1 uSamuweli 1:1-28

1 uSamuweli 1:1-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwakukhona umuntu othile eRamathayimi Zofimu kwelezintaba kwa-Efrayimi, igama lakhe kungu-Elikhana, indodana kaJerohamu ka-Elihu kaTholu kaZufi, wakwa-Efrayimi. Wayeganwe ngabafazi ababili, omunye kunguHana omunye kunguPhenina. UPhenina wayenabantwana, kodwa uHana wayengenabantwana. Lowo muntu wayesuka emzini wakhe minyaka yonke akhuphukele ukuyokhonza nokuhlabela uSimakade Wamabandla eShilo. Bheka, lapho eShilo kwakuhlala amadodana amabili omphristi u-Eli, uHofini noFinehasi, nawo engabaphristi bakaSimakade. Kwathi ngosuku u-Elikhana ahlaba ngalo, wanika uPhenina nawo wonke amadodana namadodakazi akhe izabelo zabo. UHana wamnika amavenge aphindwe kabili, ngokuba wayemthanda uHana, nakuba uSimakade ayesivalile isibeletho sakhe. Isitha sakhe sasimchukuluza ukuze simthukuthelise, ngokuba uSimakade wayesivalile isibeletho sakhe. U-Elikhana wayenza kanjalo minyaka yonke, uma enyukele endlini kaSimakade. UPhenina wayemchukuluza njalo uHana, ngakho-ke wakhala, akaze adla lutho. U-Elikhana umyeni wakhe, wathi kuHana: “Hana, ukhalelani na? Awudli ngani? Inhliziyo yakho idabukiswe yini na? Kanti angedluli yini kuwe amadodana alishumi na?” UHana wasukuma lapho sebedlile, baphuza eShilo. U-Eli, umphristi, wayehleli esihlalweni sakhe ngasensikeni yomyango wethempeli likaSimakade. Umphefumulo wakhe wawunomunyu kakhulu; wakhuleka kuSimakade, wakhala kabuhlungu. Wenza isithembiso, wathi: “Simakade Wamabandla, impela uma ubheka, uyakubona ukuhlupheka kwencekukazi yakho. Ngikhumbule, ungayikhohlwa incekukazi yakho; yiphe incekukazi yakho umntwana womfana. Ngiyomnikela kuSimakade zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Akuyukuthinta nsingo ekhanda lakhe.” Kwathi esaqhubeka nokukhuleka phambi kukaSimakade, u-Eli wawuqaphela umlomo wakhe. UHana wayekhuluma ngenhliziyo engaphumiseli mazwi ngomlomo, kwakunyakaza izindebe zomlomo kuphela. Ekubona lokho u-Eli, wacabanga ukuthi udakiwe. U-Eli wathi kuye: “Uyakudakwa kuze kube nini na? Susa iwayini lakho kuwe.” UHana waphendula wathi: “Hhayi, nkosi, ngingowesifazane ohluphekileyo; angiphuzanga wayini naphuzo olunamandla, kodwa bengithulula umphefumulo wami phambi kukaSimakade. Ungasho ukuthi incekukazi yakho ingowesifazane okhohlakele, ngokuba kungenxa yobuningi bosizi lwami nangokuchukuluzwa kwami, yingakho ngikhuluma kuze kube manje.” Wayesephendula u-Eli wathi: “Hamba ngokuthula; uNkulunkulu ka-Israyeli makakunike okucelileyo kuye.” Wathi: “Incekukazi yakho mayifumane umusa emehlweni akho.” Owesifazane wayesehamba, wadla, ubuso bakhe ababe busanyukubala. Bavuka ekuseni kakhulu bakhuleka phambi kukaSimakade, base bebuyela emuva endlini yabo eRama. U-Elikhana walala nomkakhe, uSimakade wamkhumbula uHana. Kwathi ngokuqhubeka kwesikhathi uHana wakhulelwa, wazibula ngendondana, wayiqamba igama wathi nguSamuweli, ethi: “Ngimcelile kuSimakade.” Lowo muntu, u-Elikhana, waphinda wenyuka nendlu yakhe ukuyonikela kuSimakade umhlatshelo waminyaka yonke, nokuyofeza isithembiso sakhe. Kodwa uHana akenyukanga, wathi kumyeni wakhe: “Angiyukwenyuka aze alunyulwe umntwana; khona ngizakumyisa ukuba abonakale phambi kukaSimakade, ahlale lapho njalo.” U-Elikhana, umyeni wakhe, wathi kuye: “Yenza okuhle emehlweni akho; hlala uze umlumule; uSimakade makaqinise izwi lakhe kuphela.” Owesifazane wayesehlala, wayincelisa indodana yakhe waze wayilumula. Eseyilumulile, wenyuka nayo, nezinkunzi ezintathu, i-efa lempuphu, nemvaba yewayini, wakuyisa endlini kaSimakade eShilo; umntwana wayesemncane. Bahlaba inkunzi, base bemyisa umntwana ku-Eli. Wathi: “Nkosi, ngifunga ngiyagomela phambi kwakho, nkosi yami, ngingowesifazane owayemi lapha phambi kwakho, ekhuleka kuSimakade. Lo mntwana ngamkhulekela kuSimakade ukuba angiphe yena; uSimakade unginikile lokho engangikucele kuye; ngakho-ke nami ngimnikela kuSimakade ukuba ngazo zonke izinsuku zokuphila kwakhe abe ngokaSimakade.” Wakhothama kuSimakade elapho.

1 uSamuweli 1:1-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwakukhona umuntu waseRamatayimi Sofimu lasezintabeni zakwa-Efrayimi ogama lakhe lalingu-Elkana indodana kaJerohamu ka-Elihu kaTholu kaSufi wakwa-Efrayimi; wayenabafazi ababili, igama lomunye lalinguHana, igama lomunye lalinguPhenina; uPhenina wayenabantwana, kepha uHana wayengenabantwana. Lowo muntu wenyuka emzini wakhe iminyaka ngeminyaka ukukhonza nokuhlabela uJehova Sebawoti eShilo. Kwakukhona lapho amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, bengabapristi bakaJehova. Kwathi ngosuku u-Elkana ahlaba ngalo, wanika uPhenina umkakhe nawo onke amadodana akhe namadodakazi akhe izabelo; kepha wanika uHana isabelo siphindwa kabili, ngokuba wayemthanda uHana, kepha uJehova wayesivalile isizalo sakhe. Isitha sakhe samncokoloza kakhulu ukuba amthukuthelise, ngokuba uJehova wayesivalile isizalo sakhe. Kwathi ukuba u-Elkana enze njalo iminyaka ngeminyaka, lapho enyukela endlini kaJehova, wamncokoloza kanjalo; ngalokho wakhala, akadlanga lutho. Wayesethi u-Elkana umyeni wakhe kuye: “Hana, ukhalelani na? Awudli ngani? Inhliziyo yakho idabukeleni na? Angidluli yini amadodana ayishumi kuwe na?” UHana wasukuma, nxa sebedlile eShilo, bephuzile. U-Eli umpristi wayehlezi esihlalweni sakhe ngasensikeni yomnyango wethempeli likaJehova. Umphefumulo wakhe wawunomunyu, wakhuleka kuJehova, wakhala kakhulu. Wenza isithembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, ubheke nokubheka ukuhlupheka kwencekukazi yakho, ungikhumbule, ungakhohlwa incekukazi yakho, unike incekukazi yakho umntwana wesilisa, bese ngimnika uJehova zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kungathinti mpuco ekhanda lakhe.” Kwathi esaqhubeka ukukhuleka phambi kukaJehova, u-Eli waqaphela umlomo wakhe. UHana wayekhuluma enhliziyweni yakhe, kwabikizela izindebe zakhe zomlomo kuphela, kepha izwi lakhe lalingezwakali; ngalokho u-Eli wacabanga ukuthi udakiwe. U-Eli wathi kuye: “Uyakudakwa kuze kube nini na? Susa iwayini lakho kuwe.” UHana waphendula wathi: “Hhayi, nkosi, ngingowesifazane ohluphekileyo; angiphuzanga iwayini naphuzo olunamandla, kepha bengithulula umphefumulo wami phambi kukaJehova. Ungasho ukuthi incekukazi yakho ingowesifazane omubi, ngokuba kungobuningi bosizi lwami nangokuncokolozwa kwami ngikhulumile kuze kube manje.” Wayesephendula u-Eli ethi: “Hamba ngokuthula; uNkulunkulu wakwa-Israyeli makakunike okucelileyo kuye.” Wathi: “Incekukazi yakho mayifumane umusa emehlweni akho.” Owesifazane wayesehamba, wadla, ubuso bakhe ababe busanyukumala. Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuleka phambi kukaJehova, babuya, bafika endlini yabo eRama; u-Elkana wamazi uHana umkakhe, uJehova wamkhumbula. Kwathi sesiphelele isikhathi, uHana wakhulelwa, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSamuweli, ethi: “Ngimcelile kuJehova.” Lowo muntu u-Elkana wenyuka kanye nendlu yakhe ukuyonikela kuJehova umhlatshelo weminyaka nesithembiso sakhe. Kepha uHana akenyukanga, ngokuba wathi kumyeni wakhe: “Hhayi aze alunyulwe umntwana; khona ngiyakumyisa ukuba abonakale phambi kukaJehova, ahlale khona njalo.” Wayesethi u-Elkana umyeni wakhe kuye: “Yenza okuhle emehlweni akho; hlala uze umlumule; uJehova makaqinise izwi lakhe kuphela.” Owesifazane wayesehlala, wancelisa indodana yakhe waze wayilumula. Eseyilumulile wenyuka nayo enezinkunzi ezintathu, ne-efa* lempuphu, nemvaba yewayini, wakuyisa endlini kaJehova eShilo; umntwana wayesemncane. Bahlaba inkunzi, bamyisa umntwana ku-Eli. Wathi: “E nkosi, kuphila komphefumulo wakho, nkosi yami, ngingowesifazane owayemi kuwe lapha, ekhuleka kuJehova. Ngamkhulekela lo mntwana; uJehova unginikile lokho engakucela kuye; ngalokho nami ngimnikele kuJehova; zonke izinsuku zokuphila kwakhe unikelwe kuJehova.” Bakhuleka kuJehova khona.

1 uSamuweli 1:1-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwakukhona umuntu othile waseRamatayimi-sofi, wasezintabeni zakwa-Efrayimi, ogama lakhe lalingu-Elkana, indodana kaJerohamu, indodana ka-Elihu, indodana kaThohu, indodana kaSufi, wakwa-Efrayimi. Yayinabafazi ababili; igama lomunye lalinguHana, igama lomunye lalinguPhenina; uPhenina wayenabantwana, kepha uHana wayengenamntwana. Lowo muntu wenyuka emzini wakubo iminyaka ngeminyaka ukukhonza nokuhlabela uJehova Sebawoti eShilo. Kwakukhona lapho amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, abapristi bakaJehova. Kwasekusithi lapho uElkana enikela umhlatshelo, wanika umkakhe uPhenina lawo wonke amadodana akhe lamadodakazi akhe izabelo. Kodwa uHana wamnika isabelo esihle; ngokuba wayemthanda uHana, kepha uJehova wasivala isizalo sakhe. Isitha sakhe samgcona ukuthi simthukuthelise, ngoba uJehova wayesivalile isizalo sakhe. Wenza kanjalo iminyaka ngeminyaka, lapho enyukela endlini kaJehova, wamdlalisa kanjalo; ngalokho wakhala, akadlanga. Wayesethi u-Elkana umyeni wakhe kuye: “Hana, ukhalelani na? futhi kungani ungadli? Inhliziyo yakho idabukeni na? Angidluli yini amadodana ayishumi kuwe na? UHana wasukuma, sebedlile eShilo, sebephuzile; Umpristi u-Eli wayesehlezi esihlalweni ngasensikeni yethempeli likaJehova. Wayenomunyu emphefumulweni, wakhuleka kuJehova, wakhala kamunyu. Wenza isithembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, uma ukhumbula ukuhlupheka kwencekukazi yakho nami, futhi ungayikhohlwa incekukazi yakho, kepha unike incekukazi yakho indodana, ngiyakumnika uJehova izinsuku zonke zezwe. Ukuphila kwakhe, nempuco ayiyikuwela ekhanda lakhe. Kwathi esakhuleka phambi kukaJehova, u-Eli uyaqaphela umlomo wakhe. UHana wakhuluma enhliziyweni yakhe; kwanyakaza izindebe zomlomo wakhe kuphela, kepha izwi lakhe lalingezwakali; ngalokho u-Eli wacabanga ukuthi udakiwe. UEli wasesithi kuye: Uzadakwa kuze kube nini? susa iwayini lakho kuwe. UHana waphendula wathi: “Hhayi, nkosi yami, ngingowesifazane onomoya odabukileyo; angiphuzanga iwayini naphuzo olunamandla, kepha ngathulula umphefumulo wami phambi kukaJehova. Ungabheki incekukazi yakho njengendodakazi kaBheliyali, ngokuba ngobuningi bokukhononda nosizi lwami ngikhulumile kuze kube manje. U-Eli waphendula wathi: “Hamba ngokuthula; uNkulunkulu ka-Israyeli uyakukunika ukunxusa kwakho okucelile kuye.” Wathi: “Incekukazi yakho mayifumane umusa emehlweni akho.” Wahamba-ke owesifazana, wadla, ubuso bakhe babungasadabuki. Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuleka phambi kukaJehova, babuya, bafika emzini wabo eRama; u-Elkana wamvuma uHana umkakhe; uJehova wamkhumbula. Kwathi lapho sesifikile isikhathi uHana akhulelwa ngaso, wazala indodana, wayiqamba ngokuthi uSamuweli, wathi: “Ngokuba ngamcela kuJehova.” Indoda u-Elkana yakhuphuka kanye nendlu yayo yonke ukunikela ngomhlatshelo weminyaka yonke nesithembiso sayo kuJehova. Kepha uHana akakhuphukanga; ngokuba wathi endodeni yakhe: “Angiyikukhuphuka umntwana aze alunyulwe; khona ngiyakumyisa ukuba abonakale phambi kukaJehova, ahlale khona kuze kube phakade.” Wayesethi u-Elkana umyeni wakhe kuye: “Yenza okuhle emehlweni akho; hlala uze umlumule; nguJehova kuphela oqinisa izwi lakhe. Owesifazane wayesehlala, wancelisa indodana yakhe waze wayilumula. Eseyilunyulile wahamba naye, kanye nezinkunzi ezintathu ne-efa likafulawa nesaka lewayini, wamyisa endlini kaJehova eShilo, umntwana esemncane. Basebehlaba inkunzi, bamletha umntwana kuEli. Wathi: “O nkosi yami, zonke izinsuku zomphefumulo wakho usaphila, nkosi yami, ngingowesifazane owayemi nawe lapha, wakhuleka kuJehova.” Ngamkhulekela lomntwana; futhi iNkosi yanginika umkhuleko engawucela kuyo. Ngalokho nami ngimnike uJehova; zonke izinsuku zokuphila kwakhe uyakuba ngobolekiwe kuJehova. Wakhuleka kuJehova khona.