1 AmaKhosi 17:7-24
1 AmaKhosi 17:7-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ngokuhamba kwezinsuku, umfudlana washa, ngokuba kwakungekho mvula ezweni. Izwi likaSimakade lafika kuye, lathi: “Suka uye eZarefathi eseSidoni, uhlale khona. Sengiyale owesifazane ongumfelokazi lapho ukuba akondle.” Wasuka waya eZarefathi; wafika esangweni lomuzi, bheka, nango owesifazane ongumfelokazi etheza izinkuni zokubasa. Wambiza wathi kuye: “Ake ungilethele amanzana esitsheni, ngiphuze.” Esasuka nje eyowalanda, wambiza futhi, wathi: “Ake ungiphathele nocezu lwesinkwa.” Kepha wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, anginalo iqebelengwane, okukhona nje inkeshezana yempuphu esembizeni, nengcosana yamafutha ophisweni. Uyabona-ke, sengizitholele izinkuni ezimbili ukuze ngihambe ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sidle, sife.” Wayesethi u-Eliya kuye: “Ungesabi; hamba wenze njengokusho kwakho, kodwa yenzela mina kuqala iqebelengwane elincane, ulilethe kimi, andukuba uzilungiselele wena nendodana yakho. Ngokuba usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Imbiza yempuphu ayiyukuphela, nophiso lwamafutha aluyukuswela, kuze kufike lolo lusuku uSimakade ayokunisa ngalo imvula emhlabeni.’ ” Wayesehamba, wenza njengokusho kuka-Eliya: kwadla yena, u-Eliya, nabendlu yakhe izinsuku eziningi. Imbiza yempuphu ayiphelanga, nophiso lwamafutha aluswelanga njengokusho kwezwi likaSimakade ayelikhulume ngomlomo ka-Eliya. Kwathi emveni kwalokho, indodana yalowo mfelokazi, umninindlu, yagula. Ukugula kwayo kwaba nzima kangangokuthi yayingasakwazi ukuphefumula. Wayesethi ku-Eliya: “Kodwa ngikone ngani wena muntu kaNkulunkulu? Uze lapha ukuba uzongikhumbuza isono sami nokuba kufe indodana yami na?” Kepha u-Eliya wathi kuye: “Nginike indodana yakho.” Wayithatha esifubeni sakhe, wakhuphukela nayo ekamelweni eliphezulu, lapho ayehlala khona, wayibeka embhedeni wakhe. Wayesekhala kuSimakade, ethi: “Simakade Nkulunkulu wami, kungani wehlisele lo mfelokazi engigogobele kwakhe okubi okungaka uze ubulale indodana yakhe na?” Wazelula phezu komntwana kathathu, wakhala kuSimakade, wathi: “Simakade Nkulunkulu wami, umphefumulo walo mntwana mawubuyele kuye.” USimakade walizwa izwi lika-Eliya; umphefumulo womntwana wabuyela kuye, waphila. U-Eliya wayesemthatha umntwana, wamehlisa ekamelweni eliphezulu, wamngenisa endlini, wamnika unina; wathi: “Bheka, indodana yakho isiyaphila.” Owesifazane wathi ku-Eliya: “Manje sengiyazi ukuthi wena ungumuntu kaNkulunkulu nokuthi izwi likaSimakade elisemlonyeni wakho, liyiqiniso.”
1 AmaKhosi 17:7-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ekupheleni kwezinsuku umfudlana washa, ngokuba yayingekho imvula ezweni. Kwase kufika izwi likaJehova kuye, lathi: “Suka uye eSarefati elingeleSidoni, uhlale khona; bheka, ngiyalile lapho umfelokazi ukuba akondle.” Wayesesuka waya eSarefati; esefikile esangweni lomuzi, bheka, umfelokazi wayecakasha khona; wambiza wathi: “Ake ungilethele ingcosana yamanzi esitsheni, ngiphuze.” Esasuka ukuwalanda, wambiza wathi: “Ake ungilethele nocezu lwesinkwa esandleni sakho.” Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu wakho, anginalo neqebelengwane, kukhona kuphela ukhweshe lwempuphu embizeni nengcosana yamafutha ophisweni; bheka, sengicakashile izinkuni ezimbili, ukuze ngingene ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sikudle, sife.” Wayesethi u-Eliya kuye: “Ungesabi; hamba wenze njengokusho kwakho, kepha ngenzele mina kuqala iqebelengwane elincane ngakho, ulilethe kimi, andukuba uzilungiselele wena nendodana yakho. Ngokuba usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Imbiza yempuphu ayikuphela, nophiso lwamafutha aluyikuswela kuze kufike lolo suku uJehova anisa ngalo imvula emhlabeni.’ ” Wayesehamba, wenza njengokusho kuka-Eliya: kwadla yena, no-Eliya, nendlu yakhe izinsuku eziningi. Imbiza yempuphu ayiphelanga, nophiso lwamafutha aluswelanga njengezwi likaJehova alikhulumile ngesandla sika-Eliya. Kwathi emva kwalokho indodana yalowo mfelokazi, umnikazindlu, yagula; ukugula kwayo kwaba namandla kangaka ngangokuba yayingasenakho ukuphefumula. Wayesethi ku-Eliya: “Nginamsebenzi muni nawe muntu kaNkulunkulu na? Uze kimi ukuba kukhumbuleke isono sami nokuba kubulawe indodana yami.” Kepha wathi kuye: “Nginike indodana yakho.” Wayithatha esifubeni sakhe, wayikhuphulela ekamelweni eliphezulu lapho ehlala khona, wayibeka embhedeni wakhe. Wayesekhala kuJehova, wathi: “Jehova Nkulunkulu wami, usuwehlisele nalo mfelokazi engigogobele kwakhe okubi okungaka uze ubulale indodana yakhe na?” Wazelula phezu komntwana kathathu, wakhala kuJehova, wathi: “Jehova Nkulunkulu wami, umphefumulo walo mntwana mawubuyele kuye.” UJehova walizwa izwi lika-Eliya; umphefumulo womntwana wabuyela kuye, waphila. U-Eliya wayesethatha umntwana, wamehlisa ekamelweni eliphezulu, wamngenisa endlini, wamnika unina; wathi u-Eliya: “Bheka, indodana yakho isiyaphila.” Owesifazane wathi ku-Eliya: “Manje sengiyazi ukuthi wena ungumuntu kaNkulunkulu nokuthi izwi likaJehova elisemlonyeni wakho liyiqiniso.”
1 AmaKhosi 17:7-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi emva kwesikhashana umfula woma, ngokuba kwakungekho mvula ezweni. Izwi likaJehova lafika kuye, lathi: Suka uye eSarefati yaseSidoni, uhlale khona; bheka, ngiyalile umfelokazi lapho ukuba akondle. Wasesukuma waya eSarfat. Lapho efika esangweni lomuzi, umfelokazi wayetheza izinkuni; wambiza, wathi: “Ngilethele amanzi ngesitsha, ngiphuze.” Kwathi esazolithatha, wambiza, wathi: “Letha ucezu lwesinkwa esandleni sakho.” Wathi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu wakho, anginalo iqebelengwane, kuphela isandla esigcwele isandla sempuphu emphongolweni namafutha amancane embizeni; bheka, ngitheza izinkuni ezimbili ukuba ngingene, ngizilungisele mina nendodana yami, ukuze sizidle, sife. UElija wasesithi kuye: Ungesabi; hamba wenze njengokusho kwakho; kodwa qala ungenzele iqebelengwana lakho ulilethe kimi bese ulenzela wena lendodana yakho. Ngokuba usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Impuphu esezitsheni ayiyikuphela, nesigxobo samafutha asiyikuphela, kuze kufike usuku uJehova anisa ngalo imvula emhlabeni. Wahamba wenza njengezwi lika-Eliya; wadla yena, naye, nendlu yakhe, izinsuku eziningi. Impuphu eyayisemgqonyeni ayizange iphele, namafutha ayesezitsheni akazange aphele, njengezwi likaJehova alikhuluma ngenceku ka-Eliya. Ngemva kwalezi zinto indodana yowesifazane, unkosikazi wendlu, yagula; futhi ukugula kwakhe kwaba kubi kakhulu kangangokuthi wayengasekho umoya kuye. Wathi ku-Eliya: “Nginamsebenzi muni nawe muntu kaNkulunkulu na? uyeza kimi ukuze ukhumbule isono sami futhi ubulale indodana yami? Wathi kuye: “Nginike indodana yakho.” Wayisusa esifubeni sakhe, wayiyisa ehhokweni lapho wayehlala khona, wayilalisa embhedeni wakhe. Wasebiza uJehova, wathi: “Jehova Nkulunkulu wami, umenzele okubi nomfelokazi engigogobele kuye ngokubulala indodana yakhe na? Wazelula phezu komntwana kathathu, wabiza uJehova, wathi: “Jehova Nkulunkulu wami, vumela umphefumulo walo mntwana ubuyele kuye.” UJehova wezwa izwi lika-Eliya; umphefumulo womntwana wabuyela kuye, waphila. U-Eliya wayesemthatha umfana, wamehlisa ekamelweni, wamngenisa endlini, wamnikela kunina; uElija wasesithi: Khangela, indodana yakho iyaphila. Owesifazana wasesithi kuElija: Khathesi ngiyazi ngalokhu ukuthi ungumuntu kaNkulunkulu lokuthi ilizwi le Nkosi elisemlonyeni wakho liqinisile.