1 uSamuweli 12:1-25

1 uSamuweli 12:1-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

USamuweli wathi kuye wonke u-Israyeli: “Bhekani, ngilalele izwi lenu kukho konke enikushiloyo kimi, ngibekile inkosi phezu kwenu. Manje bhekani, inkosi iyahamba phambi kwenu; mina sengimdala, ngiyimpunga; nanka amadodana ami akini; ngihambile phambi kwenu kwasebusheni bami kuze kube namuhla. Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe inkabi kabani, ngithathe imbongolo kabani, ngikhohlisile ubani, ngicindezele ubani, ngamukele umvuzo esandleni sikabani ukuba ngifihle amehlo ami ngawo na? Ngiyakukubuyisela kini.” Bathi: “Awusikhohlisanga, awusicindezelanga, awamukelanga lutho esandleni samuntu.” Wayesethi kubo: “UJehova ungufakazi ngani, nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumananga lutho esandleni sami.” Bathi: “Ungufakazi.” USamuweli wathi kubantu: “NguJehova, yena owabeka oMose no-Aroni nowakhuphula oyihlo ezweni laseGibithe. Kalokhu yimani ukuba ngiphendulane nani phambi kukaJehova ngezenzo zonke ezilungileyo zikaJehova azenza kini nakoyihlo. “Lapho uJakobe esefikile eGibithe, oyihlo bakhala kuJehova, uJehova wathuma oMose no-Aroni abakhipha oyihlo eGibithe, babahlalisa kule ndawo. “Kepha bakhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, wathengisa ngabo esandleni sikaSisera induna yempi yaseHasori, nasesandleni samaFilisti, nasesandleni senkosi yakwaMowabi, balwa nabo. Bakhala kuJehova, bathi: ‘Sonile, ngokuba simshiyile uJehova, sakhonza oBali no-Ashitaroti; kodwa kalokhu sophule esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.’ UJehova wayesethuma oJerubali, noBedani, noJefta, noSamuweli, wanophula esandleni sezitha zenu nxazonke, nahlala nalondeka. “Kepha lapho nabona uNahashi inkosi yabantwana bakwa-Amoni ephuma ukulwa nani, nathi kimi: ‘Hhayi, kepha masibuswe yinkosi,’ ingani uJehova uNkulunkulu wenu wayeyinkosi yenu. Manje nansi inkosi eniyikhethileyo neniyicelileyo; bhekani, uJehova ubekile inkosi phezu kwenu. Uma nimesaba uJehova, nimkhonze, nilalele izwi lakhe, ningahlubuki esiyalezweni sakhe, khona nina nenkosi yenu ebusa phezu kwenu niyakulandela uJehova uNkulunkulu wenu; kepha uma ningalaleli izwi likaJehova, nihlubuke esiyalezweni sikaJehova, khona isandla sikaJehova siyakumelana nani, njengalokho samelana nawoyihlo. “Ngalokho yimani nibone le nto enkulu ayakuyenza uJehova phambi kwamehlo enu. Angithi kuyisikhathi sokuvuna ukolweni namuhla na? Ngiyakukhuleka kuJehova ukuba athume ukuduma nemvula, nazi, nibone ukuthi okubi kwenu enikwenzile emehlweni kaJehova ngokucela inkosi kukhulu.” USamuweli wayesekhuleka kuJehova; uJehova wathuma ukuduma nemvula ngalolo suku; bonke abantu besaba kakhulu uJehova noSamuweli. Bonke abantu bathi kuSamuweli: “Khulekela izinceku zakho kuJehova uNkulunkulu wakho ukuba singafi, ngokuba senezele kuzo zonke izono zethu ububi bokuzicelela inkosi.” USamuweli wathi kubantu: “Ningesabi; impela nenzile konke lokho okubi; kepha ningaphambuki ekumlandeleni uJehova, kodwa mkhonzeni uJehova ngayo yonke inhliziyo yenu; yebo, ningaphambuki ukuba nilandele izinto eziyize ezingenakusiza nezingenakophula, ngokuba ziyize. Ngokuba uJehova akayikushiya abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, lokhu kwakukuhle kuJehova ukuzenzela nina nibe ngabantu bakhe. Futhi nami, makube kude nami ukuba ngone kuJehova ngokuyeka ukunikhulekela; kakhulu ngiyakunifundisa indlela enhle nelungileyo. Yesabani uJehova kuphela, nimkhonze ngeqiniso ngenhliziyo yenu yonke, ngokuba bhekani okukhulu anenzele khona. Kodwa uma nisenza okubi, niyakubhubha nina nenkosi yenu.”

1 uSamuweli 12:1-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

USamuweli wasesithi kuIsrayeli wonke: Khangelani, ngilalele ilizwi lenu kukho konke elakutsho kimi, njalo ngilibekile inkosi phezu kwenu. Bhekani, inkosi iyaphuma phambi kwenu, mina-ke sengimdala, ngiyimpunga; bhekani, amadodana ami akini, mina ngihambile phambi kwenu kusukela ebuntwaneni bami kuze kube namuhla. Bhekani, ngilapha; fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe izinkomo zikabani na? noma ngithathe imbongolo kabani? kumbe ngikhohlise bani? ngicindezele bani? Ngemukele esandleni sikabani isifumbathiso ukuba ngiphuphuthekise amehlo ami ngaso na? futhi ngizokubuyisela kuwe. Bathi: “Awusikhohlisanga, awusicindezelanga, awuthathanga lutho esandleni samuntu; Wathi kubo: “UJehova ungufakazi ngani, nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumananga lutho esandleni sami. Base bephendula bathi: “Ungufakazi.” USamuweli wasesithi ebantwini: NguJehova owakhulisa oMozisi loAroni, owenyusa oyihlo elizweni leGibhithe. Sukumani khathesi, ukuze ngikhulume lani phambi kweNkosi ngazo zonke izenzo ezilungileyo zeNkosi eyazenza kini laboyihlo. Kwathi uJakobe engena eGibithe, oyihlo bakhuleka kuJehova, uJehova wathuma oMose no-Aroni, bakhipha oyihlo eGibithe, babahlalisa kule ndawo. Lapho sebekhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, wathengisa ngabo esandleni sikaSisera induna yempi yaseHasori, nasesandleni samaFilisti, nasesandleni senkosi yakwaMowabi, balwa nabo. Base bebiza uJehova, bathi: “Sonile, ngokuba simshiyile uJehova, sakhonza oBali no-Ashitaroti; kepha manje usikhulule esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza. UJehova wathuma oJerubali noBedani noJefta noSamuweli wanikhulula esandleni sezitha zenu nxazonke, nahlala ngokulondeka. Lapho nibona ukuthi uNahashi, inkosi yabantwana bakwa-Amoni, uyeza ukulwa nani, nathi kimi: ‘Qha; kepha inkosi iyakusibusa, lapho uJehova uNkulunkulu wenu eyinkosi yenu. Bhekani-ke, inkosi enayikhetha, ebeniyifisa; bhekani, uJehova ubeke inkosi phezu kwenu. Uma nimesaba uJehova, nimkhonze, nilalele izwi lakhe, ningahlubuki ezwini likaJehova, nina nenkosi enibusayo niyakulandela uJehova uNkulunkulu wenu. Kepha uma ningalilaleli izwi likaJehova, nihlubuke emyalezweni kaJehova, isandla sikaJehova siyakumelana nani, njengalokho samelana nawoyihlo. Sukumani nibone lokhu okukhulu uJehova ayakwenza phambi kwamehlo enu. Akuvunwa ukolweni namuhla na? Ngiyakumbiza uJehova, anise ukuduma nemvula; ukuze nibone, nibone ukuthi ububi benu bukhulu enibenzile phambi kukaJehova ngokuzicelela inkosi. USamuweli wayesembiza uJehova; uJehova wathuma ukuduma nemvula ngalolo suku; bonke abantu besaba kakhulu uJehova noSamuweli. Bonke abantu bathi kuSamuweli: “Khulekela izinceku zakho kuJehova uNkulunkulu wakho, ukuze singafi; ngoba senezele lobu bubi kuzo zonke izono zethu ukuba sizicelele inkosi. USamuweli wayesethi kubantu: “Ningesabi; nenze bonke lobu bubi; Njalo lingaphambuki; ngoba ziyize. Ngokuba uJehova akayikubalahla abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, ngokuba kwaba kuhle kuJehova ukunenza abantu bakhe. Kepha mina, kwangathi uNkulunkulu angangivimbela ukuba ngoni kuJehova ngokuyeka ukunithandazela; kodwa ngizonifundisa indlela enhle nelungile. Kuphela yesabani uJehova, nimkhonze ngeqiniso ngayo yonke inhliziyo yenu; ngoba bhekani izinto ezinkulu anenzele zona. Kodwa uma nisenza okubi, niyakuchithwa, nina nenkosi yenu.

1 uSamuweli 12:1-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USamuweli wathi ku-Israyeli wonkana: “Niyabona-ke, ngililalele izwi lenu kukho konke enikushilo kimi; ngibeke inkosi ukuba inibuse. Manje bhekani, inkosi sekuyiyo ehamba phambi kwenu; mina sengimdala, ngiyimpunga. Nanka amadodana ami anani; selokhu ngahamba phambi kwenu, kusukela ebusheni bami kuze kube namuhla. Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaSimakade naphambi kogcotshiweyo wakhe, ukuthi ngake ngathatha inkabi kabani, noma imbongolo kabani, ngubani engimqolile, ngicindezele bani futhi ngemukele ukufunjathiswa okuvela esandleni sikabani ukuze amehlo ami avalwe yikho na? Lokho ngiyakukubuyisela kini.” Bathi: “Awusiqolanga, awusicindezelanga, awemukelanga lutho esandleni samuntu.” Wayesethi kubo: “USimakade ungufakazi ngani, nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumananga lutho esandleni sami.” Bathi: “Ungufakazi.” USamuweli wathi kubantu: “NguSimakade owabeka uMose no-Aroni, nowakhuphula okhokho benu eGibhithe. Manje-ke yimani ukuze siphendulane phambi kukaSimakade ngezenzo zonke ezilungileyo uSimakade azenza kini nakokhokho benu. “Lapho uJakobe esefikile eGibhithe, okhokho benu bakhala kuSimakade. USimakade wathuma uMose no-Aroni, babakhipha okhokho benu eGibhithe, wabahlalisa kule ndawo. “Sebelapho bakhohlwa nguSimakade uNkulunkulu wabo. Wayesethengisa ngabo esandleni sikaSisera, induna yempi eHazori, esandleni samaFilisti, nasesandleni senkosi yakwaMowabi; balwa nabo. Bakhala kuSimakade, bathi: ‘Sonile, samshiya uSimakade, sakhonza uBhali no-Ashitharothi, kodwa manje sihlenge esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.’ USimakade wayesethumela uJerubhali, uBhedani, uJeftha, noSamuweli, wanihlenga esandleni sezitha zenu ezazinizungeze nhlangothi zonke, nahlala ngokuvikeleka. “Kuthe lapho nibona uNahashi, inkosi yabakwa-Amoni, eza ukuzonihlasela, nathi kimi: ‘Qha, kepha nathi masibuswe yinkosi,’ naphezu kokuba uSimakade uNkulunkulu wenu eyinkosi yenu. Manje nansi-ke inkosi eniyikhethileyo neniyicelileyo; niyabona-ke, uSimakade unibekele inkosi ukuba inibuse. Uma nimesaba uSimakade nimkhonza, nilalela izwi lakhe, ningahlubuki esiyalezweni somlomo kaSimakade, nina nenkosi yenu enibusayo, nilandela uSimakade uNkulunkulu wenu, nenza kahle. Kepha uma ningalaleli izwi likaSimakade, nihlubuka esiyalezweni sikaSimakade, isandla sikaSimakade siyakumelana nani, njengalokhu samelana nokhokho benu. “Ngalokho-ke yimani, nibone lesi simangaliso esikhulu uSimakade azosenza phambi kwamehlo enu. Angithi namuhla yisikhathi sokuvuna ukolo na? Ngizokhuleka kuSimakade ukuba alethe ukuduma nemvula, ukuze nazi, nibone ukuthi bukhulu kangakanani ububi enibenzile emehlweni kaSimakade ngokucela inkosi.” Ngalolo lusuku uSamuweli wathandaza kuSimakade, uSimakade waletha ukuduma nemvula; bonke abantu besaba kakhulu uSimakade noSamuweli. Bonke abantu bathi kuSamuweli: “Zikhulekele izinceku zakho kuSimakade uNkulunkulu wakho ukuze singafi, ngokuba senezele phezu kwabo bonke ububi bethu ngokuzicelela inkosi.” USamuweli wathi kubantu: “Ningesabi nakuba nikwenzile konke lokho okubi, ningaphambuki ekumlandeleni uSimakade, kodwa mkhonzeni uSimakade ngayo yonke inhliziyo yenu. Yebo, ningaphambuki nilandele izinto eziyize ezingenakunisiza nezingeke zanikhulula, ngokuba ziyize. USimakade akayukubashiya abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, lokhu kwaba kuhle kuSimakade ukuba azenzele nina nibe ngabantu bakhe. Yebo, mangingakwenzi mina ukuba ngone kuSimakade ngiyeke ukunikhulula; ngiyakunifundisa indlela enhle nelungileyo. Yesabani uSimakade Yena yedwa, nimkhonze ngeqiniso, ngenhliziyo yenu yonke, nikhumbule izinto ezinkulu anenzele zona. Kodwa uma nenza okubi niyobhubha nenkosi yenu.”