1 uSamuweli 14:1-23

1 uSamuweli 14:1-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Langa limbe uJonathani, indodana kaSawule, wathi odibini lwakhe: “Woza siwele, siye ebuthweni lamaFilisti elingaphesheya.” Kepha akamazisanga uyise ngalokho. USawule wahlala emaphethelweni eGibheya, phansi kwesihlahla samahananadi eMigroni. Wayenabantu abangama-600 ababenaye lapho. U-Ahiya, indodana ka-Ahithubi, umfowabo ka-Ikhabhodi kaFinehasi ka-Eli, umphristi kaSimakade eShilo, wayembethe ingubo yamahlombe. Abantu babengazi ukuthi uJonathani uhambile. Phakathi kwezikhala uJonathani ayefuna ukucusha kuzo aye ngaphesheya, agasele ibutho lamaFilisti, kwakunogedla lwesiwa ngapha nangapha. Igama lesinye kwakuthiwa yiBhozezi, esinye kuthiwa yiSene. Olunye ugedla lwesiwa lwalugebele ngasenyakatho, phambi kweMikhimashi, olunye ngaseningizimu, phambi kweGebha. UJonathani wathi odibini lwakhe: “Woza siwelele ngaphesheya, siye ebuthweni labangasokile, mhlawumbe uSimakade uzosisiza, ngokuba akukho okungamthiya ukuba asindise, kungaba ngabaningi noma ngabayingcosana.” Udibi lwathi kuye: “Yenza konke okusenhliziyweni yakho: hamba; nginawe ngenhliziyo epheleleyo.” UJonathani wayesethi kuye: “Uyabona-ke, siyakuwela, siye kulabo bantu, siziveze kubo. Uma bethi kithi: ‘Hlalani size sifike kini,’ siyakuma endaweni yethu, singenyukeli kubo. Kepha uma bethi: ‘Yenyukelani kithi,’ siyakwenyuka, ngokuba uSimakade uyakubanikela esandleni sethu; lokho kuyakuba yisibonakaliso kithi.” Baziveza bobabili kulo ibutho lamaFilisti. AmaFilisti ayesethi: “Bhekani, amaHebheru ayaphuma emigodini acashe kuyo.” Abantu ababesebuthweni lamaFilisti babamemeza uJonathani nodibi lwakhe, bathi: “Khuphukelani lapha kithi, sizonitshela okuthile.” UJonathani wayesethi odibini lwakhe: “Khuphuka ungilandele, ngokuba uSimakade ubanikele esandleni sakwa-Israyeli.” UJonathani wakhuphuka ekhasa ngezandla nezinyawo, nodibi lwakhe lumlandela. Abantu bawa phambi kukaJonathani, udibi lwakhe olwalumlandela lwabacoboshisa. Kuleso sehlakalo sokuqala sokubulawa kwabantu uJonathani nodibi lwakhe babulala abantu abangama-20 ebangeni elingathi liyingxenye ye-ekha lensimu. Kwaba khona ukuthuthumela enkanjini, endle, nakubo bonke abantu. Ibutho nabaphangi bathuthumela, umhlaba wazamazama, kwaba ngukuthuthumela okukhulu. Abaqaphi bakaSawule eGibheya kwaBhenjamini babona isixuku sihlakazeka, siya ngapha nangalaphaya. USawule wayesethi kubantu ababenaye: “Balani manje, nibone ukuthi ngubani ongekho phakathi kwethu.” Babala; bheka, uJonathani nodibi lwakhe babengekho. USawule wathi ku-Ahiya: “Letha umphongolo kaNkulunkulu.” Ngokuba umphongolo kaNkulunkulu ngaleso sikhathi wawukwabakwa-Israyeli. Kwathi uSawule esakhuluma kumphristi, umsindo owawusenkanjini yamaFilisti waqhubeka, wanda kakhulu. USawule wathi kumphristi: “Susa isandla sakho.” USawule wabiza bonke abantu ababenaye, bahamba baya ukuyolwa. Kwaba yilowo nalowo wasingena ngenkemba isitha, yatholana phezulu kwashunqa uthuli. Nalawo maHebheru ayekade eseqembukele kumaFilisti nawo akhuphukela enkanjini ayizungeza nxazonke, ayeseba nabakwa-Israyeli ababenoSawule noJonathani. Bonke abakwa-Israyeli ababecashe kwelezintaba kwa-Efrayimi bezwa ukuthi amaFilisti abalekile, nabo bawaxosha ngempi. USimakade wamsindisa u-Israyeli ngalolo lusuku. Impi yalwa yaze yedlulela eBhethi Aveni.

1 uSamuweli 14:1-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi ngosuku oluthile uJonathani indodana kaSawule wathi odibini oluphethe izikhali zakhe: “Woza siwele, siye ekhandeni lamaFilisti elingaphesheya.” Kepha akamtshelanga uyise. USawule wahlala emaphethelweni aseGibeya phansi kompomegranati* oseMigroni; abantu ababe naye babe ngamakhulu ayisithupha; u-Ahiya indodana ka-Ahithubi, umfowabo ka-Ikabodi indodana kaFinehasi ka-Eli, umpristi kaJehova eShilo, wayembethe ingubo yamahlombe. Abantu babengazi ukuthi uJonathani uhambile. Phakathi kwezintuba uJonathani afuna ukuwela ngazo ukuya ekhandeni lamaFilisti kwakukhona ugedla lwesiwa ngalapha nogedla lwesiwa ngalapha; igama lolunye laliyiBosesi, negama lolunye laliyiSene. Olunye ugedla lwaluphakeme ngasenyakatho phambi kweMikimashi, nolunye ngaseningizimu phambi kweGeba. UJonathani wathi odibini lwakhe oluphethe izikhali zakhe: “Woza siwele, siye ekhandeni lalabo abangasokile; ingabe uJehova uyakusisebenzela, ngokuba akukho okumthiyayo uJehova ukuba asindise ngabaningi noma ngabayingcosana.” Ophethe izikhali zakhe wathi kuye: “Yenza konke okusenhliziyweni yakho: hamba, bheka, nginawe njengenhliziyo yakho.” Wayesethi uJonathani kuye: “Bheka, siyakuwela, siye kulabo bantu, sizibonakalise kubo. Uma bethi kithi: ‘Hlalani size sifike kini,’ khona siyakuma endaweni yethu, singenyukeli kubo. Kepha uma bethi: ‘Yenyukelani kithi,’ siyakwenyuka, ngokuba uJehova ubanikele esandleni sethu; lokhu kuyakuba yisibonakaliso kithi.” Bobabili bazibonakalisa kulo ikhanda lamaFilisti; amaFilisti ayesethi: “Bhekani, amaHeberu aphuma emigodini acashe kuyo.” Abantu basekhandeni bamphendula uJonathani nodibi lwakhe, bathi: “Khuphukelani kithi, siyakunifundisa indaba.” UJonathani wayesethi odibini oluphethe izikhali zakhe: “Khuphuka emva kwami, ngokuba uJehova ubanikele esandleni sakwa-Israyeli.” UJonathani wakhuphuka ngezandla zakhe nangezinyawo zakhe, nodibi lwakhe emva kwakhe; bawa phambi kukaJonathani, nodibi lwezikhali zakhe lwababulala emva kwakhe. Lokho kuceka kokuqala abakwenzayo uJonathani nodibi lwezikhali zakhe kwakungabantu kungathi amashumi amabili ebangeni elingathi inxenye ye-eka* lensimu. Kwaba khona ukuthuthumela ekamu,* nasendle, naphakathi kwabantu bonke; ikhanda nabaphangi bathuthumela nabo, nomhlaba wazamazama, kwaze kwaba ngukuthuthumela okukhulu. Abalindi bakaSawule eGibeya lakwaBenjamini babona, bheka, isixuku sahlakazeka, saya ngalapha nangalapha. USawule wayesethi kubantu ababe naye: “Balani manje, nibone ukuthi ngubani omukile kithi.” Babala, bheka, uJonathani nodibi lwezikhali zakhe babengekho. USawule wathi ku-Ahiya: “Letha umphongolo kaNkulunkulu.” Ngokuba umphongolo kaNkulunkulu wawukhona ngaleso sikhathi kwabakwa-Israyeli. Kwathi uSawule esakhuluma kumpristi, umsindo owawusekamu* lamaFilisti waqhubeka, wanda; uSawule wathi kumpristi: “Susa isandla sakho.” USawule nabo bonke abantu ababe naye babuthana, baya ekulweni; bheka, yilowo nalowo washaya omunye ngenkemba, kwaba khona ukungquzuka okukhulu kakhulu. AmaHeberu ayenamaFilisti kuqala nawo akhuphukela ekamu* nxazonke, aphendukela kwabakwa-Israyeli ababe noSawule noJonathani. Abantu bonke bakwa-Israyeli ababecashile ezintabeni zakwa-Efrayimi sebezwile ukuthi amaFilisti abaleka, nabo bawaxosha ekulweni. UJehova wasindisa u-Israyeli ngalolo suku; ukulwa kwadlulela eBeti Aveni.

1 uSamuweli 14:1-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwasekusithi ngolunye usuku uJonathani indodana kaSawuli wathi ejayni eligqoka izikhali zakhe: Woza, sichaphele, siye endaweni yabalindi yamaFilisti engaleya. Kodwa akamtshelanga uyise. USawuli wasehlala ekupheleni kweGibeya ngaphansi kompomegranati oseMigroni; amadoda ayenaye kungathi amadoda angamakhulu ayisithupha; no-Ahiya, indodana ka-Ahithubi, umfowabo ka-Ikabodi, indodana kaFinehasi, indodana ka-Eli, umpristi kaJehova eShilo, enengubo yehlombe. Abantu babengazi ukuthi uJonathani uhambile. Phakathi kwezintuba uJonathani ayefuna ukuwela kuzo, aye ezingosini zamaFilisti, kwakukhona idwala elicijileyo ngalapha, nedwala elibukhali ngalapha; igama lenye lalinguBhozesi, igama lenye lalinguSene. Ingaphambili lelinye lalibheke ngasenyakatho ngaseMigimasi, nelinye ngaseningizimu ngaseGibeya. UJonathani wasesithi kuyo ijaha eligqoka izikhali zakhe: Woza, sichaphele endaweni yabalindi yalaba abangasokile; nge min. Udibi lwezikhali zakhe lwathi kuye: “Yenza konke okusenhliziyweni yakho; bheka, nginawe ngokwenhliziyo yakho. UJonathani wasesithi: Khangela, sizachaphela kulawamadoda, sizazibonakalisa kuwo. Uma besho kanje kithi ukuthi: ‘Thulani, size sifike kini; khona siyakuma endaweni yethu, singakhuphukeli kubo. Kepha uma besho njalo ukuthi: ‘Khuphukelani kithi; siyakukhuphuka, ngokuba uJehova uwanikele esandleni sethu, lokhu kuyakuba yisibonakaliso kithi. Base bezibonakalisa bobabili endaweni yabalindi yamaFilisti; amaFilisti athi: “Bheka, amaHeberu aphuma emigodini abecashe kuyo.” Abalindi baphendula uJonathani nodibi lwezikhali zakhe, bathi: “Khuphukelani kithi, sinibonise utho.” UJonathani wasesithi odibini lwezikhali zakhe: Yenyuka emva kwami, ngoba iNKOSI ibanikele esandleni sikaIsrayeli. UJonathani wagibela izandla zakhe nangezinyawo zakhe, nodibi lwezikhali zakhe emva kwakhe, bawa phambi kukaJonathani; nodibi lwezikhali zakhe lwabulala emva kwakhe. Lokhu kubulala kokuqala uJonathani nodibi lwezikhali zakhe abakwenzayo kwakungamadoda angaba amashumi amabili, njengengxenye yehektare yezwe, ababengalima ijoka lezinkomo. Kwase kuba khona ukuthuthumela phakathi kwempi, endle, naphakathi kwabantu bonke; Abalindi bakaSawule eGibeya lakwaBenjamini babheka; futhi bheka, isixuku sancibilika, futhi baqhubeka behlula omunye nomunye. USawuli wasesithi emadodeni ayelaye: Balani libone ukuthi ngubani osuke kithi. Sebebala, uJonathani nodibi lwakhe babengekho. USawule wayesethi ku-Ahiya: “Letha lapha umphongolo kaNkulunkulu. Ngoba umphongolo kaNkulunkulu wawukubantwana bakwa-Israyeli ngaleso sikhathi. Kwathi uSawule esakhuluma nompristi, umsindo owawusempini yamaFilisti wanda, wanda, uSawule wathi kumpristi: “Buyisa isandla sakho.” USawule nabo bonke abantu ababe naye babuthana, bangena ekulweni; AmaHeberu ayekanye namaFilisti ngaphambi kwaleso sikhathi, akhuphukela ekamu nawo evela emazweni azungezile, nawo aphenduka ukuba abe nama-Israyeli ayenoSawule noJonathani. Ngokufanayo, wonke amadoda akwa-Israyeli ayecashe ezintabeni zakwa-Efrayimi, lapho ezwa ukuthi amaFilisti abalekile, nawo awasukela ekulweni. Ngakho uJehova wakhulula u-Israyeli ngalolo suku, futhi impi yaqhubeka kwaze kwaba seBeti Aveni.