1 kwabaseKorinte 6:1-20

1 kwabaseKorinte 6:1-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ukhona yini umuntu kini, uma enendaba nomunye, onesibindi sokumangala kwabangalungile, kungabi kwabangcwele, na? Anazi yini ukuthi abangcwele bayakwahlulela izwe na? Kepha uma izwe lahlulelwa yinina, anifanele ukunquma namacala amancane na? Anazi yini ukuthi siyakwahlulela izingelosi na? Kakhulu-ke okwalokhu kuphila. Ngakho-ke uma ninamacala alokhu kuphila, niyababeka yini abangenasithunzi ebandleni babe ngabahluleli na? Ngisho lokhu ukuba nibe namahloni. Kunjalo kanti: akukho namunye phakathi kwenu ohlakaniphileyo onganquma phakathi kwabazalwane bakhe na? Kodwa umzalwane umangalela umzalwane, nalokhu akwenze phambi kwabangakholwayo na? Nempela nakalokhu sekuyisici esikini ukuba nimangalelane. Yini ukuba ningavumi nakanye ukoniwa? Yini ukuba ningavumi nakanye ukuphangwa na? Kepha nina uqobo niyona, niyaphanga; nikwenza lokhu nakubazalwane benu. Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo, namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu. Babenjalo abanye kini, kepha senahlanzwa, senangcweliswa, senalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu. Konke kuvunyelwe kimi, kepha akusizi konke. Konke kuvunyelwe kimi, kepha mina anginakubuswa lutho. Ukudla kungokwesisu, nesisu singesokudla; kepha uNkulunkulu uyakuqeda kokubili. Kepha umzimba asiwo owobufebe, ungoweNkosi, neNkosi ingeyomzimba; kepha uNkulunkulu wayivusa iNkosi, nathi uyakusivusa ngamandla akhe. Anazi yini ukuthi imizimba yenu iyizitho zikaKristu na? Pho, ngithathe izitho zikaKristu, ngizenze izitho zesifebe na? Qha nakanye. Kepha anazi yini ukuthi ohlangana nesifebe ungumzimba munye naso na? Ngokuba uthi yena: “Labo ababili bayakuba nyamanye.” Kepha ohlangene neNkosi ungumoya munye nayo. Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kepha owenza ubufebe wona owakhe umzimba. Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na? Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.

1 kwabaseKorinte 6:1-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Ukhona yini kini othi enendaba nomunye olokothayo ukuya enkantolo kwabangalungile, kungabi kwabangcwele na? Anazi yini ukuthi abangcwele bayakwahlulela izwe na? futhi uma izwe lahlulelwa yinina, anifanele ukwahlulela amacala amancane na? Anazi yini ukuthi siyakwahlulela izingelosi na? kakhulu kangakanani izinto zalokhu kuphila? Ngakho-ke uma ninezahlulelo zalokhu kuphila, nibabeke abehluleli abancane ebandleni. Ngikhuluma kube namahloni. Kunjalo yini ukuthi kakho phakathi kwenu ohlakaniphileyo? Hhayi, akekho noyedwa ozokwazi ukwahlulela phakathi kwabafowabo na? Kepha umzalwane umangalela umzalwane, nalokhu phambi kwabangakholwayo. Ngakho-ke kukhona icala impela phakathi kwenu, ngokuba nimangalelana. Kunalokho kungani niphatha kabi na? Kunalokho kungani ningavumi ukuphanjwa na? Kodwa niyona, niyeqisa, nalokho nikwenza kubazalwane benu. Anazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa: nazifebe, nabakhonza izithombe, naziphingi, nabesilisa abalalanayo, nabesilisa abalalanayo, Namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu. Babenjalo abanye kini, kepha senagezwa, senangcweliswa, senalungisiswa egameni leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu. Zonke izinto zivunyelwe kimi, kepha akusizi konke; Ukudla ngokwesisu, nesisu ngesokudla, kepha uNkulunkulu uyakuqeda kokubili sona nakho. Kepha umzimba awusiwo owobufebe, kodwa ungoweNkosi; leNkosi ingeyomzimba. UNkulunkulu wayivusa iNkosi, nathi uyakusivusa ngamandla akhe. Anazi yini ukuthi imizimba yenu iyizitho zikaKristu na? ngiyakuthatha izitho zikaKristu, ngizenze izitho zesifebe na? UNkulunkulu akakuvumeli. Yini? Anazi yini ukuthi ohlangene nesifebe ungumzimba munye naso na? ngokuba ababili, uthi, bayakuba nyamanye. Kepha ohlanganiswe neNkosi ungumoya munye. Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kodwa owenza ubufebe wona owakhe umzimba. Yini? Anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na? Ngokuba nathengwa ngenani

1 kwabaseKorinte 6:1-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Uma omunye wenu enombango nomunye, angalokotha yini ammangalele kwabangakholwayo, kunokuba udaba alwethule kubazalwane na? Anazi yini ukuthi abangcwele bayakuwehlulela umhlaba na? Kepha uma umhlaba wahlulelwa yinina, pho ningehlulwa yini ukukhipha izigwebo zamacala amancane na? Anazi yini ukuthi siyakwehlulela ngisho nezingilosi na? Kangakanani-ke amacala alokhu kuphila na? Ngakho-ke uma ninamacala alokhu kuphila, niyababeka yini abangenasithunzi ebandleni ukuba babe ngabehluleli na? Lokhu ngikusho ukuze nibe namahloni. Kanti kunjalo: ngabe akukho namunye yini phakathi kwenu ohlakaniphileyo onganquma udaba phakathi kwabazalwane bakhe na? Kanti umzalwane uyammangalela yini omunye, futhi akwenze lokho phambi kwabangakholwayo na? Empeleni kwakhona nje ukuthi niyamangalelana kukhombisa ukuthi niyizehluleki. Kungebe ngcono ngani ukuba kwenziwe okubi kini na? Kungebe ngcono ngani ukuba nani niqolwe na? Kepha nina luqobo nenza okubi, niyaqola; lokho nikwenza ngisho nakubazalwane benu. Kanti anazi yini ukuthi ababi abayukulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningayengeki, ngokuba izifebe, abakhonza izithombe, iziphingi, abahlobongayo, abaphangi, abalalanayo benobulili obufanayo, amasela, abanomona, izidakwa, abathuka inhlamba nabaphangi; abayukulidla ifa lombuso kaNkulunkulu. Abanye benu babenjalo, kodwa senahlanzwa, nangcweliswa, nalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Khristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu. Konke kuvunyelwe kimi, kepha akusikho konke okusizayo. Konke kuvunyelwe kimi, kodwa mina anginakubuswa yilutho. Ukudla kungokwesisu, nesisu singesokudla, kodwa uNkulunkulu uyakushabalalisa kokubili. Umzimba akusiwo owobufebe, ungoweNkosi, neNkosi ingeyomzimba. UNkulunkulu wayivusa iNkosi, nathi uyakusivusa ngamandla akhe. Kanti anazi yini ukuthi imizimba yenu iyizitho zikaKhristu na? Pho ngizithatha kanjani izitho zikaKhristu, ngizenze izitho zesifebe na? Qha nakanye. Anazi yini ukuthi ozihlanganisa nesifebe uba mzimba munye naso na? Phela kulotshiwe ukuthi: “Labo bobabili bayakuba nyamanye.” Kepha ozihlanganisa neNkosi uyakuba moya munye nayo. Ngakho-ke balekelani ubufebe. Zonke izono umuntu azenzayo zenzeka ngaphandle komzimba, kodwa ofebayo ungcolisa owakhe umzimba. Anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele eninaye, enimemukele evela kuNkulunkulu, nokuthi anizimele ngokwenu na? Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mngcweliseni uNkulunkulu emizimbeni yenu.

1 kwabaseKorinte 6:1-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)