1 kaPetru 4:1-6
1 kaPetru 4:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Njengokuba uKristu wahlupheka enyameni, hlomani nani ukuqonda okunjalo, ngokuba ohluphekile enyameni uyekile ukona, ukuze ngesikhathi esiseleyo nisesenyameni ningabe nisahlala ngezinkanuko zabantu kodwa ngentando kaNkulunkulu. Ngokuba isikhathi esidlulileyo sasanele ukwenza okuthandwa ngabezizwe ngokuhamba ngamanyala, nangezinkanuko, nangokudakwa, nangokuminza, nangokuxokozela, nangokukhonza izithombe okuyichilo. Bayamangala ngokungagijimeli kwenu kulowo msindo wokushinga kwabo, behlambalaza; bayakuziphendulela kulowo olungele ukwahlulela abahambayo nabafileyo. Ngokuba ngalokho ivangeli lashunyayelwa nakwabafileyo, ukuze bahlulelwe ngokwabantu enyameni kepha baphile ngokukaNkulunkulu emoyeni.
1 kaPetru 4:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngakho-ke njengalokhu uKristu wahlupheka ngenxa yethu enyameni, hlomani nani kanjalo umqondo ofanayo; ukuze isikhathi esiseleyo enyameni angabe esaphila ezinkanukweni zabantu, kodwa ngentando kaNkulunkulu. Ngoba isikhathi esidluleyo sasenele ukwenza intando yabezizwe, lapho sasihamba emanyaleni, ezinkanukweni, ekunatheni, ekunatheni, ekunatheni, nasekukhonzeni izithombe okuyichilo; Ngokuba kuyamangala ukuthi kaligijimi kanye labo kulowo mkhuba wokungathembeki, bekhuluma kabi ngani; abayakulandisa kuye olungele ukwahlulela abaphilayo nabafileyo. Ngoba ngenxa yalokhu ivangeli latshunyayelwa lakwabafileyo, ukuze bahlulelwe ngokwabantu enyameni, kodwa baphile ngokukaNkulunkulu emoyeni.
1 kaPetru 4:1-6 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

1 kaPetru 4:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Njengalokhu uKhristu ahlupheka emzimbeni, hlomani nani ngokuqonda okunjalo, ngokuba ohlupheke emzimbeni uyayeka ukona, ukuze ngalesi sikhathi esisasele nisesemzimbeni ningabe nisaphila ngezinkanuko zabantu, kodwa ngentando kaNkulunkulu. Ngokuba isikhathi esedlule sasanele ukwenza okuthandwa ngabezizwe, ukuphila ngamanyala edlulele, ngezinkanuko, ngokudakwa, ngokuminza, ngokuxokozela nangokukhonza izithombe okuyichilo. Bayamangala ukuthi anisahambisani nabo kulawo manyala edlulele, behlambalaza. Kepha bayakuziphendulela kulowo olungele ukwehlulela abaphilayo nabafileyo. Ngenxa yalokho-ke, ivangeli lashunyayelwa nakwabafileyo, ukuba bahlulelwe ngokwabantu emzimbeni, kodwa baphile ngokukaNkulunkulu emoyeni.