1 uSamuweli 1:4-7
1 uSamuweli 1:4-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ngosuku u-Elkana ahlaba ngalo, wanika uPhenina umkakhe nawo onke amadodana akhe namadodakazi akhe izabelo; kepha wanika uHana isabelo siphindwa kabili, ngokuba wayemthanda uHana, kepha uJehova wayesivalile isizalo sakhe. Isitha sakhe samncokoloza kakhulu ukuba amthukuthelise, ngokuba uJehova wayesivalile isizalo sakhe. Kwathi ukuba u-Elkana enze njalo iminyaka ngeminyaka, lapho enyukela endlini kaJehova, wamncokoloza kanjalo; ngalokho wakhala, akadlanga lutho.
1 uSamuweli 1:4-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ngosuku u-Elikhana ahlaba ngalo, wanika uPhenina nawo wonke amadodana namadodakazi akhe izabelo zabo. UHana wamnika amavenge aphindwe kabili, ngokuba wayemthanda uHana, nakuba uSimakade ayesivalile isibeletho sakhe. Isitha sakhe sasimchukuluza ukuze simthukuthelise, ngokuba uSimakade wayesivalile isibeletho sakhe. U-Elikhana wayenza kanjalo minyaka yonke, uma enyukele endlini kaSimakade. UPhenina wayemchukuluza njalo uHana, ngakho-ke wakhala, akaze adla lutho.
1 uSamuweli 1:4-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwasekusithi lapho uElkana enikela umhlatshelo, wanika umkakhe uPhenina lawo wonke amadodana akhe lamadodakazi akhe izabelo. Kodwa uHana wamnika isabelo esihle; ngokuba wayemthanda uHana, kepha uJehova wasivala isizalo sakhe. Isitha sakhe samgcona ukuthi simthukuthelise, ngoba uJehova wayesivalile isizalo sakhe. Wenza kanjalo iminyaka ngeminyaka, lapho enyukela endlini kaJehova, wamdlalisa kanjalo; ngalokho wakhala, akadlanga.