizigqila zethu, nisikhonze.” UmFilisti wathi: “Ngiyazeyisa namuhla izinhla zakwa-Israyeli; nginikeni umuntu, silwe naye.” Lapho uSawule naye wonke u-Israyeli bezwa lawo mazwi omFilisti, bashaywa luvalo, besaba kakhulu. UDavide wayeyindodana yalowo mEfrati waseBetlehema Juda ogama lakhe lalinguJese; wayenamadodana ayisishiyagalombili; lowo muntu wayemdala ezinsukwini zikaSawule phakathi kwabantu. Amadodana amathathu amakhulu kaJese ayemlandele uSawule ukuya empini; amagama amadodana akhe amathathu ayeyile empini ayengu-Eliyabe izibulo, emelamayo ngu-Abinadaba, neyesithathu nguShama. UDavide nguye owayengomncinyane; amathathu amakhulu amlandela uSawule. UDavide wahamba wabuya ukuyakwalusa izimvu zikayise eBetlehema. UmFilisti wasondela ekuseni nakusihlwa, wema khona izinsuku ezingamashumi amane. UJese wathi kuDavide indodana yakhe: “Ake uthathele abafowenu i-efa* lalolu tshwele nalezi zinkwa eziyishumi, usheshe uye ekamu* labafowenu, uphathele induna yenkulungwane lawa makhekheba kashizi,* ubheke impilo yabafowenu, uthathe isibambiso kubo.” USawule nabo bonke abantu bakwa-Israyeli base besesigodini sase-Ela, belwa namaFilisti. UDavide wavuka ekuseni kakhulu, washiya izimvu kumlindi, wathatha, wahamba, njengalokho uJese amyale ngakho; wafika enqabeni yezinqola, impi isaphuma ukuyakuhlelwa, yahlaba umkhosi. U-Israyeli namaFilisti bahlela impi, babhekana. UDavide washiya impahla yakhe esandleni somlindi wempahla, wagijimela empini, wabingelela abafowabo. Kepha esakhuluma nabo, bheka, kwenyuka iqhawe elikhulu, umFilisti waseGati, nguGoliyati igama lalo, ephuma ezinhleni zamaFilisti, wakhuluma wona lawo mazwi; uDavide wawezwa. Bonke abantu bakwa-Israyeli sebebonile lo muntu bambalekela, besaba kakhulu. Abantu bakwa-Israyeli bathi: “Nimbonile lowo muntu owenyukile na? Ngokuba wenyukile ukuyakweyisa u-Israyeli; kuyakuthi umuntu ombulalayo, inkosi imcebise ngengcebo enkulu, imnike indodakazi yayo, iyenze indlu kayise ibe ngekhululekile kwa-Israyeli.” UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Kuyakwenziwa ntoni kumuntu obulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli, na? Ngokuba ngubani lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise impi kaNkulunkulu ophilayo na?” Abantu bamphendula ngalona lelo zwi; bathi-ke: “Kuyakwenziwa kanjalo kumuntu ombulalayo.” U-Eliyabe umfowabo omkhulu wezwa lapho ekhuluma kubantu; intukuthelo ka-Eliyabe yamvuthela uDavide, wathi: “Wehleleni na? Uzishiye kubani leziya zimvu ezingengakanani ehlane na? Mina ngiyakwazi ukuziphakamisa kwakho nobubi benhliziyo yakho, ngokuba wehlile ukuba ubuke impi.” Kepha uDavide wathi: “Ngenzeni na? Bekungumbuzo nje.” Wamfulathela, wabheka komunye, wakhuluma lona lelo zwi; abantu bamphendula njengakuqala. Esezwakele amazwi abewakhulumile uDavide alandwa phambi kukaSawule; wambiza. UDavide wayesethi kuSawule: “Makungaqedwa nhliziyo yamuntu ngalowo; inceku yakho iyakuhamba ilwe nalowo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Awunamandla okuya kulowo mFilisti, ulwe naye, ngokuba ungumfana nje, yena eyindoda yempi kwasebusheni bakhe.” UDavide wathi kuSawule: “Inceku yakho yayizalusa izimvu zikayise; lapho kwafika ingonyama nebhere* kwathatha imvu emhlambini, ngaphuma ngakulandela, ngakubulala, ngayophula emlonyeni wakho; lapho kwangivukela, ngakubamba ngesilevu, ngakwahlula, ngakubulala. Inceku yakho yahlula ingonyama nebhere,* nalowo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yazo, lokhu eyeyisile impi kaNkulunkulu ophilayo.” UDavide wathi: “UJehova owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhere* uyakungophula nasesandleni salowo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Hamba, uJehova uyakuba nawe.” USawule wamembathisa ezakhe izingubo, wamfaka isigqoko sethusi ekhanda, wamgqokisa ibhantshi lensimbi. UDavide wabhinca inkemba yakhe phezu kwezambatho zakhe, wazama ukuhamba, ngokuba wayengakazilingi. UDavide wathi kuSawule: “Anginakuhamba nalezi, angikazilingi.” UDavide wayesezikhumula. Wathatha induku yakhe ngesandla, wazikhethela amatshe ayisihlanu abushelezi emfudlaneni, wawafaka esikhwameni somalusi ayenaso, eyikeni lakhe, indwayimana yakhe isesandleni sakhe; wayesesondela kumFilisti. Weza umFilisti, wafika wasondela kuDavide; umuntu ophethe isihlangu wahamba phambi kwakhe. UmFilisti esabuka wambona uDavide, wameyisa, ngokuba wayengumfana nje, ebomvana, ebukeka emuhle. UmFilisti wathi kuDavide: “Ngiyinja yini ukuba uze kimi unezinduku na?” UmFilisti wamthuka uDavide ngawonkulunkulu bakhe. UmFilisti wathi kuDavide: “Woza kimi, nginike izinyoni zezulu nezilwane zasendle inyama yakho.” UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nengcula, kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisile. Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami; ngiyakukubulala, ngisuse ikhanda lakho kuwe, nginike namuhla izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba izidumbu zempi yamaFilisti, ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli, yazi yonke le nhlangano ukuthi uJehova akasindisi ngenkemba nangomkhonto; ngokuba ukulwa kungokukaJehova; uyakuninikela esandleni sethu.” Kwathi lapho esuka umFilisti weza wasondela ukuhlangabezana noDavide, uDavide washesha wagijimela ngasempini ukuhlangana nomFilisti. UDavide wafaka isandla sakhe esikhwameni sakhe, wakhipha khona itshe, waliphonsa, wamshaya umFilisti ebunzini, itshe lashona ebunzini, wawela phansi ngobuso. UDavide wamahlula umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala; kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide. Wayesegijima uDavide, wema phezu komFilisti, wathatha inkemba yakhe, wayihosha emgodleni wayo, wambulala, wamnquma ikhanda ngayo. Lapho amaFilisti ebona ukuthi iqhawe lawo lifile, abaleka. Abantu bakwa-Israyeli nabakwaJuda basuka bakhamuluka, bawaxosha amaFilisti kwaze kwaba seGayi nasemasangweni ase-Ekroni. Abalimeleyo bamaFilisti bawa ngasendleleni eya eShaharayimi, kwaze kwaba seGati nase-Ekroni. Abantwana bakwa-Israyeli babuya ekuxosheni amaFilisti, baphanga ikamu* lawo. UDavide wathatha ikhanda lomFilisti, waliyisa eJerusalema; kepha wafaka izikhali zakhe etendeni lakhe. Lapho uSawule embona uDavide ephuma ukuhlangabezana nomFilisti, wathi ku-Abineri induna yempi: “Abineri, yindodana kabani lo mfana na?” U-Abineri wathi: “Kuphila kwakho, nkosi, angazi.” Yayisithi inkosi: “Buza wena ukuthi iyindodana kabani le nsizwa.” UDavide esabuya ekubulaleni umFilisti, u-Abineri wamthatha wamyisa phambi kukaSawule, ephethe ikhanda lomFilisti esandleni sakhe. USawule wathi kuye: “Uyindodana kabani wena mfana na?” UDavide waphendula wathi: “Ngiyindodana yenceku yakho uJese waseBetlehema.”

1 uSamuweli 17:1-58 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

AmaFilisti abutha izimpi zawo ukuba alwe, abuthana eSogo lakwaJuda, amisa phakathi kweSogo ne-Azeka e-Efesu-Damimi. USawuli lamadoda akoIsrayeli basebebuthana bamisa inkamba esigodini seEla, bahlela impi ukumelana lamaFilisti. AmaFilisti ayemi ngalapha kwentaba, u-Israyeli emi ngakolunye uhlangothi lwentaba, kukhona isigodi phakathi kwawo. Kwaphuma iqhawe ekamu lamaFilisti, igama likaGoliyati waseGati, obude bakhe buyizingalo eziyisithupha nobubanzi besandla. Wayenesigqoko sethusi ekhanda lakhe, ebhince isihlangu sesifuba; isisindo sengubo sasingamashekeli ayizinkulungwane eziyisihlanu ethusi. Wayenezitsha zethusi emilenzeni yakhe nesinqe sethusi phakathi kwamahlombe akhe. Udondolo lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki; ikhanda lomkhonto wakhe lalingamashekeli angamakhulu ayisithupha ensimbi, nophethe isihlangu waphuma phambi kwakhe. Wema, wabiza amabutho akoIsrayeli, wathi kuwo: Liphumeleni ukulungisa impi yenu? Angisiye umFilisti nezinceku zikaSawule na? zikhetheleni indoda, yehle ize kimi. Uma enamandla okulwa nami, angibulale, siyakuba yizinceku zenu; kepha uma ngiyinqoba, ngiyibulala, niyakuba yizigqila zethu, nisikhonze. UmFilisti wathi: “Ngiyadelela namuhla impi yakwa-Israyeli; nginike indoda, silwe sobabili. Lapho uSawule naye wonke u-Israyeli bezwa lawa mazwi omFilisti, bethuka, besaba kakhulu. UDavide wayeyindodana yalowo mEfrata waseBetlehema Juda ogama lakhe lalinguJese; wayenamadodana ayisishiyagalombili; lowo muntu wayesemdala ezinsukwini zikaSawule phakathi kwabantu. Amadodana amathathu amakhulu kaJese amlandela uSawule ukuya empini; amagama amadodana akhe amathathu aphuma impi ayengu-Eliyabe izibulo, no-Abinadaba wesithathu, noShama. UDavide wayengomncinyane, namadoda amadala amathathu amlandela uSawule. Kodwa uDavida wahamba wabuya kuSawuli ukuyakwelusa izimvu zikayise eBhethelehema. UmFilisti wayesesondela ekuseni nakusihlwa, wamhambela izinsuku ezingamashumi amane. UJese wathi kuDavide indodana yakhe: “Thatha abafowenu i-efa likakolweni othosiwe nalezi zinkwa eziyishumi, ugijimele ekamu kubafowenu; Ulethe lawa mashizi ayishumi enduneni yenkulungwane yabo, ubone ukuthi kuhamba kanjani kubafowenu, uthathe isibambiso kubo. USawuli, labo kanye lawo wonke amadoda akoIsrayeli babesesigodini seEla, balwa lamaFilisti. UDavide wavuka ekuseni kakhulu, washiya izimvu kumalusi, wazithatha, wahamba, njengalokho emyalile uJese; wafika emseleni lapho impi iphuma impi, yakhala impi. U-Israyeli namaFilisti bamisa impi, impi ibhekene nempi; UDavide wayishiya inqola yakhe esandleni sabalindi, wagijimela ebuthweni, wafika wabingelela abafowabo. Esakhuluma nabo, bheka, kwenyuka iqhawe, umFilisti waseGati, ogama lakhe linguGoliyati, liphuma emabuthweni amaFilisti, lakhuluma wona lawo mazwi, uDavide wawezwa. Lapho wonke amadoda akwa-Israyeli eyibona le ndoda, abaleka phambi kwayo futhi esaba kakhulu. Athi amadoda akwa-Israyeli: “Nimbonile lowo muntu owenyukile na?” wakhuphuka ukudelela u-Israyeli; umuntu oyombulala, inkosi iyakumcebisa ingcebo eningi, imnike indodakazi yakhe, ikhulule indlu kayise kwa-Israyeli. UDavide wakhuluma kubantu ababemi ngakuye, wathi: “Kwenziwani kumuntu obulala lo mFilisti, asuse ihlazo lika-Israyeli na? Ngokuba ungubani lo mFilisti ongasokile ukuba edelele imiyalo kaNkulunkulu ophilayo na? Abantu bamphendula kanje, bathi: “Kuyakwenziwa ngomuntu ombulalayo.” U-Eliyabe umfowabo omkhulu wezwa lapho ekhuluma namadoda; intukuthelo ka-Eliyabe yamvuthela uDavide, wathi: “Uzeleni lapha na? Uzishiye nobani lezo zimvu ezimbalwa ehlane? Mina ngiyakwazi ukuzikhukhumeza kwakho lenkani yenhliziyo yakho; ngoba nehlele ukubona impi. UDavida wasesithi: Ngenzeni khathesi? Ingabe asikho isizathu? Wasemfulathela waya komunye, wakhuluma ngokunjalo; Lapho amazwi kaDavide ezwakala, azwakala phambi kukaSawule, wathumela ukuba abizwe. UDavide wayesethi kuSawule: “Makungaphelelwa nhliziyo yamuntu ngenxa yakhe; inceku yakho iyakuhamba, ilwe nalo mFilisti. USawule wayesethi kuDavide: “Awunakwenyuka ukulwa nalo mFilisti, ngokuba wena uyinsizwa, kepha yena uyindoda yempi kwasebusheni bakhe. UDavide wayesethi kuSawule: “Inceku yakho yayiluse izimvu zikayise, kwafika ingonyama nebhere, zathatha imvu emhlambini; Ngaphuma ngiyilandela, ngayishaya, ngayisindisa emlonyeni wayo; lapho ingivukela, ngayibamba ngentshebe ngayishaya ngayibulala. Inceku yakho ibulele kokubili ingonyama nebhere, futhi lo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yazo, ngoba udelele amabutho kaNkulunkulu ophilayo. Futhi uDavide wathi: “UJehova owangisindisa esandleni sengonyama nasoshawini lwebhere, nguyena oyangisindisa esandleni salo mFilisti. USawuli wasesithi kuDavida: Hamba, njalo uJehova uzakuba lawe. USawule wagqokisa uDavide izikhali zakhe, wafaka isigqoko sethusi ekhanda lakhe; wabuye wahloma ngesikhali. UDavide wabhinca inkemba yakhe empahleni yakhe, wazama ukuhamba; ngoba akazange akufakazele. UDavide wayesethi kuSawule: “Anginakuhamba nawo; ngoba kangibalinganga. UDavide wawasusa kuye. Waphatha udondolo lwakhe esandleni sakhe, wazikhethela amatshe ayisihlanu abushelezi emfudlaneni, wawafaka esikhwameni esikhwameni somalusi ayenaso; indwayimane yakhe yayisesandleni sakhe, wasondela kumFilisti. UmFilisti wasesiza, wasondela kuDavida; indoda ephethe isihlangu yaphuma phambi kwakhe. UmFilisti waqalaza, wabona uDavide, wameyisa, ngokuba engumfana ebomvana, emuhle ebusweni. UmFilisti wasesithi kuDavida: Ngiyinja yini ukuthi uze kimi uphethe izinduku? UmFilisti wamthuka uDavide ngonkulunkulu bakhe. UmFilisti wathi kuDavide: “Woza kimi, nginike izinyoni zezulu nezilwane zasendle inyama yakho.” UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nesihlangu; kepha mina ngiza kuwe egameni likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu Sebawoti ka-Israyeli. Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami; ngiyakukwehlula, ngisuse ikhanda lakho kuwe; ngiyakuzinika namuhla izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba izidumbu zebutho lamaFilisti; ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli. Lonke leli bandla liyakwazi ukuthi uJehova akophuli ngenkemba nangomkhonto; ngokuba impi ingekaJehova, uyakuninikela esandleni sethu. Kwathi umFilisti eseqedile ukuhlangana loDavida, uDavida waphangisa wagijimela empini ukumhlangabeza umFilisti. UDavide wafaka isandla sakhe ekhukhwini lakhe, wakhipha itshe khona, walijikijela, wamshaya umFilisti ebunzini, itshe lashona ebunzini lakhe; wawa ngobuso emhlabathini. UDavide wamnqoba umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala; kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide. Ngakho uDavida wagijima wema eduze lomFilisti, wathatha inkemba yakhe, wayihotsha emgodleni wayo, wambulala, wamquma ikhanda ngayo. Lapho amaFilisti ebona ukuthi iqhawe lawo lifile, abaleka. Amadoda akwa-Israyeli noJuda azilungisa, amemeza, awaxosha amaFilisti, kwaze kwaba sesigodini nasemasangweni ase-Ekroni. Abalimeleyo bamaFilisti bawa endleleni eya eSaharayimi, kuze kufike eGati nase-Ekroni. Abantwana bakwa-Israyeli babuya ekuxosheni amaFilisti, baphanga amatende awo. UDavide walithatha ikhanda lomFilisti, waliyisa eJerusalema; kepha izikhali zakhe wazibeka etendeni lakhe. Lapho uSawule ebona uDavide ephuma ukuhlangabezana nomFilisti, wathi ku-Abineri induna yempi: “Abineri, iyindodana kabani le nsizwa na? U-Abineri wayesethi: “Kuphila komphefumulo wakho, nkosi, angikwazi ukusho. Inkosi yasisithi: Uyabuza ukuthi indodana kabani? UDavide esebuyile ekubulaleni umFilisti, u-Abineri wamthatha, wamyisa phambi kukaSawule, enekhanda lomFilisti esandleni sakhe. USawuli wasesithi kuye: Uyindodana kabani, nsizwa? UDavide wathi: “Ngiyindodana yenceku yakho uJese waseBetlehema.”