1 kaPetru 2:4-12
1 kaPetru 2:4-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Sondelani kuyo, iyitshe eliphilileyo, elinqatshwe ngabantu, kepha kuNkulunkulu likhethekile, liyigugu. Nani njengamatshe aphilileyo, nakhiwe nibe yindlu yokomoya, ubuphristi obungcwele, ukuze ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu, ngaye uJesu Khristu. Ngokuba umbhalo, uthi: “Ngibeka eZiyoni itshe legumbi elikhethekileyo, eliyigugu. Okholwa kuye akasoze ajabhiswa.” Ngakho-ke kini enikholwayo liyigugu, kodwa kwabangakholwayo; itshe abalinqabayo abakhi, yilo elaba yinhloko yegumbi, netshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa. Bayakhubeka ngokuba bengalilaleli izwi okuyikhona abakumiselweyo. Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo. Nina naningesiso isizwe, kepha manje seniyisizwe sikaNkulunkulu; naningahawukelwanga, kodwa manje senihawukelwe. Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo. Ziphatheni kahle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho beninyembenya ngokuthi ningabenzi bokubi, kodwa kuthi lapho bebona imisebenzi yenu emihle, bamdumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.
1 kaPetru 2:4-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Sondelani kuyo, iyitshe eliphilileyo, elinqatshwe ngabantu, kepha kuNkulunkulu likhethekile, liyigugu, nakhiwe njengamatshe aphilileyo, nibe yindlu yokomoya, ubupristi obungcwele, ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngaye uJesu Kristu. Ngokuba kukhona embhalweni ukuthi: “Bhekani, ngibeka eSiyoni itshe legumbi elikhethekile, liyigugu; okholwa yilo akasoze ajabhiswa.” Ngakho kini enikholwayo liyigugu; kepha kwabangakholwayo itshe abalinqabayo abakhi yilona elaba yinhloko yegumbi, netshe lokuqhuzula, nedwala lokukhubekisa; baqhuzuka bengalaleli izwi, okuyikhona bekumiselweyo; kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo; ekade naningesiso isizwe, kepha manje niyisizwe sikaNkulunkulu, enaningahawukelwanga, kepha manje nihawukelwe. Bathandekayo, nginincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo, nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.
1 kaPetru 2:4-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Okuza kuye njengetshe eliphilayo, elaliwayo ngempela ngabantu, kodwa elikhethiweyo nguNkulunkulu, eliyigugu; Nani njengamatshe aphilayo nakhiwe nibe yindlu yomoya, ubupristi obungcwele, ukuze ninikele imihlatshelo yomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngoJesu Kristu. Ngakho-ke kukhona embhalweni ukuthi: Bheka, ngibeka eSiyoni itshe legumbi elikhethiweyo, eliyigugu; okholwa yiyo akayikujabhiswa. Ngakho kini enikholwayo uligugu, kepha kwabangalaleli itshe abakhi abalalayo, yilo laba yinhloko yegumbi; netshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa, kwabakhubekayo ngezwi ngokungalilaleli, ababemiselwe lokho futhi. Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo; ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo; enanikade ningesiso isizwe, kepha manje ningabantu bakaNkulunkulu, enaningahawukelwanga, kepha manje nihawukelwe. Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo; nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi, benihleba ngathi ningabenzi bokubi, babone imisebenzi yenu emihle abayoyibona, badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.
1 kaPetru 2:4-12 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)