1 AmaKhosi 19:19-21
1 AmaKhosi 19:19-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayesesuka lapho, wamfumana u-Elisha indodana kaShafati; wayelima ngezinkabi ezingamabhangqa ayishumi nambili phambi kwakhe, yena esebhangqeni leshumi nambili; u-Eliya wadlulela kuye, waphonsa ingubo yakhe kuye. Wayeseshiya izinkabi, wagijima wamlandela u-Eliya, wathi: “Ake ngange ubaba nomame, bese ngikulandela.” Wathi kuye: “Hamba, ubuyele emuva, ngokuba ngenzeni kuwe na?” Wabuya ekumlandeleni, wathatha izinkabi zombili, wazihlaba, wapheka inyama yazo ngempahla yezinkabi, wabapha abantu, badla. Wayesesuka, wamlandela u-Eliya, wamkhonza.
1 AmaKhosi 19:19-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wasuka lapho, wafumana u-Elisha, indodana kaShafathi, elima ngezinkabi ezingamabhangqa ali-12, eziqhuba, yena esebhangqeni le-12. U-Eliya wedlulela kuye, wayesemphonsela ingubo yakhe. U-Elisha wazishiya izinkabi, wagijima elandela u-Eliya, wathi: “Ake ngange ubaba nomame, bese ngikulandela.” Wathi kuye: “Hamba, ubuyele emuva, ngokuba ngenzeni kuwe na?” U-Elisha wabuyela emuva, wathatha izinkabi ezimbili, wazihlaba, wapheka inyama yazo ngamajoka ezinkabi. Wanika abantu, badla. Wayesesuka walandela u-Eliya, waba yisikhonzi sakhe.
1 AmaKhosi 19:19-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wasuka lapho, wafumana u-Elisa, indodana kaShafati, elima ngezinkabi eziyishumi nambili phambi kwakhe, yena ekweshumi nambili; u-Eliya wadlula kuye, waphonsa ingubo yakhe phezu kwakhe. Wazishiya izinkabi, wagijima emva kuka-Eliya, wathi: “Ake ngange ubaba nomame, bese ngiyakulandela.” Wathi kuye: “Buyela emuva, ngokuba ngenzeni kuwe na?” Wabuya ekumlandeleni, wathatha izinkabi, wazihlaba, wapheka ukudla kwazo ngezitsha zezinkabi, wanika abantu, badla. Wasuka-ke, wamlandela u-Eliya, wamkhonza.