1 uSamuweli 13:1-15

1 uSamuweli 13:1-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USawule wayesekhulakhulile ngesikhathi eqala ukubusa. Esebuse iminyaka emibili kwa-Israyeli, waqoka abantu abayizi-3 000 kwa-Israyeli. Abayizi-2 000 baba noSawule eMikhimashi nasentabeni eBhethele, inkulungwane yaba noJonathani eGibheya kwaBhenjamini. Abanye abantu wabaphindisela emuva, kwaba yilowo nalowo waya ethendeni lakhe. UJonathani wabhubhisa ibutho lamaFilisti elalikanise eGebha, amaFilisti ezwa ngalokho. USawule wabetha icilongo ezweni lonke, wathi: “AmaHebheru mawezwe!” U-Israyeli wonke wezwa ukuthi uSawule ubhubhise impi yamaFilisti nokuthi u-Israyeli uyanengeka kuwo amaFilisti. Abantu baqoqana ukuba balandele uSawule, baye eGiligali. AmaFilisti abuthanela ukulwa no-Israyeli: izinqola eziyizi-30 000, abamahhashi abayizi-6 000, nabantu ababebaningi ngangesihlabathi ogwini lolwandle, benyuka bakanisa eMikhimashi empumalanga eBhethi Aveni. Kwathi lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basenkathazweni ngenxa yengcindezelo enkulu ababekuyo, abantu bacasha emigedeni, emahlozini, emaweni, ezinqabeni, nakuyo imithombokwakhiwa. AmaHebheru awela iJordani, aya kwaGadi nakwaGileyadi. USawule wayeseseGiligali, bonke abantu bamlandela bethuthumela. USawule wahlala izinsuku eziyisikhombisa, okuyisikhathi uSamuweli ayemnqumele sona, kodwa uSamuweli akafikanga eGiligali. Abantu base beqala ukuhlakazeka bemshiya uSawule. USawule wayesethi: “Lethani kimi umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula.” Wanikela ngomnikelo wokushiswa. Kwathi eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa; waqhamuka uSamuweli. USawule waphuma wayomhlangabeza, wambingelela. USamuweli wambuza, wathi: “Wenzeni na?” USawule wathi: “Kuthe ukuba ngibone ukuthi abantu sebeyahlakazeka, bayangishiya, nokuthi nawe awufiki ngesikhathi obusinqumile, namaFilisti abuthene eMikhimashi, ngathi: ‘Manje amaFilisti azokwehlela kimi angihlasele eGiligali ngingakakhuleki,’ ngase ngiziphoqa, nganikela ngomnikelo wokushiswa.” USamuweli wathi kuSawule: “Wenze ubuwula, awuwugcinanga umyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho akuyale ngawo. USimakade ubezowuqinisa umbuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade, kodwa manje umbuso wakho awusezukuqhubeka. USimakade uzifunele umuntu oqokwe yinhliziyo yakhe. USimakade ummisile ukuba abe ngumholi wabantu bakhe, ngokuba awukugcinanga lokho uSimakade akuyala ngakho.” USamuweli wayesesuka wakhuphuka eGiligali, waya eGibheya kwaBhenjamini. USawule wabala abantu ababesasele naye, babecishe babe ngama-600.

1 uSamuweli 13:1-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

USawule wabusa umnyaka; esebusile iminyaka emibili kwa-Israyeli. USawule wazikhethela abantu abayizinkulungwane ezintathu kwa-Israyeli; izinkulungwane ezimbili zazinoSawule eMikimashi nasentabeni yaseBethele, nenkulungwane yayinoJonathani eGibeya lakwaBenjamini; abanye abantu wabamukisa, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. UJonathani wachitha ikhanda lamaFilisti elaliseGeba, amaFilisti akuzwa. USawule wabetha icilongo ezweni lonke, wathi: “Makezwe amaHeberu.” Wonke u-Israyeli wezwa kuthiwa uSawule uchithile ikhanda lamaFilisti nokuthi u-Israyeli uyanengeka kuwo amaFilisti. Abantu babuthwa ukuba bamlandele uSawule, baye eGiligali. AmaFilisti abuthana ukuba alwe no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha, nabantu abangangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa eMikimashi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni. Lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basengcingweni, ngokuba bacindezelwa kakhulu, abantu bacasha emihumeni, nasemahlozini, nasemaweni, nasezinqabeni, nasemigodini. NamaHeberu ayewelile iJordani ukuya ezweni lakwaGadi nakwelakwaGileyadi; kepha uSawule wayeseseGiligali; abantu bonke bamlandela bethuthumela. Wahlala izinsuku eziyisikhombisa njengesikhathi esimisiwe nguSamuweli, kepha uSamuweli akafikanga eGiligali; abantu bahlakazeka kuye. USawule wayesethi: “Lethani kimi umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula.” Wanikela ngomnikelo wokushiswa. Kwathi eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa, bheka, uSamuweli wafika; uSawule waphuma ukumhlangabeza ukuba ambingelele. USamuweli wathi: “Wenzeni na?” USawule wathi: “Njengokuba ngabona ukuthi abantu bahlakazekile kimi, nokuthi awufikanga ngesikhathi esimisiweyo, nokuthi amaFilisti abuthene eMikimashi, ngathi: ‘Manje amaFilisti ayakwehlela kimi eGiligali ngingakhulekanga;’ ngase ngiziphoqa, nganikela ngomnikelo wokushiswa.” USamuweli wathi kuSawule: “Wenze ngobuwula, awugcinanga umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo, ngokuba uJehova ubeseyakuqinisa umbuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade. Kepha manje umbuso wakho awuyikuqhubeka; uJehova usezifunele umuntu ngokwenhliziyo yakhe; uJehova ummisile abe ngumholi wabantu bakhe, ngokuba ungagcinanga lokho uJehova akuyala ngakho.” USamuweli wayesesuka, wakhuphuka eGiligali, waya eGibeya lakwaBenjamini. USawule wabala abantu abafumaniseka bekuye, kungathi abantu abangamakhulu ayisithupha.

1 uSamuweli 13:1-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

USawuli wasebusa phezu kukaIsrayeli umnyaka owodwa. USawule wazikhethela amadoda ayizinkulungwane ezintathu kwa-Israyeli; izinkulungwane ezimbili zazo zazinoSawule eMigimasi nasentabeni yaseBethele, nenkulungwane inoJonathani eGibeya lakwaBenjamini; abanye abantu wabamukisa, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. UJonathani wachitha ikampu yamaFilisti eyayiseGeba; amaFilisti ezwa ngakho. USawule wabetha icilongo ezweni lonke, wathi: “Makezwe amaHeberu; Wonke u-Israyeli wezwa ukuthi uSawule uchithe ikampu yamaFilisti nokuthi u-Israyeli unengeka kumaFilisti. Abantu babizelwa ndawonye ukuba bamlandele uSawule eGiligali. AmaFilisti abuthana ukulwa no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha namadoda angangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa inkamba eMigimasi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni. Lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi baswele (ngokuba abantu babecindezelekile), abantu bacasha emihumeni nasemahlozini nasemadwaleni naseziqongweni nasemigodini. Amanye amaHeberu awela iJordani, aya ezweni lakwaGadi nelakwaGileyadi. Kepha uSawule wayeseseGiligali, bonke abantu bamlandela bethuthumela. Wahlala izinsuku eziyisikhombisa njengesikhathi esinqunyiweyo uSamuweli; kepha uSamuweli akafikanga eGiligali; abantu basebehlakazeka besuka kuye. USawuli wasesithi: Ngilethele lapha umnikelo wokutshiswa leminikelo yokubonga. Wanikela ngomnikelo wokushiswa. Kwathi nje lapho eqeda ukunikela ngomnikelo wokushiswa, bheka, uSamuweli wafika; uSawule waphuma ukumhlangabeza ukumbingelela. USamuweli wasesithi: Wenzeni? USawule wayesethi: “Ngokuba ngibonile ukuthi abantu bahlakazekile kimi, nokuthi anifikanga ngezinsuku ezimisiweyo, nokuthi amaFilisti abuthana eMigimasi; Ngase ngithi: “AmaFilisti aseyakungifikela eGiligali, kepha angimncenganga uJehova; USamuweli wayesethi kuSawule: “Wenze ngobuwula; awuwugcinanga umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo; ngoba manje uJehova ubezakuqinisa ubukhosi bakho phezu kukaIsrayeli kuze kube nininini. Kepha manje umbuso wakho awuyikuba khona; uJehova wazifunela indoda ethandwa yinhliziyo yakhe; uJehova wamyala ukuba abe ngumbusi phezu kwabantu bakhe, ngokuba awugcinanga lokho uJehova akuyala ngakho. USamuweli wasuka, wakhuphuka eGiligali, waya eGibeya lakwaBenjamini. USawule wabala amadoda ayenaye kungathi amadoda angamakhulu ayisithupha.