1 kaJohane 5:14-17
1 kaJohane 5:14-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa. Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye. Uma umuntu ebona umzalwane wakhe ona ngesono esingesiso esokufa, makacele, uyakumnika ukuphila, ekunika labo abenza isono esingesiso esokufa. Sikhona isono sokufa; angisho ukuba kucelwe ngaleso. Konke ukungalungi kuyisono; kukhona isono esingesiso esokufa.
1 kaJohane 5:14-17 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Yilokhu ukuqiniseka esinakho kuye, ukuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa; Uma sazi ukuthi uyasizwa, noma yini esiyicelayo, siyazi ukuthi sinazo izicelo esizicelile kuye. Uma umuntu ebona umzalwane wakhe ona ngesono esingesiso esokufa, makacele, uyakumnika ukuphila, kulabo abenza isono esingesiso esokufa. Kukhona isono sokufa; angisho ukuthi uyakusithandazela. Konke ukungalungi kuyisono, futhi kukhona isono esingesiso esokufa.
1 kaJohane 5:14-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Yilesi isibindi esinaso kuye sokuthi uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa. Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye. Uma umuntu ebona umzalwane wakhe enza isono okungeyiso esibhubhisayo, lo ombonileyo makamcelele kuNkulunkulu ukuphila lokhu akunika labo abasuke benze isono okungesona esibhubhisayo. Konke ukungalungi kuyisono, kodwa kukhona isono esingesiso esokufa.
1 kaJohane 5:14-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)