1 AmaKhosi 12:1-33

1 AmaKhosi 12:1-33 IsiZulu 2020 (ZUL20)

URehobhowamu waya eShekhemi, lapho wonke u-Israyeli ayebuthene khona ukuba ambeke inkosi. Kwathi lapho uJerobhowamu, indodana kaNebhathi, ekuzwa lokho, kwazise wayeseseGibhithe lapho ayebalekele khona, ebalekela inkosi uSolomoni, wayohlala eGibhithe. Bathumela bayombiza uJerobhowamu nebandla lonke lakwa-Israyeli, beza bakhuluma noRehobhowamu, bathi: “Uyihlo wenza ijoka lethu laba nzima, manje siyakucela ukuba wena uwenze lula umsebenzi olukhuni uyihlo ayesethwese wona, nejoka lakhe elinzima ayelibeke phezu kwethu, siyokukhonza uma wenze kanjalo.” Wathi kubo: “Hambani, kuthi emva kwezinsuku ezintathu nibuye nize kimi.” Basuka-ke abantu. Inkosi uRehobhowamu yacela iseluleko ezingwevini ezazikade zeluleka uSolomoni, uyise, esaphila, yathi: “Nina ningeluleka ukuba ngibuyisele impendulo ethini kulaba bantu na?” Zakhuluma kuye, zathi: “Uma namuhla uzokuba yinceku yalaba bantu, ubakhonze, ukhulume amazwi amahle lapho ubaphendula, bayokuba yizinceku zakho, zonke izinsuku zabo.” Kepha akasishayanga mkhuba iseluleko sezingwevu ezazimeluleke ngaso, wayesecela iseluleko ezinsizweni ezaziyintanga yakhe. Wathi kuzo: “Nina ningeluleka ukuba ngibaphendule ngithini laba bantu abakhulume kimi, bathi: ‘Yenza lula ijoka uyihlo alibeka phezu kwethu’ na?” Izinsizwa ezaziyintanga yakhe zathi kuye: “Uyothi kulaba bantu abakhulume kuwe, bathi: ‘Uyihlo walenza laba nzima ijoka lethu, kepha wena lenze libe lula kithina,’ uyokhuluma kanje kubo: ‘Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa. Ubaba wanethwesa ijoka elinzima, mina-ke ngizothasisela ejokeni lenu. Ubaba wanishaya ngeziswebhu, kodwa mina ngizonishaya ngofezela.’ ” UJerobhowami nabo bonke abantu, bafika kuRehobhowamu ngosuku lwesithathu njengalokhu yayishilo inkosi, yathi: “Buyani kimi ngosuku lwesithathu.” Inkosi yabaphendula kanzima abantu, yasishaya indiva iseluleko amalunga ayeyeluleke ngaso. Yakhuluma kubo njengokwelulekwa yizinsizwa, yathi: “Ubaba wayenethwese ijoka elinzima, mina-ke ngizothasisela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngizonishaya ngofezela.” Inkosi ayibalalelanga abantu ngokuba lokho kwakuvela kuSimakade, ukuze kufezeke izwi uSimakade alikhuluma ngomlomo ka-Ahiya waseShilo kuJerobhowamu, indodana kaNebhathi. Wonke u-Israyeli lapho ebona ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu bayiphendula inkosi, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Asinafa endodaneni kaJese. Israyeli, buyela emathendeni akho, zibhekele indlu yakho manje, Davide.” U-Israyeli wabuyela emathendeni akhe. Kepha uRehobhowamu wabusa phezu kwabo bonke abantu bakwa-Israyeli ababakhe emizini yakwaJuda. Inkosi uRehobhowamu yathuma u-Adoramu owayengamele izisebenzi ezaziphoqiwe. Kepha u-Israyeli wonke wamkhanda ngamatshe, wafa. Inkosi uRehobhowamu yashesha yagibela enqoleni yayo yabalekela eJerusalema. U-Israyeli wayihlubuka indlu kaDavide kuze kube yinamuhla. Kwathi lapho u-Israyeli wonke esezwile ukuthi uJerobhowamu ubuyile, bathumela bambizela enhlanganweni, base bembeka inkosi phezu kuka-Israyeli wonke. Kwakungekho muntu omunye owalandela indlu kaDavide, ngaphandle kwesizwana sakwaJuda kuphela. URehobhowamu, esefikile eJerusalema, waqoqa yonke indlu yakwaJuda nesizwe sakwaBhenjamini, abantu abakhethiweyo abayizi-180 000 zamabutho, ukuze balwe nendlu yakwa-Israyeli, umbuso bawubuyisele kuye uRehobhowamu, indodana kaSolomoni. Kwase kufika izwi likaNkulunkulu kuShemaya, umuntu kaNkulunkulu, lathi: “Yisho kuRehobhowamu, indodana kaSolomoni, inkosi yakwaJuda, nayo yonke indlu yakwaJuda neyakwaBhenjamini nabantu bonke, uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: ningakhuphuki ukuyolwa nabafowenu abantu bakwa-Israyeli; phindelani emuva, kube yilowo nalowo endlini yakhe, ngokuba lokhu kuvela kimi.’ ” Balilalela izwi likaSimakade, baphindela emuva njengokusho kwakhe. UJerobhowamu wakha iShekhemu ezintabeni kwa-Efrayimi, wahlala kulo; wedlula lapho wayokwakha nePhenuweli. UJerobhowamu wathi enhliziyweni yakhe: “Manje umbuso ungahle ubuyele endlini kaDavide. Uma laba bantu beqhubeka benyuka beyonikela imihlatshelo endlini kaSimakade eJerusalema, inhliziyo yalaba bantu ingahle iphindele enkosini yabo, uRehobhowamu, inkosi yakwaJuda, bangibulale mina, babuyele kuRehobhowamu, inkosi yakwaJuda.” Inkosi yathola iseluleko, yenza amathole amabili egolide, yathi kwabakwa-Israyeli: “Sekwanele manje ukuba nilokhu nikhuphukela eJerusalema; manje nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula eGibhithe.” Walibeka elinye eBhethele, elinye walibeka kwaDani. Leyo nto yaba yisono. Abantu baya phambi kwelikwaDani. Wakha izindlu ezindaweni eziphakemeyo, wabeka abaphristi ngangokomumo wabantu noma babengesiwo amadodana kaLevi. UJerobhowamu wamisa umkhosi ngenyanga yesishiyagalombili, ngosuku lwe-15, wagubha umkhosi njengalokhu kwakwenza abakwaJuda, wanikela e-althare, wenza nakanjalo eBhethele ukuba ahlabele amathole ayewenzile. Wabeka eBhethele abaphristi ezindaweni eziphakemeyo ayezenzile. Wanikela e-althare ayelenzile eBhethele, ngosuku lwe-15, ngenyanga yesishiyagalombili, okuyinyanga ayeyinqume yena; wenzela abantu bakwa-Israyeli umkhosi, wenyukela e-althare, washisa impepho.

1 AmaKhosi 12:1-33 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Futhi lapho uJerobowamu eya eShekemi, ngokuba wonke u-Israyeli wafika eShekemi ukumbeka inkosi. Kwathi uJerobowamu indodana kaNebati eseseGibithe ekuzwile, ngokuba wabaleka ebusweni benkosi uSolomoni; uJerobowamu wahlala eGibithe. Basebethuma bambiza. UJerobowamu nayo yonke inhlangano yakwa-Israyeli beza bakhuluma kuRehobowamu, bathi: Uyihlo wenza ijoka lethu laba nzima; manje yenza kube lula inkonzo enzima kayihlo nejoka lakhe elisindayo alibeka phezu kwethu, futhi sizokukhonza. Wathi kubo: “Hambani izinsuku ezintathu, nibuye nize kimi.” Bahamba-ke abantu. Inkosi uRehobowamu yacebisana namadoda amadala ayemi phambi kukaSolomoni uyise esekhona, yathi: “Nina macebiso ani ukuba ngiphendule laba bantu na? Basebekhuluma kuye bathi: Uba lamuhla uzakuba yinceku yalababantu, ubakhonze, ubaphendule, ukhulume amazwi amahle kubo, bazakuba yizinceku zakho kuze kube nininini. Kodwa watshiya iseluleko sabadala ababemnike sona, wacebisana lamajaha ayeyintanga yakhe ema phambi kwakhe. Wathi kubo: “Nina iseluleko bani ukuba sibaphendule laba bantu ababekhuluma kimi, bethi: ‘Yenza libe lula ijoka uyihlo alibeka phezu kwethu na? Izinsizwa ezikhule naye zakhuluma kuye, zathi: “Uyakusho kanje kulaba bantu abakhulume kuwe, bathi: ‘Uyihlo walenza ijoka lethu laba nzima, kepha silenze libe lula kithi; ngakho-ke uzothi kubo: Ucikicane wami uyakuba mkhulu kunokhalo lukababa. Manje lapho ubaba enithwese ijoka elinzima, mina ngizonezela ejokeni lenu; UJerobowamu nabo bonke abantu beza kuRehobowamu ngosuku lwesithathu, njengokusho kwenkosi, yathi: “Buyelani kimi ngosuku lwesithathu.” Inkosi yabaphendula kalukhuni abantu, yasishiya iseluleko sabadala ababemnike sona; Njengeseluleko sezinsizwa wakhuluma kubo, wathi: “Ubaba walenza laba nzima ijoka lenu, mina-ke ngiyakwenezela ejokeni lenu; nobaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngiyakunishaya ngawofezela. Ngakho inkosi ayizange ibalalele abantu; ngoba kwakuyisizathu sikaJehova ukuba agcwalise izwi lakhe uJehova alikhuluma ngenkonzo ka-Ahiya waseShilo kuJerobowamu indodana kaNebati. Kwathi wonke uIsrayeli ebona ukuthi inkosi kayibalalelanga, abantu baphendula inkosi, bathi: Silesabelo sini kuDavida? futhi asinafa endodaneni kaJese; Ematendeni akho, Israyeli, bheka manje endlini yakho, Davide! u-Israyeli waya ematendeni abo. Kepha abantwana bakwa-Israyeli ababehlala emizini yakwaJuda uRehobowamu wabusa phezu kwabo. Inkosi uRehobowamu yayisithuma u-Adoramu owayephethe ukutheliswa; wonke u-Israyeli wamkhanda ngamatshe, wafa. Ngakho inkosi uRehobowamu yashesha ukumvumela ukuba agibele enqoleni yakhe ukuba abalekele eJerusalema. U-Israyeli wayihlubuka indlu kaDavide kuze kube namuhla. Kwathi wonke u-Israyeli esezwile ukuthi uJerobowamu ubuyile, bathumela bambizela ebandleni, bambeka inkosi phezu kuka-Israyeli wonke; akubangakho owalandela indlu kaDavide, kuphela isizwe sakwaJuda sodwa. URehobowamu esefikile eJerusalema, wabutha yonke indlu yakwaJuda nesizwe sakwaBenjamini, amadoda akhethiweyo ayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili, amadoda empi, ukuba alwe nendlu yakwa-Israyeli, abuyiswe ubukhosi, abuyiswe. KuRehobowamu indodana kaSolomoni. Kodwa izwi likaNkulunkulu lafika kuShemaya, umuntu kaNkulunkulu, lathi: Khuluma kuRehobowamu indodana kaSolomoni, inkosi yakwaJuda, nakuyo yonke indlu yakwaJuda noBenjamini, nakuyo insali yabantu, uthi: Usho kanje uJehova, uthi: Aniyikukhuphuka nilwe nabafowenu, abantwana bakwa-Israyeli; buyelani, kube yilowo nalowo endlini yakhe; ngoba lokhu kungokwami. Balilalela izwi likaJehova, babuyela emuva ukuba bahambe njengezwi likaJehova. UJerobowamu wakha iShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi, wahlala kulo; waphuma lapho, wakha iPnuweli. UJerobowamu wathi enhliziyweni yakhe: “Manje umbuso uzakubuyela endlini kaDavide.” Uma laba bantu bekhuphuka ukuyohlabela endlini kaJehova eJerusalema, inhliziyo yalaba bantu iyakubuyela enkosini yabo, kuRehobowamu, inkosi yakwaJuda, bangibulale, bephindelela kuRehobowamu inkosi yaseGibhithe. Juda, hamba. Juda. Inkosi yasicebisana, yenza amathole amabili egolide, yathi kubo: “Kungaphezu kwamandla enu ukukhuphukela eJerusalema; bheka, Israyeli, onkulunkulu bakho abakukhipha ezweni laseGibithe. Wabeka elinye eBethele, nelinye kwaDani. Le nto yaba yisono, ngokuba abantu bahamba ukukhuleka phambi kwayo kwaDani. Wenza nendlu ephakemeyo, wamisa abapristi besizwe esiphansi, ababengesibo abantwana bakwaLevi. UJerobowamu wenza umkhosi ngenyanga yesishiyagalombili ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga njengomkhosi wakwaJuda, wanikela ngomhlatshelo e-altare. Wenza njalo eBethele ngokuhlabela amathole awenzileyo; wamisa eBethele abapristi bezindawo eziphakemeyo abezenzile. Wanikela ngomhlatshelo e-altare alenzayo eBethele ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesishiyagalombili, ngenyanga abeyicabangile kweyakhe inhliziyo; walungisela abantwana bakwa-Israyeli idili, walibeka e-altare, wanyusa impepho.

1 AmaKhosi 12:1-33 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

URehobowamu waya eShekemi, ngokuba wonke u-Israyeli wayefikile eShekemi ukumbeka inkosi. Kwathi lapho uJerobowamu indodana kaNebati ekuzwile – ngokuba wayeseGibithe, lapho ayebalekele khona, ebalekele ubuso benkosi uSolomoni; wahlala-ke uJerobowamu eGibithe, kepha bathuma bambiza – uJerobowamu nebandla lonke lakwa-Israyeli beza, bakhuluma kuRehobowamu, bathi: “Uyihlo wenza ijoka lethu laba lukhuni; ngalokho yenza wena ube lula umsebenzi olukhuni kayihlo nejoka lakhe elisindayo owalibeka phezu kwethu, siyakukukhonza.” Wathi kubo: “Hambani izinsuku zibe zintathu, bese nibuyela kimi.” Basuka-ke abantu. Inkosi uRehobowamu yelulekana namalunga ayemile phambi kukaSolomoni uyise, esekhona, yathi: “Nina ningeluleka ukubuyisela mpenduloni kulaba bantu na?” Akhuluma kuye, athi: “Uma uyakuba yinceku yalaba bantu namhla nje, ubakhonze, ubaphendule, ukhulume amazwi amahle kubo, bayakuba yizinceku zakho izinsuku zonke.” Kepha walahla isiluleko samalunga ameluleke ngaso, welulekana nezinsizwa eziyintanga yakhe, ezazimi phambi kwakhe. Wathi kuzo: “Nina ningeluleka ukuba sibuyisele mpenduloni kulaba bantu abakhulume kimi ngokuthi: ‘Yenza ijoka uyihlo alibeka phezu kwethu libe lula,’ na?” Zase zikhuluma kuye izinsizwa eziyintanga yakhe, zithi: “Uyakusho kanje kulaba bantu abakhulume kuwe ngokuthi: ‘Uyihlo walenza ijoka lethu lasinda, kepha wena ulenze libe lula kithina,’ uyakukhuluma kanje kubo, uthi: ‘Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa. Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo, mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngiyakunishaya ngawofezela.’ ” UJerobowamu nabantu bonke base befika kuRehobowamu ngosuku lwesithathu njengokusho kwenkosi, ithi: “Buyelani kimi ngosuku lwesithathu.” Inkosi yaphendula abantu kalukhuni, yalahla isiluleko samalunga ameluleke ngaso, yakhuluma kubo njengesiluleko sezinsizwa ngokuthi: “Ubaba walenza ijoka lenu lasinda, mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngiyakunishaya ngawofezela.” Inkosi ayilalelanga abantu, ngokuba kwakuyisiyiba esivela kuJehova, ukuze amise izwi lakhe uJehova alikhulumayo ngesandla sika-Ahiya waseShilo kuJerobowamu indodana kaNebati. Wonke u-Israyeli esebonile ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu babuyisela izwi enkosini, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Ifa asinalo endodaneni kaJese. Yana ematendeni akho, Israyeli, zibhekele indlu yakho manje, Davide.” Wayesesuka u-Israyeli, waya ematendeni akhe. Kepha abantwana bakwa-Israyeli abakhe emizini yakwaJuda, uRehobowamu wabusa phezu kwabo. Inkosi uRehobowamu yathuma u-Adoramu owayephezu kwezisebenzi; u-Israyeli wonke wamkhanda ngamatshe, wafa. Inkosi uRehobowamu yashesha ukukhwela inqola yayo ukuba ibalekele eJerusalema. U-Israyeli wayeseyihlubuka-ke indlu kaDavide kuze kube namuhla. Kwathi wonke u-Israyeli esezwile ukuthi uJerobowamu ubuyile, bathuma bambizela emhlanganweni, bambeka inkosi phezu kuka-Israyeli wonke; akubangakho muntu olandela indlu kaDavide, isizwe sakwaJuda kuphela. URehobowamu esefikile eJerusalema wabutha yonke indlu yakwaJuda nesizwe sakwaBenjamini, abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili, amabutho, ukuba balwe nendlu yakwa-Israyeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu indodana kaSolomoni. Lase lifika izwi likaNkulunkulu kuShemaya umuntu kaNkulunkulu, lathi: “Khuluma kuRehobowamu indodana kaSolomoni inkosi yakwaJuda, nakuyo yonke indlu yakwaJuda neyakwaBenjamini, nakubantu abaseleyo, ngokuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Aniyikukhuphuka, ningalwi nabafowenu abantwana bakwa-Israyeli; buyelani, kube yilowo nalowo endlini yakhe, ngokuba le nto ivela kimi.’ ” Balalela izwi likaJehova, babuya, bahamba njengokusho kukaJehova. UJerobowamu waqinisa iShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi, wahlala khona; waphuma lapho, waqinisa iPhenuweli. UJerobowamu wathi enhliziyweni yakhe: “Manje umbuso uyakubuyela endlini kaDavide. Uma laba bantu benyuka ukunikela ngemihlatshelo endlini kaJehova eJerusalema, inhliziyo yalaba bantu iyakuphindela enkosini yabo, kuRehobowamu inkosi yakwaJuda, bangibulale mina, babuyele kuRehobowamu inkosi yakwaJuda.” Inkosi isithathe isiluleko, yenza amathole amabili egolide, yathi kubo: “Sekwanele ukuba nikhuphukele eJerusalema; bheka onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.” Wabeka elinye eBethele, elinye walibeka kwaDani. Leyo nto yaba yisono, ngokuba abantu baya phambi kwelinye nakwaDani. Wakha nezindlu zezindawo eziphakemeyo, wenza abapristi ngeningi labantu abangesiwo amadodana kaLevi. UJerobowamu wagubha umkhosi ngenyanga yesishiyagalombili ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga njengomkhosi wakwaJuda, wenyukela e-altare; wenze njalo eBethele ukuba ahlabele amathole awenzileyo; wabeka eBethele abapristi bezindawo eziphakemeyo azenzileyo. Wayesenikela e-altare alenzileyo ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesishiyagalombili, inyanga abeyinqumile ngokwakhe nje; wenzela abantwana bakwa-Israyeli umkhosi, wenyukela e-altare ukushisa impepho.