1 kaPetru 1:22-23
1 kaPetru 1:22-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, nize nithande abazalwane ngokungazenzisi, thandanani ngokupheleleyo omunye nomunye ngenhliziyo, senizelwe kabusha kungengambewu ephelayo kodwa ngengapheliyo, ngezwi eliphilileyo nelimiyo likaNkulunkulu
1 kaPetru 1:22-23 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Njengoba selihlambulule imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso ngoMoya kuze kube sothandweni olungazenzisi lwabazalwane, thandanani kakhulu ngenhliziyo emhlophe; nizelwe ngokusha, kungengembewu ebolayo, kodwa ngengenakonakala, ngezwi likaNkulunkulu eliphilayo nelimi phakade.
1 kaPetru 1:22-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, ukuze uthando lwenu lobuzalwane lungabi nakuzenzisa; nithandane ngokuphelele, omunye nomunye, kuqubuka enhliziyweni emhlophe. Senizelwe kabusha nina, hhayi ngembewu ephelayo, kodwa ngengapheliyo, ngezwi eliphilileyo nelimiyo likaNkulunkulu
1 kaPetru 1:22-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)