1 uSamuweli 17:1-21

1 uSamuweli 17:1-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)

AmaFilisti ahlanganisa amabutho awo ukuba ayokulwa; abuthana eSoko kwaJuda, akanisa phakathi kweSoko ne-Azekha, e-Efesi Damimi. USawule no-Israyeli babuthana, bakanisa esigodini i-Ela, impi bayihlela ngezigaba zayo ukuze ibhekane neyamaFilisti. AmaFilisti ayemi kwenye intaba, no-Israyeli emi kwenye, kukhona isigodi phakathi kwabo. Kwaphuma enkanjini yamaFilisti iqhawe elikhulu, igama lalo kunguGoliyathi waseGathi. Ubude bakhe babungamakhubhithi ayisithupha nesandla. Wayefake isigqokosivikeli sethusi ekhanda, egqoke ibhantshi lensimbi. Isisindo sebhantshi sasingamashekeli ethusi ayizi-5 000. Wayenezivikelo zethusi emilenzeni, nengcula yethusi phakathi kwamahlombe. Uthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki; isihloko somkhonto sasingamashekeli ensimbi angama-600. Phambi kwakhe kwakuhamba ophethe isihlangu. Wema, wamemeza ezinhleni zakwa-Israyeli, wathi: “Niphumeleni na? Niphumele ukuhlela impi? Mina ngingumFilisti nina niyizinceku zikaSawule. Ziqokeleni umuntu, ehle eze kimi. Uma enamandla okulwa nami, angibulale, siyakuba yizigqila zenu, kodwa uma ngimehlula, ngimbulale, niyakuba yizigqila zethu, nisikhonze.” UmFilisti wathi: “Ngiyazedelela namuhla izinhla zakwa-Israyeli; nginikeni umuntu, silwe naye.” Lapho uSawule naye wonke u-Israyeli bezwa lawo mazwi omFilisti, bashaywa luvalo, besaba kakhulu. UDavide wayeyindodana yomEfrathi waseBhethlehema Juda, ogama lakhe kunguJese. UJese wayenamadodana ayisishiyagalombili; wayesengumuntu omdala ngesikhathi sikaSawule. Amadodana kaJese amathathu, u-Eliyabe izibulo, u-Abhinadaba, noShama aphuma alandela uSawule aya empini. UDavide wayengomncane wamadodana amathathu amadala ayelandele uSawule. UDavide wasuka kuSawule, wabuyela ekwaluseni izimvu zikayise eBhethlehema. Njalo ekuseni nakusihlwa umFilisti wayephuma, ame, kwaze kwaba yizinsuku ezingama-40. UJese wathi kuDavide, indodana yakhe: “Ake uthathele abafowenu i-efa lotshwele nalezi zinkwa ezilishumi, uphuthume ubahambisele enkanjini yabo. Uphathele induna yenkulungwane lawa makhekheba kashizi. Ubheke ukuthi basaphila kahle yini abafowenu, ungibuyele nobufakazi.” USawule nabo bonke abakwa-Israyeli babesesigodini i-Ela, belwa namaFilisti. UDavide wavuka ekuseni ngovivi, washiya izimvu kumlindi, wathatha ayekuthunyiwe, wangena indlela, njengalokhu uJese emyalile. Wafika enqabeni ngesikhathi impi iphuma ukuyozihlela, kusakhuzwa iziqubulo. U-Israyeli namaFilisti bayihlela impi yabo ukuze batholane phezulu.

1 uSamuweli 17:1-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

AmaFilisti abutha izimpi zawo ukuba alwe; abuthana eSoko lakwaJuda, amisa phakathi kweSoko ne-Azeka e-Efesi Damimi. USawule nabantu bakwa-Israyeli babuthana, bamisa esigodini sase-Ela, bahlela impi ukuhlangabezana namaFilisti. AmaFilisti ayemi entabeni ngalapha, u-Israyeli wayemi entabeni ngalapha; kwakukhona isigodi phakathi kwabo. Kwaphuma iqhawe elikhulu ekamu* lamaFilisti, igama lalo linguGoliyati waseGati, obude bakhe buyizingalo eziyisithupha nesandla. Wayenesigqoko sethusi ekhanda, egqoke ibhantshi lensimbi; isisindo sebhantshi sasingamashekeli* ayizinkulungwane eziyisihlanu ethusi. Wayenezivikelo zethusi emilenzeni, nengcula yethusi phakathi kwamahlombe. Uthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki; isihloko somkhonto sasingamashekeli* angamakhulu ayisithupha ensimbi; ophethe isihlangu wahamba phambi kwakhe. Wema, wamemeza ezinhleni zakwa-Israyeli, wathi kuzo: “Niphumelani ukuhlela impi na? Angisiye umFilisti, nina niyizinceku zikaSawule, na? Zikhetheleni umuntu, ehle eze kimi. Uma enamandla okulwa nami, angibulale, siyakuba yizigqila zenu; kepha uma ngimahlula, ngimbulale, niyakuba yizigqila zethu, nisikhonze.” UmFilisti wathi: “Ngiyazeyisa namuhla izinhla zakwa-Israyeli; nginikeni umuntu, silwe naye.” Lapho uSawule naye wonke u-Israyeli bezwa lawo mazwi omFilisti, bashaywa luvalo, besaba kakhulu. UDavide wayeyindodana yalowo mEfrati waseBetlehema Juda ogama lakhe lalinguJese; wayenamadodana ayisishiyagalombili; lowo muntu wayemdala ezinsukwini zikaSawule phakathi kwabantu. Amadodana amathathu amakhulu kaJese ayemlandele uSawule ukuya empini; amagama amadodana akhe amathathu ayeyile empini ayengu-Eliyabe izibulo, emelamayo ngu-Abinadaba, neyesithathu nguShama. UDavide nguye owayengomncinyane; amathathu amakhulu amlandela uSawule. UDavide wahamba wabuya ukuyakwalusa izimvu zikayise eBetlehema. UmFilisti wasondela ekuseni nakusihlwa, wema khona izinsuku ezingamashumi amane. UJese wathi kuDavide indodana yakhe: “Ake uthathele abafowenu i-efa* lalolu tshwele nalezi zinkwa eziyishumi, usheshe uye ekamu* labafowenu, uphathele induna yenkulungwane lawa makhekheba kashizi,* ubheke impilo yabafowenu, uthathe isibambiso kubo.” USawule nabo bonke abantu bakwa-Israyeli base besesigodini sase-Ela, belwa namaFilisti. UDavide wavuka ekuseni kakhulu, washiya izimvu kumlindi, wathatha, wahamba, njengalokho uJese amyale ngakho; wafika enqabeni yezinqola, impi isaphuma ukuyakuhlelwa, yahlaba umkhosi. U-Israyeli namaFilisti bahlela impi, babhekana.

1 uSamuweli 17:1-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

AmaFilisti abutha izimpi zawo ukuba alwe, abuthana eSogo lakwaJuda, amisa phakathi kweSogo ne-Azeka e-Efesu-Damimi. USawuli lamadoda akoIsrayeli basebebuthana bamisa inkamba esigodini seEla, bahlela impi ukumelana lamaFilisti. AmaFilisti ayemi ngalapha kwentaba, u-Israyeli emi ngakolunye uhlangothi lwentaba, kukhona isigodi phakathi kwawo. Kwaphuma iqhawe ekamu lamaFilisti, igama likaGoliyati waseGati, obude bakhe buyizingalo eziyisithupha nobubanzi besandla. Wayenesigqoko sethusi ekhanda lakhe, ebhince isihlangu sesifuba; isisindo sengubo sasingamashekeli ayizinkulungwane eziyisihlanu ethusi. Wayenezitsha zethusi emilenzeni yakhe nesinqe sethusi phakathi kwamahlombe akhe. Udondolo lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki; ikhanda lomkhonto wakhe lalingamashekeli angamakhulu ayisithupha ensimbi, nophethe isihlangu waphuma phambi kwakhe. Wema, wabiza amabutho akoIsrayeli, wathi kuwo: Liphumeleni ukulungisa impi yenu? Angisiye umFilisti nezinceku zikaSawule na? zikhetheleni indoda, yehle ize kimi. Uma enamandla okulwa nami, angibulale, siyakuba yizinceku zenu; kepha uma ngiyinqoba, ngiyibulala, niyakuba yizigqila zethu, nisikhonze. UmFilisti wathi: “Ngiyadelela namuhla impi yakwa-Israyeli; nginike indoda, silwe sobabili. Lapho uSawule naye wonke u-Israyeli bezwa lawa mazwi omFilisti, bethuka, besaba kakhulu. UDavide wayeyindodana yalowo mEfrata waseBetlehema Juda ogama lakhe lalinguJese; wayenamadodana ayisishiyagalombili; lowo muntu wayesemdala ezinsukwini zikaSawule phakathi kwabantu. Amadodana amathathu amakhulu kaJese amlandela uSawule ukuya empini; amagama amadodana akhe amathathu aphuma impi ayengu-Eliyabe izibulo, no-Abinadaba wesithathu, noShama. UDavide wayengomncinyane, namadoda amadala amathathu amlandela uSawule. Kodwa uDavida wahamba wabuya kuSawuli ukuyakwelusa izimvu zikayise eBhethelehema. UmFilisti wayesesondela ekuseni nakusihlwa, wamhambela izinsuku ezingamashumi amane. UJese wathi kuDavide indodana yakhe: “Thatha abafowenu i-efa likakolweni othosiwe nalezi zinkwa eziyishumi, ugijimele ekamu kubafowenu; Ulethe lawa mashizi ayishumi enduneni yenkulungwane yabo, ubone ukuthi kuhamba kanjani kubafowenu, uthathe isibambiso kubo. USawuli, labo kanye lawo wonke amadoda akoIsrayeli babesesigodini seEla, balwa lamaFilisti. UDavide wavuka ekuseni kakhulu, washiya izimvu kumalusi, wazithatha, wahamba, njengalokho emyalile uJese; wafika emseleni lapho impi iphuma impi, yakhala impi. U-Israyeli namaFilisti bamisa impi, impi ibhekene nempi