1 kaPetru 1:3-7
1 kaPetru 1:3-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, obuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilayo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo. Elifani elingenakonakala, nelingangcolile, nelingabuniyo, elibekelwe nina ezulwini. Nina enigcinwa ngamandla kaNkulunkulu ngokholo kube yinsindiso elungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina. Elithokoza kakhulu ngakho, lanxa khathesi, uba kudingekile, seliselusizini ngezilingo ngezilingo; ukuze ukuvivinywa kokholo lwenu, okuligugu kakhulu kunegolide elibhubhayo, nakuba livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube yindumiso nodumo nenkazimulo ekubonakaleni kukaJesu Kristu
1 kaPetru 1:3-7 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, obuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilayo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo. Elifani elingenakonakala, nelingangcolile, nelingabuniyo, elibekelwe nina ezulwini. nina enigcinwa ngamandla kaNkulunkulu ngokholo kube yinsindiso elungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina. elithokoza kakhulu ngakho, lanxa khathesi, uba kudingekile, seliselusizini ngezilingo ngezilingo; ukuze ukuvivinywa kokholo lwenu, okuligugu kakhulu kunegolide elibhubhayo, nakuba livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube yindumiso nodumo nenkazimulo ekubonakaleni kukaJesu Kristu
1 kaPetru 1:3-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, owasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu, ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Khristu kwabafileyo, sibe nefa elingapheliyo, elingenasisihla, elingabuniyo, enililondolozelwe ezulwini. Nina nilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa, kube yinsindiso eyakwambulwa ngesikhathi sokugcina; enithokoza kakhulu ngalokho, nakuba manje nidatshukiswa yizilingo ezinhlobonhlobo, ukuze ubuqotho bokukholwa kwenu, okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube ngukubongwa, udumo, nokutuseka mhla kwembulwa uJesu Khristu
1 kaPetru 1:3-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo, sibe nefa elingapheliyo, nelingenasisihla, nelingabuniyo, eniligcinelwe ezulwini; nina enilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa ukuba nibe nokusindiswa okulungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina; enithokoza ngakho, nokuba manje ngesikhashana, uma kudingeka, nidabukiswa ngezilingo eziyizinhlobonhlobo, ukuze ukuvivinywa kokukholwa kwenu okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo kufunyanwe kube ngukubongwa, nodumo, nokutuseka ekwambulweni kukaJesu Kristu