1 AmaKhosi 7:15-39

1 AmaKhosi 7:15-39 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Wakhanda izinsika ezimbili zethusi, iyileyo naleyo buyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili ukuphakama, nomucu oyizingalo eziyishumi nambili uzungeza ngayinye yazo. Wenza izihloko ezimbili zethusi elibunjiweyo ukuba zihlale ezihlokweni zezinsika; ukuphakama kwesinye isihloko kwakuyizingalo eziyisihlanu, nokuphakama kwesinye isihloko kwakuyizingalo eziyisihlanu. Namanetha omsebenzi ophothiweyo nezimbali zemihlobiso ezenziwe ngamaketanga ezinduneni ezaziphezu kwezinsika; eziyisikhombisa ngesahluko esisodwa, nesikhombisa kwesinye isahluko. Wenza izinsika nezinhlu ezimbili nxazonke kwelinye ithango, ukumboza izihloko ezingaphezulu ngamahenge; wenze njalo nangesinye isihloko. Izigqoko ezaziphezu kwezinsika emphemeni zaziwumsebenzi womnduze, izingalo ezine. Izinduna phezu kwezinsika zombili zazinamapomegranati phezulu malungana nesisu esasiphezu kwentambo; nezinetha zazingamakhulu amabili ngezinhla nxazonke kwesinye isihloko. Wazimisa izinsika emphemeni wethempeli, wamisa insika yokunene, wayiqamba ngokuthi uJakini; wamisa insika yesokhohlo, wayibiza ngokuthi uBhowazi. Phezu kwezinsika kwakukhona umsebenzi womnduze; kanjalo umsebenzi wezinsika waqedwa. Wenza ulwandle olubunjiweyo, izingalo eziyishumi ukusuka kolunye umkhawulo kuze kufike kolunye umkhawulo; laliyizungezile, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyisihlanu; umucu oyizingalo ezingamashumi amathathu wawudwengula inhlangothi zonke. Phansi konqenqema lwalo kwakukhona amafindo nxazonke, eziyishumi ingalo, ezungeza ulwandle nxazonke; ama-buds abunjwa abe yimigqa emibili uma ephonswe. Lwalumi phezu kwezinkabi eziyishumi nambili, ezintathu zibheke enyakatho, ezintathu zibheke entshonalanga, ezintathu zibheke eningizimu, ezintathu zibheke ngasempumalanga; ulwandle lwalubekwe phezu kwabo, nezindluzele zabo zonke zingaphakathi. Ugqinsi lwalo lwalungangobubanzi besandla, nomphetho walo wawenziwe njengodini lwendebe, lineluba leminduze; yayinelulwane eliyizinkulungwane ezimbili. Wenza nezinyawo eziyishumi zethusi; ubude balo lunye babuyizingalo ezine, nezingalo ezine ububanzi, nezingalo ezintathu ukuphakama. Umsebenzi wesisekelo wawunje: zazinemiphetho, imigqa yayiphakathi kwemikhawulo. Ezintini ezaziphakathi kwemikhawulo kwakukhona izingonyama, nezinkabi, namakherubi, naphezu konqenqema kwakukhona isisekelo; Isisekelo ngasinye sasinamasondo amane ethusi nezingcwecwe zethusi, emagumbini aso omane ayenophahla; ngaphansi kukasinki kwakukhona ophahleni olubunjiwe ezinhlangothini zokwengezwa ngakunye. Umlomo wayo phakathi kwesihloko nangaphezulu wawuyingalo, kepha umlomo wayo wawuyindilinga, njengomsebenzi wephini, uyingalo nengxenye; nasemlonyeni wawo kwakukhona okuqoshiwe emaceleni awo, inhlangothi zozine, engesiyindilinga. Phansi kwezintambo kwakukhona amasondo amane; izisekelo zamasondo zaziboshelwe esinqeni, ukuphakama kwesondo kwakuyingalo nengalo nengxenye. Umsebenzi wamasondo wawunjengokwenziwa kwesondo lenqola; imithi yawo yomlotha, nemikhumbi yawo, nezisekelo zawo, nezipoki zawo, kwakuncibilika konke. Kwakukhona izisekelo ezine emagumbini omane esisekelweni sinye, futhi izisekelo zazivela esisekelweni ngokwaso. Phezu kwesisekelo kwakuyisiyingi esiyindilinga ukuphakama kwengxenye yengalo, futhi phezu kwesinqe kwakukhona imiphetho yaso nemiphetho yaso. Ngoba ezingcwepheni zemiphetho yalo naseceleni kwalo waqopha amakherubi, nezingonyama, namasundu ngokwesilinganiso salolo naso, nenengezo nxazonke. Wazenza-ke izisekelo eziyishumi; Wasesenza imiganu yokugezela yethusi elitshumi; umganu owodwa wawulemiganu engamatshumi amane, lenditshi ngayinye yayizingalo ezine, lesiceceni esisodwa sezisekelo ezilitshumi. Wabeka izisekelo eziyisihlanu ohlangothini lokunene lwendlu neziyisihlanu ohlangothini lwesobunxele lwendlu; walubeka ulwandle ohlangothini lokunene lwendlu, ngasempumalanga, malungana naseningizimu.

1 AmaKhosi 7:15-39 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Wakhanda izinsika zethusi ezimbili, yileyo naleyo ingamakhubhithi ali-18 ubude, zithandelwe ngomucu ongamakhubhithi ali-12. Wenza izihlalo ezimbili ngethusi elibunjiweyo, wazibeka phezu kwezinsika; ubude besihlalo ngasinye babungamakhubhithi ayisihlanu, zilingana ncimishi. Ezihlokweni ezaziphezu kwezinsika kwakukhona imihlobiso yamanetha ayimigqa, enezinsephe ezaziphicelwe kuwo njengamaketanga; kuyisikhombisa kuleso naleso sihloko. Wenza amahananadi aba yimigqa emibili nxazonke, kuyilelo nalelo netha ukwemboza izihloko ezaziphezu kwezinsika. Wenza ngokufanayo nakweyesibili insika. Izihloko ezaziphezu kwezinsika ezisemphemenigumbi zazenziwe zafana nezeminduze, kungamakhubhithi amane. Phezu kwezihloko zezinsika zombili ezaziseduze neqhubu elaliseceleni kwenetha, kwakukhona amahananadi angama-200 eyimigqa macala wonke, phezu kwaleso naleso sihloko. Wazimisa izinsika zomphemegumbi wethempeli, insika yangakwesokunene wayiqamba ngokuthi uJakini. Insika yangakwesokhohlo ayimisayo wayibiza ngokuthi uBhowazi. Ezihlokweni zezinsika kwakukhona okwenziwe kwafaniswa neminduze; waphela kanjalo umsebenzi wokwenziwa kwezinsika. Wenza ulwandle olubunjiweyo; lwalungamakhubhithi alishumi kusukela komunye umphetho kuze kufike komunye, luyindilinga. Ukuphakama kwalo kwakungamakhubhithi ayisihlanu, luzungezwe nxazonke yintambo yokulinganisa engamakhubhithi angama-30. Phansi komphetho, nxazonke, lwaluzungezwe ngamapulangwe, yileyo naleyo ntambo ingamakhubhithi alishumi, zizungeze ulwandle. Kwakunemigqa emibili yamapulangwe eyayibunjwe ngesikhathi lubunjwa. Lwalumi phezu kwezinkabi ezili-12, ezintathu zibheke ngasenyakatho, ezinye ezintathu zibheke ngasentshonalanga, ezinye izintathu zibheke ngaseningizimu, ezinye ezintathu zibheke ngasempumalanga; ulwandle lwalumiswe phezu kwazo, zonke zifulathelene. Uhlonze lwalo lwalubanzi ngangesandla, umphetho walo unjengodini lwendebe, lunjengembali yomduze, lulingana namabhathi ayizi-2 000. Wakha izinqe zethusi ezilishumi: ubude besinqe ngasinye bungamakhubhithi amane, ububanzi baso bungamakhubhithi amane, ukuphakama kungamakhubhithi amathathu. Lena yiyona ndlela izinqe ezazakhiwe ngayo: zazinemiphetho, nemiphetho eyayiphakathi kwezinsika. Emiphethweni eyayibekwe ezinsikeni kwakukhona phakathi kwezinsika izingonyama, izinkabi namakherubhi; kwakunjalo ezinsikeni, phezulu naphansi, kunezingonyama, izinkabi, nemigexo yezimbali elengayo. Yileso naleso sinqe sasinamasondo amane ethusi, nemiphini yamasondo yethusi; nezinyawo ezine ezazinezindawo zokusekela umthwalo; lezi zindawo zokusekela zaziphansi komcengezi onemigexo yezimbali, ebhekene nawo wonke. Umlomo waso uphakathi kwesihloko, ukuphakama kwawo kuyikhubhithi elilodwa. Umlomo wawo wawuyindilinga, ufana nesinqe, uyikhubhithi nengxenye. Emlonyeni kwakukhona okubaziweyo. Imiphetho yawo iyizinhlangothi ezine, zingeyiyo indilinga. Lawo masondo amane ayephansi kwemiphetho; imiphini yamasondo yayisesinqeni; ukuphakama kwesondo kwakuyikhubhithi nengxenye. Amasondo ayenziwe njengesondo lenqola yempi; imiphini yamasondo, amabhande awo, izipokwe zawo, namanamfu awo, kwakubunjiwe konke. Kwakukhona izindawo zokuwuthwala emagumbini omane aleso naleso sinqe, izingalo zokuwuthwala zihlangene nesinqe. Phezu kwesinqe kwakukhona okuyisiyingelezi, nxazonke; ukuphakama kwakho kwakuyingxenye yengalo, okokuwusekela nemiphetho yakho kuhlangene nakho. Kulezo zindawo ezingezokuwuthwala nasemiphethweni kwakuqoshwe amakherubhi, izingonyama, namasundu lapho kwakunendawo khona, kukhona nemigexo yezimbali nxazonke. Wazenza kanjalo zonke izinqe ezilishumi; zonke zabunjwa ngendlela efanayo, zinesilinganiso esifanayo, nesimo esifanayo. Wenza imicengezi yethusi elishumi; umcengezi ngamunye wawulingene namabhathi angama-40; yilowo nalowo mcengezi wawungamakhubhithi amane, naphezu kwezinqe ezilishumi ngazinye, kwakukhona umcengezi owodwa. Wazibeka izinqe eziyisihlanu eceleni ngakwesokunene sendlu, neziyisihlanu eceleni ngakwesokhohlo sendlu; wabeka ulwandle eceleni ngakwesokunene sendlu ngasempumalanga yangaseningizimu.

1 AmaKhosi 7:15-39 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Wakhanda izinsika ezimbili zethusi, yileyo naleyo iyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili ubude bayo, nomucu oyizingalo eziyishumi nambili wazungeza enye insika. Wenza izihloko ezimbili ngethusi elibunjiweyo ukuba zibekwe phezu kwezinsika; ubude besinye isihloko babuyizingalo eziyisihlanu, nobude besinye isihloko babuyizingalo eziyisihlanu. Kwakukhona ezihlokweni ezaziphezu kwezinsika imihlobiso yamanetha amahele, nezinsephe ezenziwe njengamaketanga, kuyisikhombisa kwesinye isihloko, nesikhombisa kwesinye. Wenza amapomegranati;* kwakuyizinhla ezimbili nxazonke kwelinye inetha ukwembesa izihloko ezaziphezu kwezinsika; wenze njalo nakwesinye isihloko. Izihloko ezaziphezu kwezinsika zasemphemeni zafaniswa neminduze; zaziyizingalo ezine. Kwakukhona izihloko naphezu kwezinsika zombili eduze nesisu esasiseceleni kwenetha; amapomegranati* ayengamakhulu amabili, eyizinhla nxazonke phezu kwesinye isihloko. Wazimisa izinsika ngasemphemeni wethempeli; wayimisa insika yokunene, waqamba igama layo ngokuthi uJakini, wayimisa nensika yasokhohlo, waqamba igama layo ngokuthi uBowazi. Ezihlokweni zezinsika kwakukhona okufanisiwe neminduze; kwaphela kanjalo umsebenzi wezinsika. Wenza nolwandle olubunjiweyo; lwaluyizingalo eziyishumi kusukela kolunye udini kuze kufike kolunye, lwaluyisiyingelezi; ukuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyisihlanu; umucu oyizingalo ezingamashumi amathathu waluzungeza nxazonke. Phansi kodini lwalo nxazonke kwakukhona izintangazane ezaluzungezayo izingalo eziyishumi, zizungeza ulwandle nxazonke; izintangazane zazisezinhleni ezimbili, zibunjiwe ekubunjweni kwalo. Lwalumi phezu kwezinkabi eziyishumi nambili, ezintathu zibheke ngasenyakatho, ezintathu zibheke ngasentshonalanga, ezintathu zibheke ngaseningizimu, ezintathu zibheke ngasempumalanga; ulwandle lwalumiswe phezu kwazo, zonke zifulathelene. Uhlonze lwalo lwalungangobubanzi besandla; udini lwalo lwalwenziwe njengodini lwendebe lunjengembali yomnduze; lwalulingene namabhati* ayizinkulungwane ezimbili. Wenza izinqe eziyishumi zethusi; ubude besinqe sisinye babuyizingalo ezine, nobubanzi baso babuyizingalo ezine, nokuphakama kwaso kwakuyizingalo ezintathu. Lezo zinqe zazenziwe kanje: zazinezindini; izindini zaziphakathi kwezinsiko; kuzo izindini ezaziphakathi kwezinsiko kwakukhona izingonyama, nezinkabi, namakherubi;* kwakunjalo nakuzo izinsiko phezulu; phansi kwezingonyama nezinkabi kwakukhona imigexo elengayo yezimbali. Yileso naleso sinqe sasinamasondo amane ethusi, nama-asi ethusi; lezi zinyawo ezine zazinamahlombe okuthwala; lawo mahlombe ayebunjiwe phansi komcengezi, enemigexo yezimbali ebhekene nawo onke. Umlomo waso wawuphakathi kwesihloko; ukuphakama kwawo kwakuyingalo; umlomo wawo wawuyisiyingelezi njengokwenziwa kwesinqe, uyingalo nenxenye; nasemlonyeni kwakukhona okubaziweyo; izindini zawo zaziyizinhlangothi ezine, zingesiso isiyingelezi. Lawo masondo amane ayephansi kwezindini; imbambelela yama-asi amasondo yayisesinqeni; ukuphakama kwesondo kwakuyingalo nenxenye. Amasondo ayenziwe njengesondo lenqola; izimbambelela zawo zama-asi, namabhande* awo, nezipokwe* zawo, namanamfu* awo kwakubunjiwe konke. Kwakukhona amahlombe okuthwala emagumbini omane aleso naleso sinqe, izingalo zihlangene nesinqe. Phezu kwesinqe kwakukhona okuyisiyingelezi nxazonke; ukuphakama kwakho kwakuyinxenye yengalo, nezimbambelela zakho nezindini zakho zazihlangene nakho. Ezibhebheni zezimbambelela zakho nasezindinini zakho waqopha amakherubi,* nezingonyama, namasundu njengendawo yakho konke ngakunye, kanye nemigexo yezimbali nxazonke. Wenza kanjalo izinqe eziyishumi; zonke zazikubunjwa kunye, nesilinganiso sinye, nesimo sinye. Wenza imicengezi eyishumi ngethusi; umcengezi munye wawulingene namabhati* angamashumi amane; yilowo nalowo mcengezi wawuyizingalo ezine, naphezu kwezinqe eziyishumi ngazinye kwakukhona umcengezi munye. Wazibeka izinqe eziyisihlanu ngaseceleni lokunene lendlu neziyisihlanu ngaseceleni lasokhohlo lendlu; walubeka ulwandle ngaseceleni lokunene lendlu ngasempumalanga yangaseningizimu.