1 kaPetru 2:22-25
1 kaPetru 2:22-25 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
ongonanga, nenkohliso ayitholwanga emlonyeni wakhe; owathi ethukwa, akaphindanga athuke; lapho ehlupheka, akasongelanga; kodwa wayezinikele kuye owahlulela ngokulunga. yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze thina sesifile ezonweni siphile ekulungeni, omivimbo yakhe naphulukiswa ngayo. Ngokuba naninjengezimvu ezidukayo; kodwa manje selibuyele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.
1 kaPetru 2:22-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ongazange enze isono, nokungafunyanwanga nkohliso emlonyeni wakhe;” owathi ethukwa akaze aphindisela, ehlushwa akaze asongela muntu, kodwa wazinikela kulowo owehlulela ngokulunga; owathwala izono zethu emzimbeni wakhe, emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni, siphile ekulungeni. Ngemivimbo yakhe naphiliswa, ngokuba naninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje senibuyele kumelusi nomphathi wemiphefumulo yenu.
1 kaPetru 2:22-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ongenzanga isono, akufunyanwanga nankohliso emlonyeni wakhe,” owathi ethukwa, akaphindisanga athuke; ehlushwa akasongelanga kepha wakunikela kuye owahlulela ngokulunga; yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo; ngokuba beninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje seniphendukele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.
1 kaPetru 2:22-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
ongonanga, nenkohliso ayitholwanga emlonyeni wakhe; owathi ethukwa, akaphindanga athuke; lapho ehlupheka, akasongelanga; kodwa wayezinikele kuye owahlulela ngokulunga. Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze thina sesifile ezonweni siphile ekulungeni, omivimbo yakhe naphulukiswa ngayo. Ngokuba naninjengezimvu ezidukayo; kodwa manje selibuyele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.