1 AmaKhosi 6:14-22
1 AmaKhosi 6:14-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USolomoni wayakha-ke indlu, wayiqeda. Wakha izindonga zendlu ngamapulangwe emisedari ngaphakathi; kusukela phansi endlini kuze kufike emishayweni yophahla, wemboza ngamapulangwe ngaphakathi, wendlala phansi endlini amapulangwe emisayiphuresi. Wakha futhi amakhubhithi angama-20 ngamapulangwe emisedari ngaseceleni lendlu langasemuva, kusukela phansi kuze kufike emishayweni, wazakhela phakathi okwaba yigumbi, okuyindawo engcwelengcwele. Indlu yangaphambili yethempeli yayiyingamakhubhithi angama-40. Kwakungumsedari ngaphakathi endlini, kubaziwe kwaba ngumfanekiso wezintangazane nezimbali eziqhakazileyo; konke kwakungumsedari, akubonakalanga tshe khona. Walungisa igumbi eliphakathi endlini ukuba kubekwe khona umphongolo wesivumelwano sikaSimakade. Phambi kwegumbi kwakungamakhubhithi angama-20 ubude, namakhubhithi angama-20 ngobubanzi, namakhubhithi angama-20 ngokuphakama; wakunameka ngegolide elicwengekileyo, walembesa i-althare ngemisedari. USolomoni wayinameka indlu phakathi ngegolide elicwengekileyo, walivalela igumbi ngamaketanga egolide; walinameka nalo ngegolide. Wanameka-ke, yonke indlu ngegolide, yaze yaphelela indlu yonke; ne-althare lonke elalisegumbini walinameka ngegolide.
1 AmaKhosi 6:14-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wakha-ke uSolomoni indlu, wayiqeda. Wakha izindonga zendlu ngaphakathi ngamapulangwe emisedari;* kusukela phansi endlini kuze kufike emishayweni yophahla wembesa ngamapulangwe ngaphakathi, wendlala phansi endlini ngamapulangwe emisayipuresi.* Wakha futhi izingalo ezingamashumi amabili ngaseceleni lendlu lasemuva ngamapulangwe emisedari* kusukela phansi kuze kufike emishayweni, wazakhela phakathi okwaba yigumbi, okuyindawo engcwelengcwele. Indlu yangaphambili yethempeli yayiyizingalo ezingamashumi amane. Kwakungumsedari* ngaphakathi endlini, kubaziwe ngezintangazane nangezimbali eziqhakazileyo; konke kwakungumsedari, akubonakalanga tshe khona. Walungisa igumbi phakathi endlini ukuba kubekwe khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova. Phambi kwegumbi kwakuyizingalo ezingamashumi amabili ubude, nezingalo ezingamashumi amabili ngobubanzi, nezingalo ezingamashumi amabili ngokuphakama; wakunameka ngegolide elicwengekileyo, walembesa i-altare imisedari.* USolomoni wayinameka indlu phakathi ngegolide elicwengekileyo, walivalela igumbi ngamaketanga egolide; walinameka nalo ngegolide. Wanameka-ke yonke indlu ngegolide, yaze yaphelela indlu yonke; ne-altare lonke elalisegumbini walinameka ngegolide.
1 AmaKhosi 6:14-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
USolomoni wayeseyakha indlu, wayiqeda. Wazakha izindonga zendlu ngaphakathi ngamapulangwe emisedari, nephansi lendlu, nezindonga zophahla; wayimboza ngokhuni ngaphakathi, wayibekela phansi endlini ngamapulangwe omsayipuresi. Wakha izingalo ezingamashumi amabili ezinhlangothini zendlu ngamapulangwe emisedari kusukela phansi kuze kufike odongeni; futhi walakhela yona ngaphakathi, yendlu engaphakathi, yebo, iNgcwelengcwele. Indlu, eyithempeli phambi kwayo, yayizingalo ezingamashumi amane ubude. Umsedari wendlu ngaphakathi wawubandisiwe imiqumbe nezimbali eziqhakazile; yonke kwakuyimisedari; akubonanga itshe. Walungisa ikamelo lokuhlangana endlini ngaphakathi ukuba abeke khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova. Ingaphakathi elingaphambili laliyizingalo ezingamashumi amabili ubude nezingalo ezingamashumi amabili ububanzi nezingalo ezingamashumi amabili ukuphakama; wayinameka ngegolide elicwengekileyo; lasibekela i-altare ngokhuni lomsedari. Ngakho uSolomoni wayimboza indlu ngaphakathi ngegolide elicwengekileyo; wayinameka ngegolide. Wayihuqa yonke indlu ngegolide, waze wayiqeda yonke indlu; walinameka i-altare lonke elisendlini engaphakathi ngegolide.