1 kaJohane 3:11-18
1 kaJohane 3:11-18 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngoba yilo umlayezo enawuzwa kusukela ekuqaleni, ukuthi sithandane. kungabi njengoKayini owayengowomubi, wabulala umfowabo. Wambulalelani na? Ngoba imisebenzi yakhe yayimibi, kodwa eyomfowabo ilungile. Ningamangali, bazalwane bami, uma izwe linizonda. Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni sangena ekuphileni, ngokuba sithanda abazalwane. Lowo ongamthandiyo umzalwane wakhe uhlezi ekufeni. Lowo ozonda umzalwane wakhe ungumbulali, niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye. Ngalokho silwazile uthando, ngokuba yena wasibekela phansi ukuphila kwakhe; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane. Kepha onezinto zaleli zwe, bese ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele ububele bakhe kuye, uthando lukaNkulunkulu luhlala kanjani kuye na? Bantwanyana bami, masingathandi ngezwi noma ngolimi; kodwa ngesenzo langeqiniso.
1 kaJohane 3:11-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Yilo umyalo enawuzwayo kwasekuqaleni wokuthi sithandane, kungabi njengoKhayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kodwa eyomfowabo ilungile. Ningamangali bazalwane uma izwe linizonda. Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni, sangena ekuphileni, ngokuba siyabathanda abazalwane; ongabathandiyo uhlezi ekufeni. Umuntu ozonda umzalwane wakhe ungumbulali. Niyazi-ke ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade. Uthando silwazi ngalokhu ukuthi Yena wakudela ukuphila kwakhe ngenxa yethu. Kanjalo nathi sifanele ukudela ukuphila kwethu ngenxa yabazalwane. Kepha uma umuntu enengcebo yezwe, bese ebona umzalwane wakhe eswele, angamenzeli sihawu, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na? Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangokukhuluma nje, kodwa makubonakale ngezenzo nangeqiniso.
1 kaJohane 3:11-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Nanti izwi enalizwayo kwasekuqaleni lokuba sithandane, kungabi njengoKayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kepha eyomfowabo yayilungile. Ningamangali, bazalwane, uma izwe linizonda. Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni, sangena ekuphileni, ngokuba sithanda abazalwane; ongathandiyo uhlezi ekufeni. Lowo ozonda umzalwane wakhe ungumbulali; niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye. Uthando silwazi ngalokho ukuthi yena wabeka ukuphila kwakhe ngenxa yethu; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane. Kepha yena onemfuyo yezwe, ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na? Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.
1 kaJohane 3:11-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngoba yilo umlayezo enawuzwa kusukela ekuqaleni, ukuthi sithandane. Kungabi njengoKayini owayengowomubi, wabulala umfowabo. Wambulalelani na? Ngoba imisebenzi yakhe yayimibi, kodwa eyomfowabo ilungile. Ningamangali, bazalwane bami, uma izwe linizonda. Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni sangena ekuphileni, ngokuba sithanda abazalwane. Lowo ongamthandiyo umzalwane wakhe uhlezi ekufeni. Lowo ozonda umzalwane wakhe ungumbulali, niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye. Ngalokho silwazile uthando, ngokuba yena wasibekela phansi ukuphila kwakhe; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane. Kepha onezinto zaleli zwe, bese ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele ububele bakhe kuye, uthando lukaNkulunkulu luhlala kanjani kuye na? Bantwanyana bami, masingathandi ngezwi noma ngolimi; kodwa ngesenzo langeqiniso.