1 kaPetru 3:9-14
1 kaPetru 3:9-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka, kepha kakhulu manibusise, ngokuba nabizelwa lokho ukuba nidle ifa lokubusiswa. “Ngokuba osuka ethanda ukuphila nokubona izinsuku ezinhle, makanqande ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso, adede ebubini, enze okuhle, afune ukuthula, akujonge, ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo, kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi.” Pho, ubani onganilimaza, uma nishisekela okuhle na? Kepha noma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe. Ningesabi ukwesabisa kwabo, ningakhathazeki
1 kaPetru 3:9-14 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
ningaphindiseli okubi ngokubi, nokuthuka ngokuthuka, kodwa ngokuphambene nibusise; nazi ukuthi nabizelwa lokho, ukuze nidle ifa lesibusiso. Ngokuba lowo othanda ukuphila, nokubona izinsuku ezinhle, makabambe ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso; Makagweme okubi, enze okuhle; makafune ukuthula, akulandele. Ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zayo zisemikhulekweni yabo; kepha ubuso beNkosi bumelene nabenza okubi. Ngubani onganilimaza, uma nilingisa okuhle na? Kepha uma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe
1 kaPetru 3:9-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ningaphindisi okubi ngokubi, inhlamba ngenhlamba; kepha busisani, ngokuba nabizelwa lokho, ukuba nidle ifa lokubusiswa. Umbhalo uthi: “Lowo othanda ukuphila nokubona izinsuku ezinhle makanqande ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso. Akugweme okubi, enze okuhle, afune ukuthula, akuphokophelele, ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, izindlebe zayo ziyayizwa imikhuleko yabo, kodwa ubuso beNkosi bumelene nabenza okubi.” Pho ngubani onganilimaza uma nishisekela ukwenza okuhle na? Kepha uma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiswe. Ningakwesabi ukwesabisa kwabo, futhi ningakhathazeki.
1 kaPetru 3:9-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)