1 uSamuweli 14:24-52

1 uSamuweli 14:24-52 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Abantu bakwa-Israyeli babecindezelekile ngalolo lusuku, ngokuba uSawule wayebafungisile abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu oyodla ukudla kungakahlwi, ngingakaziphindiseli ezitheni zami.” Akukho muntu owadla ukudla. Bonke abantu bangena ehlathini; kwakukhona uju phansi. Beselapho ehlathini, bheka, kwakuconsa uju, kodwa akubanga bikho noyedwa owaludla, ngokuba bonke babesaba isifungo. UJonathani wayengasizwanga isifungo uyise asenzisa abantu. Wayeselula isihloko senduku yakhe ayeyiphethe, wayicwilisa ojwini, walukhotha; ayeseqabuka amehlo akhe. Omunye kubantu wathi: “Uyihlo ubafungisile nokubafungisa abantu, wathi: ‘Makaqalekiswe umuntu ozokudla ukudla namuhla.’ Abantu base bephelelwe ngamandla.” UJonathani wayesethi: “Ubaba ulihluphile izwe. Ake nibheke ukuthi amehlo ami aseqabuke kanjani ngenxa yokukhotha nje leli consana loju. Kakhulu kangakanani-ke ukuba abantu bebeyidlile impango yezitha abayitholile, ngabe ababulalanga yini amaFilisti amaningi kakhulu na?” Ngalo lolo suku babulala amaFilisti kusukela eMikhimashi kuze kube se-Ajaloni. Abantu baphelelwa ngamandla ngokwedlulele. Bayithelekela impango: bathatha izimvu, izinkabi namankonyane, bakuhlaba, bakudla kusenegazi. Abanye base bembikela uSawule, bathi: “Uyabona-ke, abantu sebonile kuSimakade badla okunegazi.” Wathi uSawule: “Nenze kabi, ngakho-ke namuhla gingqelani kimi itshe elikhulu.” USawule wathi: “Hlakazekani phakathi kwabantu, nibatshele bonke, nithi: ‘Akube yilowo nalowo alethe kimi inkabi yakhe, omunye imvu yakhe, nikuhlabe lapha kule ndawo, nikudle, ningabe nisona kuSimakade ngokudla okunegazi.’ ” Abantu baletha, kwaba yilowo nalowo inkabi yakhe, bakuhlaba bona mathupha lapho. USawule wamakhela uSimakade i-althare; lelo kwaba yi-althare lokuqala alakhela uSimakade. USawule wathi: “Masehle, silandele amaFilisti ebusuku, siwaphange kuze kuse, singashiyi noyedwa kuwo.” Bathi: “Yenza konke okuhle okubona kufanele.” Umphristi wayesethi: “Masisondele lapha kuNkulunkulu.” USawule wabuza kuNkulunkulu wathi: “Ngehle yini ngilandele amaFilisti, na? Uyakuwanikela yini esandleni sabakwa-Israyeli na?” Kepha akamphendulanga ngalolo lusuku. USawule wathi: “Sondelani lapha nina nonke zinhloko zabantu, nina enaziyo nenibonile ukuthi senzeke kanjani lesi sono sanamuhla. Kuphila kukaSimakade osindisa u-Israyeli, ngisho noma ngabe senziwe nguJonathani indodana yami, uyakufa nokufa.” Kepha akekho noyedwa owamphendula. Wayesethi ku-Israyeli wonke: “Buyelani nganhlanye nina, mina noJonathani, indodana yami, siyakuya ngakolunye uhlangothi.” Abantu bathi kuSawule: “Yenza okuhle okubona kufanele.” USawule wayesethi kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli: “Malivele iqiniso.” UJonathani noSawule badliwa wunkatho; abantu basinda. USawule wathi: “Yenzani unkatho phakathi kwami noJonathani, indodana yami.” UJonathani wadliwa wunkatho. USawule wayesethi kuJonathani: “Ngitshele okwenzileyo.” UJonathani wamtshela wathi: “Impela nginambithe iconsana loju ngesihloko senduku ebisesandleni sami. Sengizakufa.” USawule wathi: “Makenze kanjalo uNkulunkulu, enezele futhi, ngokuba uyakufa nokufa, Jonathani!” Abantu bathi kuSawule: “Uyakufa yini uJonathani osilethele lokhu kusindiswa okukhulu kwa-Israyeli na? Siyafunga siyagomela phambi kukaSimakade, makungenzeki lokho; akuyukuwela phansi nolulodwa unwele lwekhanda lakhe, ngokuba usebenze noNkulunkulu namuhla.” Abantu bamhlenga uJonathani, akabulawanga. USawule wayesebuya, wakhuphuka, akabe esawalandela amaFilisti; wona aya endaweni yawo. Lapho uSawule esewuthathile umbuso kwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe ezazimzungeze nxazonke: abakwaMowabi, abakwa-Amoni, abakwa-Edomi, amakhosi aseZobha namaFilisti; noma kuphi lapho ayeya khona wayefike avale ngehlahla. Walwa ngesibindi, wanqoba ama-Amaleki, wamhlenga u-Israyeli esandleni sabaphangi. Nanka amagama amadodana kaSawule: nguJonathani, u-Ishivi, noMalikhi Shuwa. Amadodakazi akhe, igama leyokuqala nguMerabi, encane nguMikhali. Igama lomkaSawule ngu-Ahinohama, indodakazi ka-Ahimazi. Umkhuzi wempi yakhe kungu-Abhineri, indodana kaNeri uyisekazi kaSawule. UKishi, uyise kaSawule noNeri, uyise ka-Abhineri, babengamadodana ka-Abhiyeli. Ngazo zonke izinsuku zikaSawule, kwakukhona ukulwa okunzima namaFilisti. Kwakuthi lapho uSawule ebona iqhawe nendoda enamandla azithathele bona.

1 uSamuweli 14:24-52 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Abantu bakwa-Israyeli babecindezelwa ngalolo suku, kepha uSawule wafungisa abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu odla ukudla kungakahlwi, ngingakaziphindiseli ezitheni zami.” Akwabakho muntu owezwa ukudla. Abantu bonke beza ehlathini; kwakukhona izinyosi phansi. Abantu sebengenile ehlathini, bheka, izinyosi zaconsa, kepha akwabakho muntu obeka isandla emlonyeni, ngokuba abantu besaba isifungo. Kepha uJonathani akezwanga lapho uyise efungisa abantu; ngalokho welula isihloko senduku esesandleni sakhe, wasicwilisa ezinyosini, wabeka isandla emlonyeni; ayeseqabuka amehlo akhe. Kwase kuthatha omunye wabantu, wathi: “Uyihlo wabafungisa nokubafungisa abantu, ethi: ‘Makaqalekiswe umuntu odla ukudla namuhla.’ Abantu babephelile amandla.” Wayesethi uJonathani: “Ubaba uhluphile izwe; ake nibone ukuthi amehlo ami aseqabukile, ngokuba ngizwe ingcosana yalezi zinyosi. Kakhulu kangakanani, uma abantu bebedlile impela impango yezitha zabo abayifumanayo, ngokuba nga engabulawanga kakhulu amaFilisti na?” Babulala amaFilisti ngalolo suku kusukela eMikimashi kuze kube se-Ajaloni; abantu baphela amandla kakhulu. Abantu batheleka empangweni, bathatha izimvu, nezinkabi, namankonyane, bakubulalela phansi; abantu bakudla kanye negazi. Base bemtshela uSawule, bethi: “Bheka, abantu bayona kuJehova ngokudla okunegazi.” Wathi: “Nenze kabi; gingqelani kimi itshe elikhulu namuhla.” Wathi uSawule: “Hlakazekelani phakathi kwabantu, nithi kubo: ‘Lethani kimi, kube yilowo nalowo inkabi yakhe, nalowo imvu yakhe, nizihlabe lapha, nidle, ningoni kuJehova ngokudla okunegazi.’ ” Bonke abantu baletha, kwaba yilowo nalowo inkabi yakhe ngalobo busuku ngesandla sakhe, bazihlaba khona. USawule wamakhela uJehova i-altare; kwakuyi-altare lokuqala amakhela lona uJehova. USawule wathi: “Masehle, silandele amaFilisti ebusuku, siwaphange kuze kuse, singashiyi noyedwa kuwo.” Bathi: “Yenza konke okuhle emehlweni akho.” Umpristi wayesethi: “Masisondele lapha kuNkulunkulu.” USawule wabuza kuNkulunkulu wathi: “Ngehle ngilandele amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sakwa-Israyeli na?” Kepha akamphendulanga ngalolo suku. USawule wathi: “Sondelani lapha nina nonke zinhloko zabantu, nazi, nibone ukuthi bekuyisiphi lesi sono sanamuhla. Ngokuba, kuphila kukaJehova osindisa u-Israyeli, nokuba sikuJonathani indodana yami, uyakufa nokufa.” Kepha akwabakho noyedwa owamphendulayo. Wayesethi ku-Israyeli wonke: “Buyelani nganhlanye nina, mina noJonathani indodana yami siyakubuyela nganhlanye.” Abantu bathi kuSawule: “Yenza okuhle emehlweni akho.” Ngalokho uSawule wathi kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli: “Malivele iqiniso.” OJonathani noSawule badliwa yinkatho, kepha abantu baphunyuka. USawule wathi: “Yenzani inkatho phakathi kwami noJonathani indodana yami.” Wadliwa uJonathani. USawule wayesethi kuJonathani: “Ngitshele okwenzileyo.” UJonathani wamtshela wathi: “Impela ngezwa ingcosana yezinyosi ngesihloko senduku eyayisesandleni sami; bheka, sengizakufa.” USawule wathi: “Makenze njalo uNkulunkulu, enezele futhi, ngokuba uyakufa nokufa, Jonathani!” Abantu bathi kuSawule: “Uyakufa yini uJonathani okwenzile lokho kusindisa okukhulu kwa-Israyeli na? Makube kude; kuphila kukaJehova, akuyikuwela phansi nolulodwa unwele lwekhanda lakhe, ngokuba usebenzile noNkulunkulu namuhla.” Abantu bamhlenga ukuba angafi. USawule wayesenyuka ebuya ekulandeleni amaFilisti; aya endaweni yawo. USawule esethathile umbuso wakwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, no-Edomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; nomaphi lapho ebheka khona, wayehlula. Wenza okobuqhawe, wanqoba ama-Amaleki, wamophula u-Israyeli esandleni sabaphangi. Amadodana kaSawule ayengoJonathani, no-Ishivi, noMaliki Shuwa; amagama amadodakazi akhe amabili yilawa: igama lenkulu lalinguMerabi, igama lencane lalinguMikhali. Igama lomkaSawule lalingu-Ahinohama indodakazi ka-Ahimahazi; igama lenduna yempi yakhe lalingu-Abineri indodana kaNeri uyisekazi kaSawule. UKishi uyise kaSawule noNeri uyise ka-Abineri babe ngamadodana ka-Abiyeli. Kwakukhona ukulwa okunzima namaFilisti zonke izinsuku zikaSawule; lapho uSawule ebona iqhawe nendoda enamandla wazithathela bona.

1 uSamuweli 14:24-52 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Abantu bakwa-Israyeli bacindezelwa ngalolo suku, ngokuba uSawule wabayala abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu odla noma yini kuze kuhlwe, ukuze ngiziphindiselele ezitheni zami. Ngakho kakho ebantwini owanambitha ukudla. Izwe lonke lafika ehlathini; kwakukhona uluju emhlabathini. Lapho amadoda efika ehlathini, uju lwaconsa; kepha akubangakho obeka isandla sakhe emlonyeni wakhe, ngokuba abantu basesaba isifungo. Kepha uJonathani akalalelanga lapho uyise eyala abantu; ngakho welula isihloko sodondolo olusesandleni sakhe, walucwilisa ekhekhebeni lezinyosi, wasibeka isandla sakhe emlonyeni wakhe; lamehlo akhe akhanya. Yaphendula enye yamadoda, yathi: “Uyihlo ubaxwayisile kakhulu abantu, wathi: ‘Uqalekisiwe umuntu odla utho namuhla. Abantu baphela amandla. UJonathani wasesithi: Ubaba walinyakazisa ilizwe; bhekani, amehlo ami aqabukile, ngokuba nginambithe ingcosana yaloluju. Kakhulu kangakanani uma abantu namuhla besidla ngokukhululeka empangweni yezitha zabo abayitholile? Ngokuba kwakungekho ukubulalana okukhulu kakhulu manje phakathi kwamaFilisti na? Bawachitha amaFilisti ngalolo suku kusukela eMigimashi kuze kube se-Ajaloni, futhi abantu badinwa kakhulu. Abantu bandiza phezu kwempango, bathatha izimvu, nezinkomo, namathole, bakushaya phansi, abantu bakudla kanye negazi. Base bemtshela uSawule lokho, bathi: “Bheka, abantu bayona kuJehova ngokudla igazi.” Wathi: “Nenile; gingqela itshe elikhulu kimi namuhla. USawuli wasesithi: Zihlakazeleni phakathi kwabantu, lithi kubo: Lethani kimi, ngulowo lalowo inkomo yakhe, ngulowo lalowo umhlambi wakhe, lizihlabe lapha, lidle; futhi ningoni kuJehova ngokudla igazi. Bonke abantu ngalobo busuku baletha, kwaba yilowo nalowo izinkomo zakhe, bazihlaba khona. USawule wamakhela uJehova i-altare; laliyi-altare lokuqala elakhela uJehova. USawule wathi: “Masiwalandele amaFilisti ebusuku, siwaphange kuze kuse, singashiyi noyedwa wawo. Futhi bathi: Yenza noma yini enhle emehlweni akho. Wayesethi umpristi: “Masisondele kuNkulunkulu. USawuli wasebuza kuNkulunkulu wathi: Ngilandele amaFilisti yini? uyakuwanikela esandleni sika-Israyeli na? Kodwa akazange amphendule ngalolo suku. USawuli wasesithi: Sondelani lapha, zonke iziphathamandla zabantu, lazi, libone ukuthi siyini lesi sono lamuhla. Ngokuba kuphila kukaJehova ohlenga u-Israyeli, noma sikuJonathani indodana yami, uyakufa nokufa. Kodwa kwakungekho muntu phakathi kwabo bonke owamphendula. Wayesethi ku-Israyeli wonke: “Yibani nganxanye, mina noJonathani indodana yami siyakuba ngalapha.” Abantu bathi kuSawule: “Yenza okuhle emehlweni akho. USawuli wasesithi eNkosini uNkulunkulu kaIsrayeli: Yenza inkatho epheleleyo. OSawule noJonathani baboshwa, kepha amadoda abaleka. USawuli wasesithi: Yenzani inkatho phakathi kwami loJonathani indodana yami. UJonathani wabanjwa. USawuli wasesithi kuJonathani: Ngitshele ukuthi wenzeni. UJonathani wamtshela wathi: “Nginambithe uluju oluncane ngesihloko sodondolo olusesandleni sami; bheka, ngiyakufa. USawule wathi: “UNkulunkulu makenze lokhu, enezele, ngokuba uyakufa nokufa, Jonathani. Abantu base bethi kuSawule: “Uyakufa uJonathani yini owenze lokhu kusindiswa okukhulu kwa-Israyeli na? makube kude lokho; kuphila kukaJehova, akuyikuwela phansi nonwele lwekhanda lakhe; ngoba usebenze noNkulunkulu namuhla. Abantu bamsindisa uJonathani, ukuze angafi. USawule wakhuphuka wawalandela amaFilisti, amaFilisti aya endaweni yawo. USawule wathatha ubukhosi kwa-Israyeli, walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, no-Edomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; futhi nomaphi lapho ephendukela khona, wayebahlupha. Wabutha impi, wanqoba ama-Amaleki, wakhulula u-Israyeli esandleni sabaphangi. Amadodana kaSawule ayengoJonathani, noJeshivi, noMelkishuwa; amagama amadodakazi akhe amabili yilawa; igama lezibulo lalinguMerabi, igama lencinyane lalinguMikhali; Igama lomkaSawule lalingu-Ahinohama indodakazi ka-Ahimahazi; igama lenduna yempi lalingu-Abineri indodana kaNeri uyisekazi kaSawule. UKishi wazala uSawule; uNeri, uyise ka-Abineri, wayeyindodana ka-Abiyeli. Kwakukhona impi enzima namaFilisti zonke izinsuku zikaSawule; lapho uSawule ebona indoda enamandla noma iqhawe, wamyisa kuye.