1 AmaKhosi 10:1-29

1 AmaKhosi 10:1-29 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi ukuba indlovukazi yaseShebha izwe imibiko ngodumo lukaSolomoni ngenxa yegama likaSimakade, yafika ukuzomvivinya ngemibuzo elukhuni. Yafika eJerusalema iphelekezelwa yihele elikhulu, namakameli ethwele amakha, igolide eliningi, namatshe aligugu. Yathi ukuba ifike kuSolomoni yakhuluma naye konke okwakusenhliziyweni yayo. USolomoni wayazisa konke eyayikubuza. Kwakungekho lutho olufihlakele enkosini engayitshelanga khona. Indlovukazi yaseShebha yabubona bonke ubuhlakani bukaSolomoni, nesigodlo ayesakhile, ukudla okwakusetafuleni lakhe, indlela izinceku zakhe ezazihlala ngayo, ukuma kwezikhonzi zakhe, izembatho zazo, abaphathizitsha bakhe, umnikelo wakhe wokushiswa ayewunikela endlini kaSimakade, yabamba ongezansi. Yathi enkosini: “Impela akuliqiniso konke engakuzwa ngawe ngisesezweni lakithi, ngamazwi akho nangokuhlakanipha kwakho. Kepha angizange ngikholwe, yikho ngize ngafika lapha, ngazibonela ngamehlo ami; empeleni engakuzwayo akusiyo ngisho ingxenye, kodwa wena wenezele ngokuhlakanipha nangobuhle kulokho engakuzwayo. Babusisiwe abantu bakho, zibusisiwe lezi zinceku zakho ezima njalo phambi kwakho, zizwa ukuhlakanipha kwakho. Makabongwe uSimakade uNkulunkulu wakho okwenamele wakubeka esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade wamthanda u-Israyeli kuze kube phakade, ngalokho wakubeka ukuba ube yinkosi ukuze wenze ukwehlulela nokulunga.” Yanika inkosi amatalenta ayi-120 egolide, amakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akuzange kuphinde kufike amakha amaningi kangaka njengalawo indlovukazi yaseShebha eyawapha inkosi uSolomoni. Kanjalo nemikhumbi kaHiramu eyayithwala igolide livela e-Ofiri, yaletha futhi imi-alimugi namatshe ayigugu kuvela e-Ofiri. Inkosi yenza ngemithi ye-alimugi izinsika zendlu kaSimakade nezesigodlo senkosi, amahabhu nemitshingo yabahlabelelayo. Akukaze kuphinde kulethwe imi-alimugi eminingi kangaka, futhi ayikaze ibonwe kuze kube yinamuhla. Inkosi uSolomoni yanika indlovukazi yaseShebha konke eyayikufuna neyakucelayo, ngaphandle kwalokho uSolomoni ayeyinike khona ngokuphana kwenkosi. Yayisihamba, yabuyela ezweni lakubo, yona nezinceku zayo. Isisindo segolide elalilethwa kuSolomoni minyaka yonke sasingamathalenta egolide angama-666, ngaphandle kwalokho okwakuvela kubahwebi, enzuzweni yabathengisi, emakhosini ase-Arabhiya nakubabusi bezwe. Inkosi uSolomoni yenza izihlangu zegolide elicangcathiweyo ezingama-200, kwaba ngamashekeli egolide elicangcathiweyo angama-600 esihlangwini ngasinye, amahawu egolide elicangcathiweyo angama-300, amamina amathathu egolide ehawini ngalinye; inkosi yawabeka eNdlini Yehlathi eLebhanoni. Inkosi yenza nesihlalo sobukhosi esikhulu ngezimpondo zendlovu, yasinameka ngegolide elicolisekileyo. Isihlalo sobukhosi sasinezikhwelo eziyisithupha, isihloko saso siyisiyingelezi ngasemuva; kwakukhona imikhono ngapha nangapha kwendawo yokuhlala, kumi izingonyama ezimbili ngaseceleni kwemikhono. Kwakumi izingonyama ezili-12 ngapha nangapha kwezikhwelo eziyisithupha. Okunjengalokho akuzange kwenziwe kunoma yimuphi omunye umbuso. Zonke izitsha zokuphuza zenkosi uSolomoni zazingezegolide, zonke izitsha zendlu yeHlathi leLebhanoni nazo zazingezegolide, zingekho ezenziwe ngesiliva, ngoba lona lalingabalulekile ngesikhathi sikaSolomoni. Imikhumbi yenkosi eyayiseTharishishi yayisolwandle nemikhumbi kaHiramu, ngakho-ke kwakuthi kanye eminyakeni emithathu, ifike imikhumbi yaseTharishishi ilethe igolide, isiliva, izimpondo zendlovu, izimfene, nezimpigogo. Inkosi uSolomoni yaba nkulu kunawo wonke amakhosi omhlaba, ngengcebo nangokuhlakanipha. Wonke umhlaba wawufuna ukumbona uSolomoni ukuze uzwe ngokuhlakanipha kwakhe, uNkulunkulu akubeke enhliziyweni yakhe. Baletha, kwaba yilowo nalowo, isipho sakhe: izitsha zesiliva, izitsha zegolide, izingubo, izikhali, amakha, amahhashi, neminyuzi, lokhu bekwenza minyaka yonke. USolomoni waqoqa izinqola nabamahhashi; wayenezinqola eziyi-1 400 nabamahhashi abayizi-12 000, wakubeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema. Inkosi yenza ukuba isiliva lejwayeleke eJerusalema njengamatshe nemisedari, eyayenza yaba njengemithombe esigodini ngobuningi. Amahhashi uSolomoni ayenawo ayevela eGibhithe naseKuwe; abahwebi benkosi babewathenge ngemali eKuwe. Bathenga inqola eGibhithe, bayikhuphula ngamashekeli esiliva angama-600, nehhashi ngamashekeli ayi-150; bakuthengisa kanjalo nabo kuwo wonke amakhosi amaHithi namakhosi ase-Aramu.

1 AmaKhosi 10:1-29 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Indlovukazi yaseSheba isizwile umbiko kaSolomoni ngeGama likaJehova, yeza ukumvivinya ngemibuzo enzima. Yafika eJerusalema inesixuku esikhulu kakhulu, namakamela athwele izinongo, negolide eliningi namatshe ayigugu; lapho ifika kuSolomoni, yakhuluma kuye ngakho konke okwakusenhliziyweni yayo. USolomoni wayiphendula yonke imibuzo yayo; kwakungekho lutho olufihlekile enkosini engayitshelanga yona. Lapho indlovukazi yaseSheba ibona konke ukuhlakanipha kukaSolomoni nendlu ayakhileyo, nokudla kwetafula lakhe, nokuhlala kwezinceku zakhe, nenkonzo yezinceku zakhe, nezingubo zazo, nabaphathizitsha bakhe, nezintaba zakhe akhuphukela ngakho endlini kaJehova; kwakungasekho umoya kuye. Wathi enkosini: “Yindaba eyiqiniso engayizwa ezweni lami ngezenzo zakho nokuhlakanipha kwakho.” Kodwa angizange ngikholwe amazwi ngaze ngafika, futhi amehlo ami akubona; bheka, angitshelwanga nenxenye; ukuhlakanipha kwakho nenhlanhla yakho kudlula udumo engiluzwile. Babusisiwe abantu bakho, zibusisiwe lezi zinceku zakho ezimi phambi kwakho njalo, zizwe ukuhlakanipha kwakho. Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho owathanda ukukubeka esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli, ngokuba uJehova wamthanda u-Israyeli kuze kube phakade, ngalokho wakubeka inkosi ukwenza ukwahlulela nokulunga. Yanika inkosi amathalenta egolide ayikhulu namashumi amabili namakha amatshe amakhulu kakhulu; akuphindanga kufike amakha amaningi njengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa yinkosikazi yaseSheba. Iviyo likaHiramu, elaletha igolide livela e-Ofiri, laletha kuvela e-Ofiri izihlahla zom-alimondi eziningi namatshe ayigugu. Ngezihlahla zom-alimondi inkosi yenza izinsika zendlu kaJehova nezendlu yenkosi, nezigubhu namahabhu abahlabeleli; Inkosi uSolomoni yanika indlovukazi yaseSheba konke ekufunayo ekucelayo, ngaphandle kwalokho uSolomoni ayinika khona ngokuphana kobukhosi. Khona-ke waphenduka waya ezweni lakubo, yena nezinceku zakhe. Isisindo segolide uSolomoni alizuza ngomnyaka owodwa sasingamatalenta angamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha. Ngaphezu kwalokho, wayenabathengi nabathengisi beziqholo neyawo wonke amakhosi ase-Arabiya nakubabusi bezwe. Inkosi uSolomoni yenza amashekeli angamakhulu amabili egolide elikhandiweyo; Wenza nezihlangu ezingamakhulu amathathu zegolide elikhandiweyo; amamane amathathu egolide ngesihlangu esisodwa, inkosi yasibeka endlini yehlathi laseLebanoni. Ngaphezu kwalokho, inkosi yenza isihlalo sobukhosi esikhulu sezinyo lendlovu yasinameka ngegolide elihle kakhulu. Isihlalo sobukhosi sasinezitebhisi eziyisithupha, isihloko sesihlalo sobukhosi sasiyisiyingelezi ngemuva, kukhona izisekelo ngapha nangapha endaweni yokuhlala, kumi izingonyama ezimbili ngasezisekelo. Kwakumi izingonyama eziyishumi nambili ngalapha nangalapha ezikhwelweni eziyisithupha; ayenziwanga into enjalo kunoma yimuphi umbuso. Zonke izitsha zokuphuza zenkosi uSolomoni zazingezegolide, nazo zonke izitsha zendlu yehlathi laseLebanoni zazingezegolide elicwengekileyo; kwakungekho okwesiliva; kakubalelwa lutho ngakho ezinsukwini zikaSolomoni. Ngokuba inkosi yayinemikhumbi yaseTharishishi olwandle kanye nemikhumbi kaHiramu; kanye ngeminyaka emithathu imikhumbi yaseTharishishi yafika iletha igolide, nesiliva, nezimpondo zendlovu, nezinkawu, namapigogo. Kanjalo inkosi uSolomoni yaba ngaphezu kwawo wonke amakhosi omhlaba ngengcebo nokuhlakanipha. Wonke umhlaba wamfuna uSolomoni ukuze uzwe ukuhlakanipha kwakhe uNkulunkulu ayekunikile enhliziyweni yakhe. Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe: izitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi, iminyaka ngeminyaka. USolomoni wabutha izinqola nabamahhashi, waba nezinqola eziyinkulungwane namakhulu amane nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili, wakunika imizi yezinqola nenkosi yaseJerusalema. Inkosi yenza isiliva eJerusalema libe njengamatshe, nemisedari yayenza yaba njengemikhiwane esesigodini ngobuningi. Amahhashi uSolomoni ayenawo aphuma eGibithe nezindwangu zelineni; abathengisi benkosi bamukela ilineni ngentengo. Inqola yakhuphuka yaphuma eGibithe ngamashekeli angamakhulu ayisithupha esiliva nehhashi ngekhulu namashumi ayisihlanu; bawakhiphela kuwo onke amakhosi amaHeti nasemakhosini ase-Aramu ngesandla sabo.

1 AmaKhosi 10:1-29 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni ngegama likaJehova yeza ukumvivinya ngezimfumbe. Yeza eJerusalema inehele elikhulu kakhulu, namakamela ethwele amakha, negolide eliningi kakhulu, namatshe ayigugu; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo. USolomoni wayiphendula ezindabeni zayo zonke. Kwakungekho nto eyayifihlelwe inkosi, engayitshelanga yona. Inkosikazi yaseSheba isibonile konke ukuhlakanipha kukaSolomoni, nendlu ayakhileyo, nokudla kwasetafuleni lakhe, nokuhlala kwezinceku zakhe, nokuma kwezikhonzi zakhe, nezambatho zazo, nabaphathizitsha bakhe, nomnikelo wakhe wokushiswa owanikela ngawo endlini kaJehova, akwabe kusabakho moya kuyo. Yathi enkosini: “Yayiqinisile indaba engayizwa ezweni lami ngamazwi akho nangokuhlakanipha kwakho. Kepha angikholwanga ngamazwi ngaze ngafika, kwabona amehlo ami; bheka, angitshelwanga nanxenye; udlula ngokuhlakanipha nenhlanhla udumo engaluzwa. Babusisiwe abantu bakho, zibusisiwe lezi zinceku zakho ezimi njalo phambi kwakho, zizwa ukuhlakanipha kwakho. Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho owenamele wena ukuba akubeke esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli; ngokuba uJehova wamthanda u-Israyeli kuze kube phakade, ngalokho wakubeka inkosi ukuba wenze ukwahlulela nokulunga.” Yanika inkosi amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide, namakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akuzange kusafika amakha amaningi kangaka njengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wona yinkosikazi yaseSheba. Nemikhumbi kaHiramu eyathwala igolide livela e-Ofiri yathutha futhi e-Ofiri imi-alimugi* namatshe ayigugu. Ngemi-alimugi* inkosi yenzela indlu kaJehova nendlu yenkosi izinsika kanye namahabhu* nezingubhu zabahlabeleli; imi-alimugi eminingi kangaka ayizange isafika, kayibonwanga futhi, kuze kube namuhla. Inkosi uSolomoni yanika inkosikazi yaseSheba konke ekufunayo nekucelayo ngaphandle kwalokho uSolomoni ayinika khona ngokuphana kwenkosi. Yayisibuya, yaya ezweni layo, yona nezinceku zayo. Isisindo segolide elalifika kuSolomoni iminyaka yonke sasingamatalenta* angamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha egolide ngaphandle kokuvela kubahwebi, nasenzuzweni yabathengisi, nasemakhosini ase-Arabiya, nakubabusi bezwe. Inkosi uSolomoni yenza izihlangu ezingamakhulu amabili zegolide elikhandiweyo, kwaba ngamashekeli* angamakhulu ayisithupha egolide elikhandiweyo kuso isihlangu sisinye, kanjalo namahawu angamakhulu amathathu egolide elikhandiweyo, amamane* amathathu egolide kulo ihawu lilinye; inkosi yawabeka endlini yehlathi laseLebanoni. Inkosi yenza nesihlalo sobukhosi esikhulu sezimpondo zendlovu, yasinameka ngegolide elicwengekileyo. Isihlalo sobukhosi sasinezikhwelo eziyisithupha, isihloko saso sasiyisiyingelezi emuva; kwakukhona imikhono ngalapha nangalapha kwendawo yokuhlala, kumi izingonyama ezimbili ngaseceleni kwemikhono. Kwakumi izingonyama eziyishumi nambili ngalapha nangalapha ezikhwelweni eziyisithupha. Okunjalo akwenziwanga komunye umbuso. Zonke izitsha zokuphuza zenkosi uSolomoni zaziyigolide, nazo zonke izitsha zendlu yehlathi laseLebanoni zaziyigolide elicwengekileyo, kungekho ezesiliva, lona lingento yalutho emihleni kaSolomoni. Ngokuba inkosi yayinemikhumbi yaseTharishishi elwandle kanye nemikhumbi kaHiramu; kanye ngeminyaka emithathu yafika imikhumbi yaseTharishishi iletha igolide, nesiliva, nezimpondo zendlovu, nezimfene, namapikoko.* Inkosi uSolomoni yaba nkulu kunawo onke amakhosi omhlaba ngengcebo nangokuhlakanipha. Wonke umhlaba wafuna ukubona ubuso bukaSolomoni ukuba uzwe ukuhlakanipha kwakhe, uNkulunkulu akubekile enhliziyweni yakhe. Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe, izitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi,* okwenziwa iminyaka ngeminyaka. USolomoni wabutha izinqola nabamahhashi; wayenezinqola eziyinkulungwane namakhulu amane nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili owakubeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema. Inkosi yenza isiliva livame eJerusalema njengamatshe, nemisedari* yayenza ibe njengemithombe esigodini ngobuningi. Amahhashi uSolomoni ayenawo ayekhishwe eGibithe naseKuwe; abathengi benkosi bawamukela eKuwe ngemali yawo. Inqola yenyuka yaphuma eGibithe ngamashekeli* angamakhulu ayisithupha esiliva nehhashi ngayikhulu namashumi ayisihlanu; bawakhiphela kanjalo onke amakhosi amaHeti namakhosi ase-Aramu ngezandla zabo.