1 kaPetru 3:15-22
1 kaPetru 3:15-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kodwa mngcweliseni uKhristu njengeNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale nilindele ukubaphendula bonke abanibuza ngethemba eninalo. Kepha kube ngobumnene nangokwesaba, ninonembeza omsulwa, ukuze kuthi kulokho abaninyembenya ngakho, bajabhiswe laba abahlambalaza ukuhamba kwenu okuhle kuKhristu. Ngokuba kungcono ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma lokho kuyintando kaNkulunkulu, kunokuhlupheka ngokwenza okubi. UKhristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono; olungileyo ehluphekela abangalungile, ukuze aniyise kuNkulunkulu; wabulawa emzimbeni, kodwa waphiliswa kuMoya. Wahamba wayoshumayeza imiphefumulo eboshiweyo, kulabo abangalalelanga lapho uNkulunkulu ebalindele ngokubekezela emihleni kaNowa, umkhumbi usakhiwa, okwasindiswa abayingcosana, abayisishiyagalombili ababekuwo, ngawo amanzi. Lawo manzi angumfanekiso wombhabhadiso enisindiswa ngawo manje, okungesikho ukukhuculula insila emzimbeni, kodwa isithembiso kuNkulunkulu esivela kunembeza omsulwa, ngokuvuka kukaJesu Khristu, othe esenyukele ezulwini, wahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esebekile phansi kwakhe izingelosi, ababusi neziphathimandla.
1 kaPetru 3:15-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini, kodwa kube ngobumnene nangokwesaba, nibe nonembeza omuhle, ukuze kuthi kulokho abanihleba ngakho bajabhiswe labo abathuka ukuhamba kwenu okuhle kuKristu. Ngokuba kuhle ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma kuyintando kaNkulunkulu, kunokwenza okubi. Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni, ehamba ngawo ukushumayeza omoya abasekuboshweni abakade bengalaleli, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kubalindele ezinsukwini zikaNowa umkhumbi usakhiwa, abasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi abayisishiyagalombili ngawo amanzi; enisindiswa ngawo manje nani ngokomfanekiso, okungukuthi ngombhapathizo, kungesikho ukususa insila yenyama kepha ukucela kuNkulunkulu unembeza omuhle, ngokuvuka kukaJesu Kristu okhona ngakwesokunene sikaNkulunkulu esenyukele ezulwini, sekubekwe phansi kwakhe izingelosi, negunya, namandla.
1 kaPetru 3:15-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kodwa ngcwelisani iNkosi uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu, njalo lilungele ukuphendula wonke umuntu olibuza ngesizatho sethemba elikini, ngobumnene langokwesaba; Lilonembeza omuhle; ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, bajabhe labo abaqamba amanga ukuziphatha kwenu okuhle kuKristu. Ngokuba kungcono ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma kuyintando kaNkulunkulu, kunokuhlupheka nenza okubi. Ngokuba noKristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuze asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni, kodwa ephiliswa ngoMoya; Ngakho wahamba washumayela imimoya esetilongweni; Eyayingalaleli ngesinye isikhathi, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kulindile ezinsukwini zikaNowa, kusakhiwa umkhumbi, okwasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi, imiphefumulo eyisishiyagalombili. Umfanekiso onjengawo umbhapathizo osusisindisa ngawo manje, kungesikho ukususa insila yenyama, kodwa impendulo kanembeza omuhle kuNkulunkulu, ngokuvuka kukaJesu Kristu; Owenyukela ezulwini, ongakwesokunene sikaNkulunkulu; izingelosi, namandla, namandla, kuthotshiswe phansi kwakhe.
1 kaPetru 3:15-22 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)