1 kwabaseKorinte 3:5-15
1 kwabaseKorinte 3:5-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Pho ubeyini nje u-Apholo na? Ubeyini nje uPawula na? Bayizikhonzi enakholwa ngazo, kuyilowo nalowo njengalokhu iNkosi imphile. Mina ngafike ngatshala, u-Apholo wanisela, kodwa uNkulunkulu wakhulisa. Noma kunjalo otshalayo noniselayo kabalutho, kodwa okunguYena kuphela uNkulunkulu okhulisayo. Otshalayo noniselayo bayalingana, yilowo nalowo uyakwemukeliswa owakhe umvuzo ngangokomsebenzi wakhe. Ngokuba thina siyizisebenzi nje zikaNkulunkulu ezibambisene naye, nina niyinsimu yakhe, niyisakhiwo sikaNkulunkulu. Ngokomusa kaNkulunkulu engiphiwe wona, njengengcweti yomakhi, ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kepha makube yilowo nalowo aqaphelisise ukuthi wakha kanjani phezu kwaso. Ngokuba akekho ongabeka esinye isisekelo, ngaphandle kwaleso esibekiweyo, esinguJesu Khristu. Kepha uma umuntu akha phezu kwalesi sisekelo ngegolide, ngesiliva, ngamatshe enani eliphezulu, ngezingodo, ngotshani nangezinhlanga, umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala, ngokuba usuku luyakuwudalula. Ngokuba lokho kuyakwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi womuntu ngamunye unjani. Umlilo luqobo uyakukuvivinya lokho. Uma umsebenzi womuntu awakhileyo umi phezu kwaso, lowo muntu uyakwamukela umvuzo, kodwa uma umsebenzi wakhe usha, uyakulahlekelwa yiwo, kepha yena luqobo uyakusindiswa; kuyakuba sengathi uphunyuke emlilweni.
1 kwabaseKorinte 3:5-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Pho ungubani uPawulu, no-Apholo uyini, kodwa izikhonzi enakholwa ngazo, njengalokho iNkosi yamnika yilowo nalowo? Mina ngatshala, u-Apholo wanisela; kodwa uNkulunkulu wakhulisa. Ngakho-ke otshalayo kalutho, noniselayo kalutho; kodwa uNkulunkulu okhulisayo. Kepha otshalayo noniselayo bamunye, kepha yilowo nalowo uyakwamukeliswa owakhe umvuzo ngokomshikashika wakhe. Ngokuba siyizisebenzi kanye noNkulunkulu; nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu. Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengomakhi ohlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kodwa yilowo nalowo makaqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso. Ngokuba akakho ongabeka esinye isisekelo, kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu. Kepha uma umuntu akha phezu kwalesi sisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nezinhlanga; Umsebenzi walowo nalowo uyakubonakaliswa, ngokuba usuku luyakuwudalula, ngokuba uyakwambulwa ngomlilo; nomsebenzi walowo nalowo umlilo uyakuvivinya ukuthi unjani. Uma umsebenzi womuntu awakhileyo phezu kwalokho umi, uyakwamukeliswa umvuzo. Uma umsebenzi womuntu usha, uyakulahlekelwa nguye, kepha yena ngokwakhe uyakusindiswa; nokho kungathi ngomlilo.
1 kwabaseKorinte 3:5-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

1 kwabaseKorinte 3:5-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Pho, uyini u-Apholo? Uyini uPawulu na? Bayizikhonzi enakholwa ngazo, kwaba yilowo nalowo njengokupha kweNkosi. Mina ngatshala, u-Apholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa. Njalo-ke notshalayo kalutho, noniselayo kalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo. Otshalayo noniselayo bakunye, kepha yilowo nalowo uyakwamukeliswa owakhe umvuzo ngokomsebenzi wakhe. Ngokuba thina siyizisebenzi kanye noNkulunkulu, nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu. Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengenyanga yokwakha ehlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kepha akube yilowo nalowo aqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso. Ngokuba akakho ongabeka esinye isisekelo, kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu. Kepha uma umuntu akha phezu kwaleso sisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nenhlanga, umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala; ngokuba usuku luyakuwudalula, lokhu kwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi walowo nalowo unjani, umlilo uqobo uyakukuvivinya lokho. Uma umsebenzi womuntu awakhileyo kuso umi, uyakwamukela umvuzo; uma umsebenzi womuntu usha, uyakulahlekelwa yiwo; kepha yena uqobo uyakusindiswa, nokho kube kungathi uphuma emlilweni.