1 uSamuweli 14:49-50
1 uSamuweli 14:49-50 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nanka amagama amadodana kaSawule: nguJonathani, u-Ishivi, noMalikhi Shuwa. Amadodakazi akhe, igama leyokuqala nguMerabi, encane nguMikhali. Igama lomkaSawule ngu-Ahinohama, indodakazi ka-Ahimazi. Umkhuzi wempi yakhe kungu-Abhineri, indodana kaNeri uyisekazi kaSawule.
1 uSamuweli 14:49-50 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Amadodana kaSawule ayengoJonathani, no-Ishivi, noMaliki Shuwa; amagama amadodakazi akhe amabili yilawa: igama lenkulu lalinguMerabi, igama lencane lalinguMikhali. Igama lomkaSawule lalingu-Ahinohama indodakazi ka-Ahimahazi; igama lenduna yempi yakhe lalingu-Abineri indodana kaNeri uyisekazi kaSawule.
1 uSamuweli 14:49-50 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Amadodana kaSawule ayengoJonathani, noJeshivi, noMelkishuwa; amagama amadodakazi akhe amabili yilawa; igama lezibulo lalinguMerabi, igama lencinyane lalinguMikhali; Igama lomkaSawule lalingu-Ahinohama indodakazi ka-Ahimahazi; igama lenduna yempi lalingu-Abineri indodana kaNeri uyisekazi kaSawule.