1 kaPetru 2:1-25

1 kaPetru 2:1-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngakho lahlani ububi bonke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomhawu, nokuhleba konke; njengezingane ezisand' ukuzalwa langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo kube ngukusindiswa, uma seninambithile nezwa ukuthi iNkosi imnene. Sondelani kuyo, iyitshe eliphilileyo, elinqatshwe ngabantu, kepha kuNkulunkulu likhethekile, liyigugu, nakhiwe njengamatshe aphilileyo, nibe yindlu yokomoya, ubupristi obungcwele, ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngaye uJesu Kristu. Ngokuba kukhona embhalweni ukuthi: “Bhekani, ngibeka eSiyoni itshe legumbi elikhethekile, liyigugu; okholwa yilo akasoze ajabhiswa.” Ngakho kini enikholwayo liyigugu; kepha kwabangakholwayo itshe abalinqabayo abakhi yilona elaba yinhloko yegumbi, netshe lokuqhuzula, nedwala lokukhubekisa; baqhuzuka bengalaleli izwi, okuyikhona bekumiselweyo; kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo; ekade naningesiso isizwe, kepha manje niyisizwe sikaNkulunkulu, enaningahawukelwanga, kepha manje nihawukelwe. Bathandekayo, nginincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo, nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa. Thobelani izimiso zonke zabantu ngenxa yeNkosi, nokuba kuyinkosi njengokuba ingomkhulu, nokuba kungababusi njengokuba bethunywa yiyo, ukuze bajezise abenza okubi, babonge abenza okuhle, ngokuba injalo intando kaNkulunkulu ukuba ngokwenza okuhle nithulise ukungazi kwabantu abayiziwula njengabakhululekileyo, kodwa kungabi njengabenza ukukhululeka kube yisigubuzelo sokubi kepha njengezinceku zikaNkulunkulu. Baziseni bonke, nithande abazalwane; mesabeni uNkulunkulu, niyazise inkosi. Nina zinceku, thobelani amakhosi ngokwesaba konke, kungabi ngamahle navileyo kuphela kodwa nayizixhwanguxhwangu. Ngokuba kuyabongeka lokho, uma umuntu ngenxa kanembeza ngakuNkulunkulu ethwala izinsizi, ehlushwa ngokungafanele. Ngokuba kuludumo luni, uma nibekezela nishaywa lapho nonile na? Kepha uma nibekezela lapho nenze okuhle nihlushwa, lokho kuyabongeka kuNkulunkulu. Ngokuba nabizelwa khona lokho, ngokuba uKristu wahlushwa ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe. “Ongenzanga isono, akufunyanwanga nankohliso emlonyeni wakhe,” owathi ethukwa, akaphindisanga athuke; ehlushwa akasongelanga kepha wakunikela kuye owahlulela ngokulunga; yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo; ngokuba beninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje seniphendukele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.

1 kaPetru 2:1-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngakho lahlani ububi bonke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomhawu, nakho konke ukuhleba; Njengezingane ezisanda kuzalwa langazelelani ubisi lwezwi olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo; uma-ke ninambithile ukuthi iNkosi inomusa. Okuza kuye njengetshe eliphilayo, elaliwayo ngempela ngabantu, kodwa elikhethiweyo nguNkulunkulu, eliyigugu; Nani njengamatshe aphilayo nakhiwe nibe yindlu yomoya, ubupristi obungcwele, ukuze ninikele imihlatshelo yomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngoJesu Kristu. Ngakho-ke kukhona embhalweni ukuthi: Bheka, ngibeka eSiyoni itshe legumbi elikhethiweyo, eliyigugu; okholwa yiyo akayikujabhiswa. Ngakho kini enikholwayo uligugu, kepha kwabangalaleli itshe abakhi abalalayo, yilo laba yinhloko yegumbi; netshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa, kwabakhubekayo ngezwi ngokungalilaleli, ababemiselwe lokho futhi. Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo; ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo; enanikade ningesiso isizwe, kepha manje ningabantu bakaNkulunkulu, enaningahawukelwanga, kepha manje nihawukelwe. Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo; nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi, benihleba ngathi ningabenzi bokubi, babone imisebenzi yenu emihle abayoyibona, badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa. Zithobeni kuzo zonke izimiso zabantu ngenxa yeNkosi: noma kusenkosini, njengophakeme; noma kubabusi njengabathunywe nguye ukujezisa abenzi bokubi, batuswe abenza okuhle. Ngokuba injalo intando kaNkulunkulu, ukuba ngokwenza okuhle nithulise ukungazi kwabantu abayiziwula; njengabakhululekileyo, njalo lingasebenzisi inkululeko yenu njengesigubuzelo sobubi, kodwa njengezinceku zikaNkulunkulu. Hloniphani abantu bonke. Thandani ubuzalwane. Mesabeni uNkulunkulu. Hlonipha inkosi. Nina zinceku, thobelani amakhosi enu ngokwesaba konke; kungeyisikho kwabalungileyo labamnene kuphela, kodwa lakwabakhohlakeleyo. Ngoba lokhu kuyabongeka, uba umuntu ngenxa kanembeza kuNkulunkulu ethwala usizi, ehlupheka ngokungafanele. Ngokuba kuludumo luni, uma nibekezela nishaywa ngenxa yokona na? kepha uma nenza kahle nihlupheka ngenxa yalokho, nikubekezelela, lokho kuyabongeka kuNkulunkulu. Ngokuba nabizelwa lokho, ngokuba uKristu wahlupheka ngenxa yethu, esishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe; ongonanga, nenkohliso ayitholwanga emlonyeni wakhe; owathi ethukwa, akaphindanga athuke; lapho ehlupheka, akasongelanga; kodwa wayezinikele kuye owahlulela ngokulunga. Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze thina sesifile ezonweni siphile ekulungeni, omivimbo yakhe naphulukiswa ngayo. Ngokuba naninjengezimvu ezidukayo; kodwa manje selibuyele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.

1 kaPetru 2:1-25 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Ngakho lahlani ububi bonke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomhawu, nakho konke ukuhleba; Njengezingane ezisanda kuzalwa langazelelani ubisi lwezwi olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo; uma-ke ninambithile ukuthi iNkosi inomusa. Okuza kuye njengetshe eliphilayo, elaliwayo ngempela ngabantu, kodwa elikhethiweyo nguNkulunkulu, eliyigugu; Nani njengamatshe aphilayo nakhiwe nibe yindlu yomoya, ubupristi obungcwele, ukuze ninikele imihlatshelo yomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngoJesu Kristu. Ngakho-ke kukhona embhalweni ukuthi: Bheka, ngibeka eSiyoni itshe legumbi elikhethiweyo, eliyigugu; okholwa yiyo akayikujabhiswa. Ngakho kini enikholwayo uligugu, kepha kwabangalaleli itshe abakhi abalalayo, yilo laba yinhloko yegumbi; netshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa, kwabakhubekayo ngezwi ngokungalilaleli, ababemiselwe lokho futhi. Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo; ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo; enanikade ningesiso isizwe, kepha manje ningabantu bakaNkulunkulu, enaningahawukelwanga, kepha manje nihawukelwe. Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo; nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi, benihleba ngathi ningabenzi bokubi, babone imisebenzi yenu emihle abayoyibona, badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa. Zithobeni kuzo zonke izimiso zabantu ngenxa yeNkosi: noma kusenkosini, njengophakeme; noma kubabusi njengabathunywe nguye ukujezisa abenzi bokubi, batuswe abenza okuhle. Ngokuba injalo intando kaNkulunkulu, ukuba ngokwenza okuhle nithulise ukungazi kwabantu abayiziwula; njengabakhululekileyo, njalo lingasebenzisi inkululeko yenu njengesigubuzelo sobubi, kodwa njengezinceku zikaNkulunkulu. Hloniphani abantu bonke. Thandani ubuzalwane. Mesabeni uNkulunkulu. Hlonipha inkosi. Nina zinceku, thobelani amakhosi enu ngokwesaba konke; kungeyisikho kwabalungileyo labamnene kuphela, kodwa lakwabakhohlakeleyo. Ngoba lokhu kuyabongeka, uba umuntu ngenxa kanembeza kuNkulunkulu ethwala usizi, ehlupheka ngokungafanele. Ngokuba kuludumo luni, uma nibekezela nishaywa ngenxa yokona na? kepha uma nenza kahle nihlupheka ngenxa yalokho, nikubekezelela, lokho kuyabongeka kuNkulunkulu. Ngokuba nabizelwa lokho, ngokuba uKristu wahlupheka ngenxa yethu, esishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe; ongonanga, nenkohliso ayitholwanga emlonyeni wakhe; owathi ethukwa, akaphindanga athuke; lapho ehlupheka, akasongelanga; kodwa wayezinikele kuye owahlulela ngokulunga. yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze thina sesifile ezonweni siphile ekulungeni, omivimbo yakhe naphulukiswa ngayo. Ngokuba naninjengezimvu ezidukayo; kodwa manje selibuyele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.

1 kaPetru 2:1-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngakho-ke lahlani bonke ububi, bonke ubuqili, ukuzenzisa, umhawu, nakho konke ukunyembenya. Njengezinsana ezisanda kuzalwa, langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze ngalo nikhule kube ngukusindiswa, uma seninambithile nezwa ukuthi iNkosi imnene. Sondelani kuyo, iyitshe eliphilileyo, elinqatshwe ngabantu, kepha kuNkulunkulu likhethekile, liyigugu. Nani njengamatshe aphilileyo, nakhiwe nibe yindlu yokomoya, ubuphristi obungcwele, ukuze ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu, ngaye uJesu Khristu. Ngokuba umbhalo, uthi: “Ngibeka eZiyoni itshe legumbi elikhethekileyo, eliyigugu. Okholwa kuye akasoze ajabhiswa.” Ngakho-ke kini enikholwayo liyigugu, kodwa kwabangakholwayo; itshe abalinqabayo abakhi, yilo elaba yinhloko yegumbi, netshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa. Bayakhubeka ngokuba bengalilaleli izwi okuyikhona abakumiselweyo. Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo. Nina naningesiso isizwe, kepha manje seniyisizwe sikaNkulunkulu; naningahawukelwanga, kodwa manje senihawukelwe. Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo. Ziphatheni kahle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho beninyembenya ngokuthi ningabenzi bokubi, kodwa kuthi lapho bebona imisebenzi yenu emihle, bamdumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa. Thobelani bonke abantu abasezikhundleni ngenxa yeNkosi, noma ngabe yinkosi njengalokhu isesikhundleni, noma ngabe ngababusi, njengokuba bethunywe yiyo ukuba babajezise abenza okubi, kodwa batuse abenza okuhle, ngokuba injalo-ke intando kaNkulunkulu; ukuba ngokwenza okuhle, nithulise ukungazi kwabantu abayiziwula. Nina ningabakhululekileyo, kodwa ningakwenzi ukukhululeka kwenu kube yisembozo sokubi, kepha ziphatheni njengezinceku zikaNkulunkulu. Bahlonipheni bonke, nibathande abazalwane, nesabe uNkulunkulu, futhi niyihloniphe inkosi. Zinceku, bathobeleni abaqashi benu ngokwesaba konke, kungabi nje kwabalungileyo nabamnene kuphela, kodwa nalabo abanesihluku. Ngokuba lokhu kuyabongeka uma umuntu, ngenxa kanembeza, ngokuyintando kaNkulunkulu, ethwala izinsizi noma ehlushwa ngokungafanele. Kunamvuzo muni ukubekezela lapho nishayelwa enikonileyo na? Kepha uma nibekezela lapho nihlushwa nibe nenze okuhle, lokho kuyancomeka kuNkulunkulu. Nabizelwa khona lokho, ngokuba uKhristu wahlushwa ngenxa yenu, wanishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe. “Ongazange enze isono, nokungafunyanwanga nkohliso emlonyeni wakhe;” owathi ethukwa akaze aphindisela, ehlushwa akaze asongela muntu, kodwa wazinikela kulowo owehlulela ngokulunga; owathwala izono zethu emzimbeni wakhe, emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni, siphile ekulungeni. Ngemivimbo yakhe naphiliswa, ngokuba naninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje senibuyele kumelusi nomphathi wemiphefumulo yenu.