1 uSamuweli 1:10-11
1 uSamuweli 1:10-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Umphefumulo wakhe wawunomunyu kakhulu; wakhuleka kuSimakade, wakhala kabuhlungu. Wenza isithembiso, wathi: “Simakade Wamabandla, impela uma ubheka, uyakubona ukuhlupheka kwencekukazi yakho. Ngikhumbule, ungayikhohlwa incekukazi yakho; yiphe incekukazi yakho umntwana womfana. Ngiyomnikela kuSimakade zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Akuyukuthinta nsingo ekhanda lakhe.”
1 uSamuweli 1:10-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Umphefumulo wakhe wawunomunyu, wakhuleka kuJehova, wakhala kakhulu. Wenza isithembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, ubheke nokubheka ukuhlupheka kwencekukazi yakho, ungikhumbule, ungakhohlwa incekukazi yakho, unike incekukazi yakho umntwana wesilisa, bese ngimnika uJehova zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kungathinti mpuco ekhanda lakhe.”
1 uSamuweli 1:10-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wayenomunyu emphefumulweni, wakhuleka kuJehova, wakhala kamunyu. Wenza isithembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, uma ukhumbula ukuhlupheka kwencekukazi yakho nami, futhi ungayikhohlwa incekukazi yakho, kepha unike incekukazi yakho indodana, ngiyakumnika uJehova izinsuku zonke zezwe. Ukuphila kwakhe, nempuco ayiyikuwela ekhanda lakhe.