1 kaJohane 1:5-7
1 kaJohane 1:5-7 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Yilo-ke umbiko esalizwa kuye, esinishumayeza wona, ukuthi uNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye. Uma sithi sinenhlanganyelo naye, kepha sihamba ebumnyameni, sinamanga, asenzi iqiniso; Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena esekukhanyeni, sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu Kristu iNdodana yakhe liyasihlambulula kuso sonke isono.
1 kaJohane 1:5-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nanti izwi esalizwa kuye, sinishumayeza lona, ukuthi uNkulunkulu ungukukhanya, abukho nakanye ubumnyama kuye. Uma sithi sinobudlelwane naye, kodwa sibe sisahamba ebumnyameni, siqamba amanga, asikwenzi okuyiqiniso. Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu Yena esekukhanyeni; sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.
1 kaJohane 1:5-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Nanti izwi esalizwa kuye, sinishumayeza lona lokuthi uNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye. Uma sithi sinenhlanganyelo naye sibe sisahamba ebumnyameni, sinamanga, asenzi iqiniso; kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.
1 kaJohane 1:5-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)