1 kaPetru 2:9-12
1 kaPetru 2:9-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo; ekade naningesiso isizwe, kepha manje niyisizwe sikaNkulunkulu, enaningahawukelwanga, kepha manje nihawukelwe. Bathandekayo, nginincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo, nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.
1 kaPetru 2:9-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo; ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo; enanikade ningesiso isizwe, kepha manje ningabantu bakaNkulunkulu, enaningahawukelwanga, kepha manje nihawukelwe. Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo; nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi, benihleba ngathi ningabenzi bokubi, babone imisebenzi yenu emihle abayoyibona, badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.
1 kaPetru 2:9-12 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

1 kaPetru 2:9-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo. Nina naningesiso isizwe, kepha manje seniyisizwe sikaNkulunkulu; naningahawukelwanga, kodwa manje senihawukelwe. Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo. Ziphatheni kahle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho beninyembenya ngokuthi ningabenzi bokubi, kodwa kuthi lapho bebona imisebenzi yenu emihle, bamdumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.