1 AmaKhosi 5:1-18

1 AmaKhosi 5:1-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UHiramu, inkosi yaseThire, wathuma izinceku zakhe kuSolomoni, ngokuba wayesezwile ukuthi ugcotshiwe ukuba abe yinkosi esikhundleni sikayise. UHiramu wayengumngani kaDavide zonke izinsuku zakhe. USolomoni wathumela kuHiramu, wathi: “Wena uyazi ukuthi uDavide, ubaba, akakwazanga ukwakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wakhe indlu, ngenxa yezimpi ezazimzungezile; uSimakade waze wabeka izitha phansi kwamathe ezinyawo zakhe. Kepha manje uSimakade uNkulunkulu wami unginike ukuphumula nhlangothi zonke; akekho omelana nami, akukho ngozi. Ngicabanga ukwakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami indlu, njengalokhu uSimakade asho kuDavide ubaba, wathi: ‘Indodana yakho, engiyakuyibeka esihlalweni sakho sobukhosi esikhundleni sakho, yiyona eyakwakhela igama lami indlu.’ “Ngakho-ke ake uyaleze ukuba bangigawulele imisedari eLebhanoni, izinceku zami zibe nezakho. Ngiyakukunika inkokhelo yezinceku zakho ngendlela oyobiza ngayo, ngokuba wena uyazi ukuthi akukho muntu kithi ongagawula imithi njengamaSidoni.” Kwathi uHiramu esewezwile amazwi kaSolomoni, wathokoza kakhulu, wathi: “Makadunyiswe uSimakade namuhla, ophe uDavide indodana ehlakaniphileyo ukubusa phezu kwalaba bantu abakhulu.” UHiramu wayesethumela kuSolomoni, wathi: “Ngizwile lokho okuthumele kimi; mina ngiyakwenza konke okufunayo ngemisedari nangemisayiphuresi. Izinceku zami ziyakuyehlisa eLebhanoni, ziyiyise olwandle, mina ngiyenze ibe yizihlenga ezihamba olwandle, ziye endaweni oyakungiyalela yona, zihlakazwe lapho. Wena uyakuzithwala lapho, ufeze engikufunayo ngokuba uphe abendlu yami ukudla.” UHiramu wayesenika uSolomoni imisedari nemisayiphuresi njengalokho ayekufunile. USolomoni wamnika uHiramu amakhora ayizi-20 000 kakolo, ukudla kwabendlu yakhe, namakhora angama-20 amafutha akhanyiweyo. USolomoni wamnika kanjalo uHiramu iminyaka ngeminyaka. USimakade wamnika ukuhlakanipha uSolomoni njengokuba ayeshilo kuye. Kwakukhona ukuthula phakathi kukaHiramu noSolomoni; benza isivumelwano bobabili. Inkosi uSolomoni yafuna izisebenzi kubo bonke abakwa-Israyeli; izisebenzi zaba yizi-30 000. Yathumela izisebenzi eziyizi-10 000 ngenyanga, eLebhanoni, zidedelana; zaziba seLebhanoni inyanga, zibe sekhaya izinyanga ezimbili. U-Adoniramu nguye owayephethe izisebenzi. USolomoni wayenabathwala imithwalo abayizi-70 000, nababazi bamatshe ezintabeni abayizi-80 000, ngaphandle kwezinduna ezinkulu zikaSolomoni ezaziphethe umsebenzi, eziyizi-3 300 ezazengamele abantu ababesebenza. Inkosi yayalela ukuba baqophe amatshe amakhulu, amatshe anenani elikhulu, ukuba babeke isisekelo sendlu ngamatshe abaziweyo. Abakhi bakaSolomoni nabakhi bakaHiramu nabaseGebhali bawabaza, balungisa imithi namatshe ukuba kwakhiwe indlu.

1 AmaKhosi 5:1-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UHiramu inkosi yaseTire wathuma izinceku zakhe kuSolomoni, ngokuba wayezwile ukuthi ugcotshiwe abe yinkosi esikhundleni sikayise, ngokuba uHiramu wayengumngane kaDavide njalo. USolomoni wathumela kuHiramu, wathi: “Wena uyazi ukuthi uDavide ubaba wayengenakwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wakhe indlu ngenxa yezimpi ezazimzungeza nxazonke, uJehova waze wazibeka phansi kwamathe ezinyawo zakhe. Kepha manje uJehova uNkulunkulu wami unginike ukuphumula nxazonke; kakho omelana nami, akukho ngozi. Bheka, sengicabanga ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu, njengalokho uJehova akhuluma kuDavide ubaba, ethi: ‘Indodana yakho, engiyakuyibeka esihlalweni sakho sobukhosi esikhundleni sakho, yona iyakwakhela igama lami indlu.’ “Ngalokho yaleza ukuba bangigawulele imisedari* eLebanoni, izinceku zami zibe nezakho; ngiyakukunika inkokhelo yezinceku zakho njengakho konke ongakusho, ngokuba wena uyazi ukuthi akukho muntu kithi ongagawula imithi njengamaSidoni.” Kwathi uHiramu ezwile amazwi kaSolomoni wathokoza kakhulu, wathi: “Makabusiswe uJehova namuhla omnikile uDavide indodana ehlakaniphileyo phezu kwalabo bantu abakhulu.” UHiramu wayesethumela kuSolomoni, wathi: “Ngizwile lokho okuthume kimi; mina ngiyakwenza konke okufunayo ngemisedari* nangemisayipuresi.* Izinceku zami ziyakuyehlisa eLebanoni, ziyiyise elwandle, mina ngiyenze ibe yizihlenga ezihamba elwandle, ziye endaweni oyakungiyalela yona, zihlakazwe khona; wena wozithatha khona, ufeze engikufunayo ngokubapha abendlu yami ukudla.” UHiramu wayesenika uSolomoni imisedari* nemisayipuresi* njengakho konke ukufuna kwakhe. USolomoni wamnika uHiramu amakhora* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili kakolweni, ukudla kwabendlu yakhe, namakhora angamashumi amabili amafutha akhanyiweyo; uSolomoni wamnika kanjalo uHiramu iminyaka ngeminyaka. UJehova wamnika uSolomoni ukuhlakanipha njengokusho kwakhe kuye; kwakukhona ukuthula phakathi kukaHiramu noSolomoni; benza isivumelwano bobabili. Inkosi uSolomoni yabiza izisebenzi kubo bonke abakwa-Israyeli; izisebenzi zaba ngabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu. Wabathuma eLebanoni, beyizinkulungwane eziyishumi ngenyanga, bededelana; babe seLebanoni inyanga, babe sekhaya izinyanga ezimbili; u-Adoniramu wayephezu kwezisebenzi. USolomoni wayenabathwalayo imithwalo abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa, nababazi bamatshe ezintabeni abayizinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalombili, ngaphandle kwezinduna ezinkulu zikaSolomoni ezaziphethe umsebenzi, izinkulungwane ezintathu namakhulu amathathu, ezazibusa abantu ababewenza umsebenzi. Inkosi yayala, baqopha amatshe amakhulu, amatshe anenani elikhulu, ukuba babeke isisekelo sendlu ngamatshe abaziweyo. Abakhi bakaSolomoni nabakhi bakaHiramu nabaseGebali bawabaza, balungisa imithi namatshe ukwakha indlu.

1 AmaKhosi 5:1-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UHiramu inkosi yaseTire wathuma izinceku zakhe kuSolomoni; ngoba wezwa ukuthi bamgcobile abe yinkosi endlini kayise, ngoba uHiramu wayethanda uDavida njalo. USolomoni wathumela kuHiramu wathi: Niyazi nina ukuthi ubaba uDavide wayengenakulakhela igama likaJehova uNkulunkulu wakhe indlu ngenxa yezimpi ezazimzungezile, uJehova waze wayibeka phansi kwamathe ezinyawo zakhe. Kodwa manje uJehova uNkulunkulu wami unginikile ukuphumula nxazonke, kangangokuthi akukho sitha noma okubi. Bheka, ngiqonde ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu, njengalokho uJehova wakhuluma kuDavide ubaba ngokuthi: ‘Indodana yakho engiyayibeka esihlalweni sakho sobukhosi esikhundleni sakho iyokwakhela indlu yami igama. Yaleza manje ukuba bangigawulele imisedari eLebanoni; izinceku zami ziyakuba nezinceku zakho, futhi wena ngiyakukunika inkokhelo yezinceku zakho njengakho konke oyakumisayo; ngoba uyazi ukuthi kakho phakathi kwethu ongagawula imithi njengamaSidoni. UHiramu esezwile amazwi kaSolomoni wathokoza kakhulu, wathi: “Makabongwe uJehova namuhla omnike uDavide indodana ehlakaniphileyo phezu kwalesi sizwe esikhulu. UHiramu wayesethuma uSolomoni ukuthi: “Ngikubonile lokho ongithume kukho; ngizokwenza konke okufunayo ngemisedari nangokhuni lomsayipuresi.” Izinceku zami ziyakwehlisela eLebanoni ziyise olwandle; ngiyowawelisa ulwandle entanta, ngiwayise endaweni oyongibonisa yona, ngiwenze ageleze aphume lapho, wena uwamukele; futhi uzongiqedela. Isifiso, ngokupha abendlu yami ukudla. UHiramu wayesenika uSolomoni imisedari nemisayipuresi njengakho konke ukufisa kwakhe. USolomoni wamnika uHiramu amakhora ayizinkulungwane ezingamashumi amabili kakolweni abe ngukudla kwendlu yakhe namakhora angamashumi amabili amafutha acwengekileyo; kanjalo uSolomoni wanika uHiramu iminyaka ngeminyaka. UJehova wamnika uSolomoni ukuhlakanipha njengokumthembisa kwakhe, kwaba khona ukuthula phakathi kukaHiramu noSolomoni; benza isivumelwano bobabili. Inkosi uSolomoni yasibutha izisebenzi kuIsrayeli wonke; intela yayiyizinkulungwane ezingamashumi amathathu. Wabathuma eLebanoni, izinkulungwane eziyishumi ngenyanga ngezigaba; inyanga babe seLebanoni, izinyanga ezimbili behlala ekhaya; u-Adoniramu wayephethe izisebenzi. USolomoni wayenabagundi abayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nabagundi bezinwele eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalombili ezintabeni; ngaphandle kwezinduna zabaphathi bakaSolomoni ababephethe umsebenzi, izinkulungwane ezintathu namakhulu amathathu, ezazibusa phezu kwabantu abenza umsebenzi. Inkosi yayala ukuba balethe amatshe amakhulu, amatshe abizayo namatshe abaziweyo ukuze kubekwe isisekelo sendlu. Abakhi bakaSolomoni nabakhi bakaHiramu bawugawula nabakhihli bamatshe; balungisa izinkuni namatshe ukwakha indlu.