1 kaPetru 4:12-17
1 kaPetru 4:12-17 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Bathandekayo, ningamangali ngokulingwa okuvuthayo enibhekene nakho, ngokungathi nehlelwa yisimangaliso; Kodwa thokozani, njengoba lingabahlanganyeli bezinhlupheko zikaKristu; ukuze kuthi, lapho sekwambulwa inkazimulo yakhe, nijabule futhi ngentokozo enkulu. Uma nihlanjalazwa ngenxa yegama likaKristu, nibusisiwe; ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhlezi phezu kwenu; Kodwa makungabikho kini ohlupheka ngokuba engumbulali, noma eyisela, noma engumenzi wokubi, noma engugaxekile ezindabeni zabanye; Kepha uma umuntu ehlupheka ngokuba engumKristu, makangabi namahloni; kodwa makadumise uNkulunkulu ngakho. Ngokuba isikhathi sesifikile sokuba ukwahlulela kuqale endlini kaNkulunkulu; uma kuqala kithi, kuyakuba yini ukuphela kwabangalaleli ivangeli likaNkulunkulu na?
1 kaPetru 4:12-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu, enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo. Kepha thokozani njengalokhu nihlanganyela ezinhluphekweni zikaKhristu, ukuze futhi nithokoze, nethabe nasekwambulweni kwenkazimulo yakhe. Uma nithukwa ngenxa yegama likaKhristu, nibusisiwe, ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhleli phezu kwenu. Makungabi bikho namunye kini ohlupheka ngokuba engumbulali, noma eyisela, noma engowenza okubi, noma eyisigilamkhumba, noma engozigaxa ezindabeni zabanye. Kepha uma ehlupheka ngokuba engumKhristu, makangabi namahloni, kodwa makadumise uNkulunkulu, ngenxa yalelo gama. Manje sekuyisikhathi sokuba ukwehlulela kuqale endlini kaNkulunkulu, kepha uma kuqala kithi, siyakubanjani isiphetho salabo abangalilaleli ivangeli likaNkulunkulu na?
1 kaPetru 4:12-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo, kodwa njengalokhu ningabahlanganyeli bezinhlupheko zikaKristu, thokozani, ukuze kuthi nasekwambulweni kwenkazimulo yakhe nithokoze, nethabe nokwethaba. Uma nithukwa ngenxa yegama likaKristu, nibusisiwe, ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhlezi phezu kwenu. Ngokuba makungabikho kini ohlupheka ngokuba engumbulali, noma eyisela, noma engowenza okubi, noma engozigaxa ezindabeni zabanye; kepha uma ehlupheka ngokuba engumKristu, makangabi namahloni, kepha makadumise uNkulunkulu ngenxa yalelo gama. Ngokuba sekuyisikhathi sokuba ukwahlulela kuqale endlini kaNkulunkulu; kepha uma kuthathela kithina, kuyakuba yini ukuphela kwabangalaleli ivangeli likaNkulunkulu na?
1 kaPetru 4:12-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)