1 uSamuweli 1:7-20

1 uSamuweli 1:7-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)

U-Elikhana wayenza kanjalo minyaka yonke, uma enyukele endlini kaSimakade. UPhenina wayemchukuluza njalo uHana, ngakho-ke wakhala, akaze adla lutho. U-Elikhana umyeni wakhe, wathi kuHana: “Hana, ukhalelani na? Awudli ngani? Inhliziyo yakho idabukiswe yini na? Kanti angedluli yini kuwe amadodana alishumi na?” UHana wasukuma lapho sebedlile, baphuza eShilo. U-Eli, umphristi, wayehleli esihlalweni sakhe ngasensikeni yomyango wethempeli likaSimakade. Umphefumulo wakhe wawunomunyu kakhulu; wakhuleka kuSimakade, wakhala kabuhlungu. Wenza isithembiso, wathi: “Simakade Wamabandla, impela uma ubheka, uyakubona ukuhlupheka kwencekukazi yakho. Ngikhumbule, ungayikhohlwa incekukazi yakho; yiphe incekukazi yakho umntwana womfana. Ngiyomnikela kuSimakade zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Akuyukuthinta nsingo ekhanda lakhe.” Kwathi esaqhubeka nokukhuleka phambi kukaSimakade, u-Eli wawuqaphela umlomo wakhe. UHana wayekhuluma ngenhliziyo engaphumiseli mazwi ngomlomo, kwakunyakaza izindebe zomlomo kuphela. Ekubona lokho u-Eli, wacabanga ukuthi udakiwe. U-Eli wathi kuye: “Uyakudakwa kuze kube nini na? Susa iwayini lakho kuwe.” UHana waphendula wathi: “Hhayi, nkosi, ngingowesifazane ohluphekileyo; angiphuzanga wayini naphuzo olunamandla, kodwa bengithulula umphefumulo wami phambi kukaSimakade. Ungasho ukuthi incekukazi yakho ingowesifazane okhohlakele, ngokuba kungenxa yobuningi bosizi lwami nangokuchukuluzwa kwami, yingakho ngikhuluma kuze kube manje.” Wayesephendula u-Eli wathi: “Hamba ngokuthula; uNkulunkulu ka-Israyeli makakunike okucelileyo kuye.” Wathi: “Incekukazi yakho mayifumane umusa emehlweni akho.” Owesifazane wayesehamba, wadla, ubuso bakhe ababe busanyukubala. Bavuka ekuseni kakhulu bakhuleka phambi kukaSimakade, base bebuyela emuva endlini yabo eRama. U-Elikhana walala nomkakhe, uSimakade wamkhumbula uHana. Kwathi ngokuqhubeka kwesikhathi uHana wakhulelwa, wazibula ngendondana, wayiqamba igama wathi nguSamuweli, ethi: “Ngimcelile kuSimakade.”

1 uSamuweli 1:7-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi ukuba u-Elkana enze njalo iminyaka ngeminyaka, lapho enyukela endlini kaJehova, wamncokoloza kanjalo; ngalokho wakhala, akadlanga lutho. Wayesethi u-Elkana umyeni wakhe kuye: “Hana, ukhalelani na? Awudli ngani? Inhliziyo yakho idabukeleni na? Angidluli yini amadodana ayishumi kuwe na?” UHana wasukuma, nxa sebedlile eShilo, bephuzile. U-Eli umpristi wayehlezi esihlalweni sakhe ngasensikeni yomnyango wethempeli likaJehova. Umphefumulo wakhe wawunomunyu, wakhuleka kuJehova, wakhala kakhulu. Wenza isithembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, ubheke nokubheka ukuhlupheka kwencekukazi yakho, ungikhumbule, ungakhohlwa incekukazi yakho, unike incekukazi yakho umntwana wesilisa, bese ngimnika uJehova zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kungathinti mpuco ekhanda lakhe.” Kwathi esaqhubeka ukukhuleka phambi kukaJehova, u-Eli waqaphela umlomo wakhe. UHana wayekhuluma enhliziyweni yakhe, kwabikizela izindebe zakhe zomlomo kuphela, kepha izwi lakhe lalingezwakali; ngalokho u-Eli wacabanga ukuthi udakiwe. U-Eli wathi kuye: “Uyakudakwa kuze kube nini na? Susa iwayini lakho kuwe.” UHana waphendula wathi: “Hhayi, nkosi, ngingowesifazane ohluphekileyo; angiphuzanga iwayini naphuzo olunamandla, kepha bengithulula umphefumulo wami phambi kukaJehova. Ungasho ukuthi incekukazi yakho ingowesifazane omubi, ngokuba kungobuningi bosizi lwami nangokuncokolozwa kwami ngikhulumile kuze kube manje.” Wayesephendula u-Eli ethi: “Hamba ngokuthula; uNkulunkulu wakwa-Israyeli makakunike okucelileyo kuye.” Wathi: “Incekukazi yakho mayifumane umusa emehlweni akho.” Owesifazane wayesehamba, wadla, ubuso bakhe ababe busanyukumala. Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuleka phambi kukaJehova, babuya, bafika endlini yabo eRama; u-Elkana wamazi uHana umkakhe, uJehova wamkhumbula. Kwathi sesiphelele isikhathi, uHana wakhulelwa, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSamuweli, ethi: “Ngimcelile kuJehova.”

1 uSamuweli 1:7-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Wenza kanjalo iminyaka ngeminyaka, lapho enyukela endlini kaJehova, wamdlalisa kanjalo; ngalokho wakhala, akadlanga. Wayesethi u-Elkana umyeni wakhe kuye: “Hana, ukhalelani na? futhi kungani ungadli? Inhliziyo yakho idabukeni na? Angidluli yini amadodana ayishumi kuwe na? UHana wasukuma, sebedlile eShilo, sebephuzile; Umpristi u-Eli wayesehlezi esihlalweni ngasensikeni yethempeli likaJehova. Wayenomunyu emphefumulweni, wakhuleka kuJehova, wakhala kamunyu. Wenza isithembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, uma ukhumbula ukuhlupheka kwencekukazi yakho nami, futhi ungayikhohlwa incekukazi yakho, kepha unike incekukazi yakho indodana, ngiyakumnika uJehova izinsuku zonke zezwe. Ukuphila kwakhe, nempuco ayiyikuwela ekhanda lakhe. Kwathi esakhuleka phambi kukaJehova, u-Eli uyaqaphela umlomo wakhe. UHana wakhuluma enhliziyweni yakhe; kwanyakaza izindebe zomlomo wakhe kuphela, kepha izwi lakhe lalingezwakali; ngalokho u-Eli wacabanga ukuthi udakiwe. UEli wasesithi kuye: Uzadakwa kuze kube nini? susa iwayini lakho kuwe. UHana waphendula wathi: “Hhayi, nkosi yami, ngingowesifazane onomoya odabukileyo; angiphuzanga iwayini naphuzo olunamandla, kepha ngathulula umphefumulo wami phambi kukaJehova. Ungabheki incekukazi yakho njengendodakazi kaBheliyali, ngokuba ngobuningi bokukhononda nosizi lwami ngikhulumile kuze kube manje. U-Eli waphendula wathi: “Hamba ngokuthula; uNkulunkulu ka-Israyeli uyakukunika ukunxusa kwakho okucelile kuye.” Wathi: “Incekukazi yakho mayifumane umusa emehlweni akho.” Wahamba-ke owesifazana, wadla, ubuso bakhe babungasadabuki. Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuleka phambi kukaJehova, babuya, bafika emzini wabo eRama; u-Elkana wamvuma uHana umkakhe; uJehova wamkhumbula. Kwathi lapho sesifikile isikhathi uHana akhulelwa ngaso, wazala indodana, wayiqamba ngokuthi uSamuweli, wathi: “Ngokuba ngamcela kuJehova.”