1 uSamuweli 16:14-23
1 uSamuweli 16:14-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UMoya kaSimakade wamshiya uSawule, wayesengenwa ngumoya omubi owawuvela kuSimakade. Izinceku zikaSawule zathi kuye: “Bheka, umoya omubi ovela kuNkulunkulu uyakuhlupha. Mayisho inkosi yethu ukuba izinceku eziphambi kwakho zifune umuntu owazi ukubetha ihabhu; kuyothi lapho ufikelwa ngumoya omubi ovela kuNkulunkulu, akushayele ihabhu, ube ngcono.” USawule wayesethi kuzo izinceku zakhe: “Ngifuneleni umuntu owazi ukubetha kahle, nimlethe kimi.” Kwaphendula enye yezinsizwa, yathi: “Ngiyibonile mina indodana kaJese waseBhethlehema, ekwaziyo ukubetha ihabhu; iyiqhawe elinamandla, indoda yempi, iliciko lokukhuluma, iyabukeka; uSimakade unayo.” USawule wayesethumela izithunywa kuJese, wathi: “Mthumele kimi uDavide, indodana yakho esezimvini.” UJese wathatha imbongolo wayethwesa isinkwa, imvaba yewayini nezinyane lembuzi, wakuthumela kuSawule, ekuphathise uDavide. UDavide wafika kuSawule, wema phambi kwakhe, wamthanda kakhulu; wamenza udibi lwakhe. USawule wathumela kuJese, wathi: “Mvumele uDavide abe yisikhonzi sami, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami.” Kwakuthi nxa umoya ovela kuNkulunkulu umehlela uSawule, uDavide athathe ihabhu, alishaye ngesandla sakhe; akhululeke uSawule, abe ngcono, umoya omubi usuke kuye.
1 uSamuweli 16:14-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UMoya kaJehova wamuka kuSawule, nomoya omubi owavela kuJehova wamzuma. Izinceku zikaSawule zathi kuye: “Bheka-ke, umoya omubi ovela kuNkulunkulu ukuzumile. Mayisho inkosi yethu ukuba izinceku eziphambi kwakho zifune umuntu owazi ukubetha ihabhu;* kuyakuthi lapho ufikelwa ngumoya omubi ovela kuNkulunkulu, abethe ngesandla sakhe, kube kuhle kuwe.” USawule wayesethi kuzo izinceku zakhe: “Ngiboneleni umuntu owazi ukubetha kahle, nimlethe kimi.” Kwaphendula enye insizwa, yathi: “Bheka, ngibonile indodana kaJese waseBetlehema eyazi ukubetha, eyiqhawe elinamandla, eyindoda yempi nehlakaniphile ekukhulumeni, ebukeka, emuhle futhi; uJehova unayo.” Ngalokho uSawule wathuma izithunywa kuJese, wathi: “Thuma kimi uDavide indodana yakho osezimvini.” UJese wathatha imbongolo ithwele isinkwa, nemvaba yewayini, nezinyane lembuzi, wakuthuma kuSawule ngesandla sikaDavide indodana yakhe. UDavide wafika kuSawule, wema phambi kwakhe; wamthanda kakhulu, waba ludibi lwezikhali zakhe. USawule wathumela kuJese, wathi: “Akeme phambi kwami uDavide, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami.” Kwathi nxa umoya owavela kuNkulunkulu emehlela uSawule, uDavide wathatha ihabhu,* walibetha ngesandla sakhe; wayesekhululeka uSawule, waba ngcono, umoya omubi wamuka kuye.
1 uSamuweli 16:14-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kepha uMoya kaJehova wamuka kuSawule, nomoya omubi kaJehova wamesabisa. Izinceku zikaSawule zathi kuye: “Bheka, umoya omubi ovela kuNkulunkulu uyakwethusa. Manje inkosi yethu mayiyala izinceku zakho eziphambi kwakho ukuba zifune umuntu ongumshayi wehabhu ohlakaniphile; futhi uma umoya omubi kaNkulunkulu ufika phezu kwenu, yena uyokwenza ngesandla sakhe, futhi niyophulukiswa. USawule wayesethi ezincekwini zakhe: “Ngithatheleni umuntu okwazi ukubetha kahle, nimlethe kimi. Yasiphendula enye yezinceku, yathi: “Bheka, ngabona indodana kaJese waseBetlehema ehlakaniphileyo ekudlaleni, nendoda enamandla, neqhawe, ehlakaniphileyo emsebenzini, nenhle; futhi uJehova unaye. Ngakho uSawule wathuma izithunywa kuJese, wathi: “Thumela kimi indodana yakho uDavide osemhlambini.” UJese wathatha imbongolo, ithweswe isinkwa, nesaka lewayini, nezinyane lembuzi, wakuthuma kuSawule ngoDavide indodana yakhe. UDavide wafika kuSawule, wema phambi kwakhe, wamthanda kakhulu; waba ludibi lwezikhali zakhe. USawuli wasethumela kuJese esithi: UDavida kame phambi kwami; ngoba uthole umusa emehlweni ami. Lapho umoya omubi kaNkulunkulu uphezu kukaSawule, uDavide wathatha izintambo, wabetha ngesandla sakhe