1 AmaKhosi 8:22-53

1 AmaKhosi 8:22-53 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

USolomoni wema phambi kwe-altare likaJehova ebusweni balo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini, wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, akakho unkulunkulu onjengawe phezulu ezulwini nasemhlabeni phansi, ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo, ogcine nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo; yebo, owakukhuluma ngomlomo wakho ukugcwalisile ngesandla sakho njengokuba kunjalo namuhla. “Ngalokho, Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, gcina nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo ukuthi: ‘Akuyikunqunywa muntu kuwe emehlweni ami ukuhlala esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli, uma kuphela abantwana bakho beqaphela indlela yabo ukuba bahambe phambi kwami, njengalokho wena uhambe phambi kwami.’ Ngalokho, Nkulunkulu ka-Israyeli, maliqiniseke izwi lakho owalikhuluma encekwini yakho uDavide ubaba. “Kepha uNkulunkulu uyakuhlala impela emhlabeni na? Bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; pho, kakhulu kangakanani le ndlu encane engiyakhileyo na? Mawubheke umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, Jehova Nkulunkulu wami, uzwe ukukhala nokukhuleka inceku yakho ekukhuleka phambi kwakho namuhla ukuba amehlo akho avulekele le ndlu ubusuku nemini, indawo owathi ngayo: ‘Igama lami liyakuba khona lapho,’ uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka ibhekene nale ndawo. Kulalele ukunxusa kwenceku yakho nokwabantu bakho u-Israyeli abayakukukhuleka bebhekene nale ndawo, ukuzwe usendaweni yakho yokuhlala ezulwini, nalapho usuzwile, uthethelele. “Uma umuntu ona umakhelwane wakhe, athweswe isifungo sokumfungisa, abeseza ukufunga phambi kwe-altare lakho kule ndlu, mawuzwe wena ezulwini, wenze, wahlulele izinceku zakho, kulahlwe onecala, ubeke indlela yakhe phezu kwekhanda lakhe, uthethelele olungileyo, umnike njengokulunga kwakhe. “Lapho abantu bakho u-Israyeli benqotshwa yisitha, ngokuba bonile kuwe, kepha bese bebuya bephindela kuwe, balivume igama lakho, bakhuleke, banxuse kuwe kule ndlu, mawuzwe wena ezulwini, uthethelele isono sabantu bakho u-Israyeli, ubabuyisele ezweni owalinika oyise. “Lapho izulu livaliwe, imvula ingekho, ngokuba bonile kuwe, kepha bese bekhuleka bebhekene nale ndawo, balivume igama lakho, baphenduke esonweni sabo, ngokuba uyabajezisa, mawuzwe wena ezulwini, uthethelele isono sezinceku zakho nesabantu bakho u-Israyeli, lapho ubafundisa indlela enhle abayakuhamba ngayo, uthume imvula ezweni lakho obanike abantu bakho libe yifa labo. “Uma kukhona indlala ezweni, noma kukhona isifo, noma kukhona ukuhamuka, nesikhutha, nesikhonyane, nemiswenya, noma isitha sabo sibavimbezela ezweni lemizi yabo, noma kuyiphi inhlupheko nasiphi isifo, bese kuzwakala namuphi umkhuleko nakuphi ukunxusa noma ngumuphi umuntu noma yibo bonke abantu bakho u-Israyeli abayakwazi, kube yilowo nalowo inhlupheko yasenhliziyweni yakhe, elulele izandla zakhe kule ndlu, mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, uthethelele, wenze, unike yilowo nalowo njengezindlela zakhe, wena owaziyo inhliziyo yakhe ngokuba wena kuphela uyazi izinhliziyo zabo bonke abantwana babantu ukuba bakwesabe zonke izinsuku zokuhlala kwabo ezweni owalinika obaba. “Futhi owezizwe ongesiye owabantu bakho u-Israyeli, lapho evela ezweni elikude ngenxa yegama lakho ngokuba bayakuzwa ngegama lakho elikhulu, nangesandla sakho esinamandla, nangengalo yakho eyeluliweyo lapho ebeseza ukukhuleka kule ndlu, mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, wenze njengakho konke lo wezizwe akhala ngakho kuwe, ukuze bonke abantu bomhlaba bazi igama lakho, bakwesabe wena njengabantu bakho u-Israyeli nokuze bazi ukuthi le ndlu engiyakhileyo ibiziwe ngegama lakho. “Uma abantu bakho bephuma impi ukulwa nesitha sabo ngendlela obathuma ngayo, bese bekhuleka kuJehova bebhekene nalo muzi owukhethileyo nale ndlu engiyakhele igama lakho, mawuzwe wena ezulwini umkhuleko wabo nokunxusa kwabo, ubavume. “Uma bona kuwe – ngokuba akukho muntu ongoniyo – bese wubathukuthelela wena, ubanikele esitheni, ukuze ababathumbayo babamukisele ezweni lesitha, likude noma liseduze, kepha bese becabanga ezweni lapho bethunjelwe khona, baphenduke, banxuse kuwe ezweni lababathumbayo ngokuthi: ‘Sonile, senzile ngokuphambeneyo, saziphatha kabi;’ uma bephendukela kuwe ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo ezweni lezitha zabo ezabathumba, bakhuleke kuwe bebhekene nezwe lakubo owalinika oyise, umuzi owukhethileyo, nendlu engiyakhele igama lakho, mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, umkhuleko wabo nokunxusa kwabo, ubavume, uthethelele abantu bakho abonile kuwe nazo zonke iziphambeko zabo abaphambeke kuwe ngazo, ubanike ukuba bathole isihe phambi kwababathumbayo ukuba babaphathe ngesihe. Ngokuba bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha ezweni laseGibithe nasesithandweni sensimbi, ukuba amehlo akho avulekele ukunxusa kwenceku yakho nokunxusa kwabantu bakho u-Israyeli ukubezwa kukho konke abakhala ngakho kuwe. Ngokuba wena wabahlukanisa nabantu bonke bomhlaba, babe yifa lakho, njengalokho wakhuluma ngesandla sikaMose inceku yakho ekukhipheni obaba eGibithe, Nkosi Jehova.”

1 AmaKhosi 8:22-53 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USolomoni wema phambi kwe-althare likaSimakade, phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini, wathi: “Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, akekho unkulunkulu onjengawe phezulu ezulwini nasemhlabeni phansi, ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo, okufezile encekwini yakho uDavide, ubaba, lokho owakusho kuyo; yebo, lokho owakukhuluma ngomlomo wakho ukufezile ngesandla sakho njengokuba kunjalo namuhla. “Ngakho-ke Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, kufeze encekwini yakho uDavide, ubaba, lokho owakusho kuyo wathi: ‘Akunakwenzeka ukuba kungabi bikho muntu phambi kwami ovela kuwe oyakuhlala esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli, kuphela nje uma abozalo lwakho beyoqaphela indlela yabo ukuba bahambe phambi kwami, njengalokhu wena wenzile phambi kwami.’ Ngakho-ke Nkulunkulu ka-Israyeli, maliqiniswe izwi lakho owalisho encekwini yakho uDavide, ubaba. “Kepha uNkulunkulu uyakuhlala ngempela yini emhlabeni na? Ngisho izulu nezulu lamazulu alinakukumumatha; pho ibiyini-ke le ndlu encane engiyakhileyo na? Mawulalele umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, Simakade Nkulunkulu wami, kuzwe ukukhala nokukhuleka inceku yakho ekukhuleka phambi kwakho namuhla, ukuba amehlo akho ayibheke le ndlu ubusuku nemini, indawo owathi ngayo: ‘Igama lami liyakuba khona lapho,’ ukuze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka ibhekene nale ndawo. Ukulalele ukunxusa kwenceku yakho nokwabantu bakho u-Israyeli abayakukukhuleka bekule ndawo, kuzwe usendaweni yakho ohlala kuyo ezulwini, nalapho usuzwile, uthethelele. “Uma umuntu ona umakhelwane wakhe, athweswe isifungo, bese efunga phambi kwe-althare lakho kule ndlu, mawuzwe Wena usezulwini, wenze, wehlulele izinceku zakho, kulahlwe ngecala omubi, ubeke indlela yakhe phezu kwekhanda lakhe, ukhulule olungileyo, umnike njengokulunga kwakhe. “Lapho abantu bakho u-Israyeli benqotshwa yisitha, ngenxa yokuba bonile kuwe, kepha bese bebuya bephindela kuwe, balivume igama lakho, bakhuleke, becela umusa kuwe bekule ndlu, mawuzwe Wena usezulwini, uthethelele isono sabantu bakho u-Israyeli, ubabuyisele ezweni owalinika okhokho babo. “Lapho izulu livaliwe, kungekho mvula, ngokuba bonile kuwe, kepha bese bekhuleka bekule ndawo, badumise iGama lakho, baphenduke esonweni sabo, abashaywe ngenxa yaso, mawuzwe Wena usezulwini, uthethelele isono sezinceku zakho nesabantu bakho u-Israyeli, lapho ubafundisa indlela enhle abayakuhamba ngayo, uthumele imvula ezweni lakho obanike lona abantu bakho ukuba libe yifa labo. “Uma kukhona indlala ezweni, ubhubhane, ukuhwamuka, isikhutha, isikhonyane, umswenya, noma isitha sabo sibavimbezela ezweni emasangweni abo, noma ngabe iyiphi inhlupheko nobhubhane, bese kuzwakala nanoma yimuphi umkhuleko, nanoma yikuphi ukunxusa, okuvela kunoma yimuphi umuntu, nakubo bonke abantu bakho, u-Israyeli, ngamunye azi inhlupheko yenhliziyo yakhe, elulele izandla zakhe kule ndlu, mawuzwe Wena usezulwini, indawo yakho ohlala kuyo, uyakuthethelela, wenze, unike yilowo nalowo njengezindlela zakhe, ngokuba nguwe wedwa owazi okusenhliziyweni yalowo nalowo muntu, ukuze bakwesabe zonke izinsuku zokuphila kwabo ezweni owalinika okhokho babo. “Futhi owezizwe ongesiye owabantu bakho, u-Israyeli, lapho evela ezweni elikude ngenxa yegama lakho, ngokuba bayakuzwa ngegama lakho elikhulu, nangesandla sakho esinamandla, nangengalo yakho eyeluliweyo, bese eza akhuleke kule ndlu, mawuzwe Wena usezulwini, indawo yakho ohlala kuyo, wenze njengakho konke owezizwe akucelile kuwe, ukuze bonke abantu bomhlaba balazi igama lakho, bakwesabe Wena njengabantu bakho, u-Israyeli, baze bazi ukuthi igama lakho libiziwe phezu kwale ndlu engiyakhileyo. “Uma abantu bakho bephuma impi, beyolwa nesitha sabo ngendlela obathuma ngayo, bese bekhuleka kuSimakade, bebheke kulo muzi owukhethileyo nakule ndlu engiyakhele igama lakho, mawuzwe Wena usezulwini umkhuleko wabo nokunxusa kwabo, ubenzele ubulungiswa. “Uma bona kuwe ngokuba akukho muntu ongoniyo, bese ubathukuthelela, ubanikele esitheni, bathunjwe, bayiswe ezweni lesitha esibathumbileyo, elikude noma eliseduze, kepha bese ubuya umqondo wabo besezweni abathunjelwe kulo, baphenduke, bakunxuse besezweni lababathumbileyo bathi: ‘Sonile, senze okungalungile, senze okubi;’ uma bephendukela kuwe ngenhliziyo yabo yonke nangawo wonke umphefumulo wabo besezweni lezitha zabo ezibathumbileyo, bakhuleke kuwe bebheke ezweni lakubo owalinika okhokho babo, umuzi owukhethileyo, nendlu engiyakhele igama lakho, mawuzwe Wena usezulwini, indawo yakho yokuhlala, umkhuleko wabo nokunxusa kwabo, ubenzele ubulungiswa, uthethelele abantu bakho abonile kuwe, nazo zonke iziphambeko zabo abaphambuke kuwe ngazo, ubenzele ukuba bathole isihe phambi kwababathumbileyo, babaphathe ngesihe, ngokuba bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha eGibhithe nasesithandweni somlilo wensimbi. Amehlo akho mawavulekele ukunxusa kwenceku yakho nokunxusa kwabantu bakho, u-Israyeli, ubezwe kukho konke abakhala ngakho kuwe. Ngokuba Wena wazehlukanisela bona phakathi kwazo zonke izizwe zomhlaba, ukuba babe yifa lakho, njengalokho wawukhulumile ngesandla sikaMose, inceku yakho, ngesikhathi ukhipha okhokho bethu eGibhithe, Nkosi Simakade.”

1 AmaKhosi 8:22-53 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

USolomoni wema phambi kwe-altare likaJehova phambi kwayo yonke inhlangano yakwa-Israyeli, welulela izandla zakhe ezulwini. Wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, akakho uNkulunkulu onjengawe ezulwini naphansi emhlabeni, ogcina isivumelwano nomusa ezincekwini zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo. Owagcina encekwini yakho, ubaba uDavide, lokho owakuthembisa kuyo; wakhuluma ngomlomo wakho, wakugcwalisa ngesandla sakho njengokuba kunjalo namuhla. Ngakho-ke, Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, gcina encekwini yakho, ubaba uDavide, lokho owakuthembisa kuye ngokuthi: ‘Akuyikuntula muntu emehlweni ami ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli; ukuze abantwana bakho babone indlela yabo, ukuthi bahambe phambi kwami, njengoba wahamba phambi kwami. Manje, Nkulunkulu ka-Israyeli, maligcwaliseke izwi lakho owalikhuluma encekwini yakho, ubaba uDavide. Kodwa ingabe uNkulunkulu uzophila ngempela emhlabeni? bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; kakhulu kangakanani le ndlu engiyakhileyo? Kepha lalela umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, Jehova Nkulunkulu wami, ukuba uzwe ukukhala nomkhuleko inceku yakho ewukhulekayo phambi kwakho namuhla. Ukuze amehlo akho avuleke kule ndlu, ubusuku nemini, nendawo owasho ngayo ukuthi: ‘Igama lami liyakuba lapho, ukuze uzwe umkhuleko inceku yakho eyakuwenza kule ndawo. Kulalele ukunxusa kwenceku yakho nokwabantu bakho u-Israyeli lapho bekhuleka kule ndawo; ngikulalele usezulwini, endaweni yakho yokuhlala; futhi lapho usuzwile, uthethelele. Uma umuntu ona kumakhelwane wakhe, athweswe isifungo sokumfungisa, bese kufika isifungo phambi kwe-altare lakho kule ndlu, Yizwa-ke usezulwini, wenze, wahlulele izinceku zakho ngokulahla omubi, ubeke indlela yakhe phezu kwekhanda lakhe; nolungileyo, amnike njengokulunga kwakhe. Lapho abantu bakho u-Israyeli behlulwa phambi kwesitha, ngokuba bonile kuwe, baphendukela kuwe, balivume igama lakho, bakhuleke, bakuncenge kule ndlu, Yizwa usezulwini, uthethelele isono sabantu bakho u-Israyeli, ubabuyisele ezweni owalinika oyise. Uma izulu livalekile, imvula ingabi khona, ngokuba bonile kuwe; uma bekhuleka kule ndawo futhi bevuma igama lakho futhi bephenduka esonweni sabo uma ubacindezela; Yizwa usezulwini, uthethelele isono sezinceku zakho nesabantu bakho u-Israyeli ukuba ubafundise indlela enhle abamelwe ukuhamba ngayo, unise imvula ezweni lakho owalinika abantu bakho njengefa. Uma kukhona indlala ezweni, uma kukhona umashayabhuqe, izikhukhula, isikhutha, izinkumbi nezinkumbi; uma izitha zabo zibavimbezela ezweni lemizi yabo; noma yisiphi isifo, noma yisiphi isifo; Noma yimuphi umthandazo nokunxusa okungase kwenziwe yinoma ubani noma yibo bonke abantu bakho u-Israyeli abayokwazi, kube yilowo nalowo inhlupho yenhliziyo yakhe futhi belulele izandla zabo kule ndlu; Yizwa-ke usezulwini, lapho uhlala khona, uthethelele, wenze, unike yilowo nalowo njengezindlela zakhe owazi inhliziyo yakhe; (ngoba nguwe wedwa owazi izinhliziyo zabantwana babantu;) ukuze bakwesabe zonke izinsuku zokuphila kwabo ezweni owalinika obaba. Kepha umfokazi ongesiye owabantu bakho u-Israyeli kepha ovela ezweni elikude ngenxa yegama lakho; (Ngokuba bayakuzwa ngegama lakho elikhulu, nangesandla sakho esinamandla, nangengalo yakho eyeluliweyo) uma eza akhuleke ebheke kule ndlu; Yizwa wena ezulwini, endaweni yakho yokuhlala, wenze njengakho konke umfokazi akubiza ngakho, ukuze zonke izizwe zomhlaba zilazi igama lakho, zikwesabe njengabantu bakho u-Israyeli; ukuze bazi ukuthi iGama lakho libiziwe phezu kwalendlu engiyakhileyo. Uma abantu bakho bephuma ukulwa nesitha sabo, nomaphi lapho ubathuma, bakhuleke kuJehova bebheke emzini owukhethileyo, nasendlini engiyakhele igama lakho; Yizwa-ke ezulwini umkhuleko wabo nokunxusa kwabo, ubamela icala labo. Uma bona kuwe (ngokuba akukho muntu ongoni) bese ubathukuthelela, ubanikele esandleni sesitha, ukuze babathumbe babayise ezweni lesitha, elikude noma eliseduze; Kepha uma becabanga ezweni abathunjelwe kulo, bephenduka, bancenge kuwe ezweni lalabo ababebathumbile, bethi: Sonile, senza okubi, senzile ububi; babuyele kuwe ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo ezweni lezitha zabo ezabathumbayo, bakhuleke kuwe ngendlela yezwe labo owalinika oyise, umuzi owawukhethayo, nendlu engiyakhele igama lakho; Yizwa umkhuleko wabo nokunxusa kwabo ezulwini, endaweni yakho yokuhlala, ubamele indaba yabo, Ubathethelele abantu bakho abonile kuwe, nazo zonke iziphambeko zabo abeqe ngazo kuwe, ubenzele umusa phambi kwalabo ababathumbile njengeziboshwa, ukuze babe nesihe kubo. Ngokuba bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha eGibithe, esithandweni sensimbi; ukuze amehlo akho avuleke ekunxuseni kwenceku yakho nasekunxuseni kwabantu bakho u-Israyeli ukuba ubalalele kukho konke abakhala ngakho kuwe. Ngoba wena wabahlukanisa phakathi kwabantu bonke bomhlaba ukuze babe yilifa lakho, njengokukhuluma kwakho ngesandla sikaMozisi inceku yakho ekukhupheni kwakho obaba eGibhithe, Nkosi Jehova.