1 uSamuweli 13:5-14

1 uSamuweli 13:5-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)

AmaFilisti abuthanela ukulwa no-Israyeli: izinqola eziyizi-30 000, abamahhashi abayizi-6 000, nabantu ababebaningi ngangesihlabathi ogwini lolwandle, benyuka bakanisa eMikhimashi empumalanga eBhethi Aveni. Kwathi lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basenkathazweni ngenxa yengcindezelo enkulu ababekuyo, abantu bacasha emigedeni, emahlozini, emaweni, ezinqabeni, nakuyo imithombokwakhiwa. AmaHebheru awela iJordani, aya kwaGadi nakwaGileyadi. USawule wayeseseGiligali, bonke abantu bamlandela bethuthumela. USawule wahlala izinsuku eziyisikhombisa, okuyisikhathi uSamuweli ayemnqumele sona, kodwa uSamuweli akafikanga eGiligali. Abantu base beqala ukuhlakazeka bemshiya uSawule. USawule wayesethi: “Lethani kimi umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula.” Wanikela ngomnikelo wokushiswa. Kwathi eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa; waqhamuka uSamuweli. USawule waphuma wayomhlangabeza, wambingelela. USamuweli wambuza, wathi: “Wenzeni na?” USawule wathi: “Kuthe ukuba ngibone ukuthi abantu sebeyahlakazeka, bayangishiya, nokuthi nawe awufiki ngesikhathi obusinqumile, namaFilisti abuthene eMikhimashi, ngathi: ‘Manje amaFilisti azokwehlela kimi angihlasele eGiligali ngingakakhuleki,’ ngase ngiziphoqa, nganikela ngomnikelo wokushiswa.” USamuweli wathi kuSawule: “Wenze ubuwula, awuwugcinanga umyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho akuyale ngawo. USimakade ubezowuqinisa umbuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade, kodwa manje umbuso wakho awusezukuqhubeka. USimakade uzifunele umuntu oqokwe yinhliziyo yakhe. USimakade ummisile ukuba abe ngumholi wabantu bakhe, ngokuba awukugcinanga lokho uSimakade akuyala ngakho.”

1 uSamuweli 13:5-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

AmaFilisti abuthana ukuba alwe no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha, nabantu abangangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa eMikimashi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni. Lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basengcingweni, ngokuba bacindezelwa kakhulu, abantu bacasha emihumeni, nasemahlozini, nasemaweni, nasezinqabeni, nasemigodini. NamaHeberu ayewelile iJordani ukuya ezweni lakwaGadi nakwelakwaGileyadi; kepha uSawule wayeseseGiligali; abantu bonke bamlandela bethuthumela. Wahlala izinsuku eziyisikhombisa njengesikhathi esimisiwe nguSamuweli, kepha uSamuweli akafikanga eGiligali; abantu bahlakazeka kuye. USawule wayesethi: “Lethani kimi umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula.” Wanikela ngomnikelo wokushiswa. Kwathi eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa, bheka, uSamuweli wafika; uSawule waphuma ukumhlangabeza ukuba ambingelele. USamuweli wathi: “Wenzeni na?” USawule wathi: “Njengokuba ngabona ukuthi abantu bahlakazekile kimi, nokuthi awufikanga ngesikhathi esimisiweyo, nokuthi amaFilisti abuthene eMikimashi, ngathi: ‘Manje amaFilisti ayakwehlela kimi eGiligali ngingakhulekanga;’ ngase ngiziphoqa, nganikela ngomnikelo wokushiswa.” USamuweli wathi kuSawule: “Wenze ngobuwula, awugcinanga umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo, ngokuba uJehova ubeseyakuqinisa umbuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade. Kepha manje umbuso wakho awuyikuqhubeka; uJehova usezifunele umuntu ngokwenhliziyo yakhe; uJehova ummisile abe ngumholi wabantu bakhe, ngokuba ungagcinanga lokho uJehova akuyala ngakho.”

1 uSamuweli 13:5-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

AmaFilisti abuthana ukulwa no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha namadoda angangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa inkamba eMigimasi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni. Lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi baswele (ngokuba abantu babecindezelekile), abantu bacasha emihumeni nasemahlozini nasemadwaleni naseziqongweni nasemigodini. Amanye amaHeberu awela iJordani, aya ezweni lakwaGadi nelakwaGileyadi. Kepha uSawule wayeseseGiligali, bonke abantu bamlandela bethuthumela. Wahlala izinsuku eziyisikhombisa njengesikhathi esinqunyiweyo uSamuweli; kepha uSamuweli akafikanga eGiligali; abantu basebehlakazeka besuka kuye. USawuli wasesithi: Ngilethele lapha umnikelo wokutshiswa leminikelo yokubonga. Wanikela ngomnikelo wokushiswa. Kwathi nje lapho eqeda ukunikela ngomnikelo wokushiswa, bheka, uSamuweli wafika; uSawule waphuma ukumhlangabeza ukumbingelela. USamuweli wasesithi: Wenzeni? USawule wayesethi: “Ngokuba ngibonile ukuthi abantu bahlakazekile kimi, nokuthi anifikanga ngezinsuku ezimisiweyo, nokuthi amaFilisti abuthana eMigimasi; Ngase ngithi: “AmaFilisti aseyakungifikela eGiligali, kepha angimncenganga uJehova; USamuweli wayesethi kuSawule: “Wenze ngobuwula; awuwugcinanga umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo; ngoba manje uJehova ubezakuqinisa ubukhosi bakho phezu kukaIsrayeli kuze kube nininini. Kepha manje umbuso wakho awuyikuba khona; uJehova wazifunela indoda ethandwa yinhliziyo yakhe; uJehova wamyala ukuba abe ngumbusi phezu kwabantu bakhe, ngokuba awugcinanga lokho uJehova akuyala ngakho.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo