1 kwabaseKorinte 15:9-11
1 kwabaseKorinte 15:9-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba mina ngingomncinyane kubaphostoli, engingafanele ukuthiwa umphostoli, ngokuba ngazingela ibandla likaNkulunkulu. Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi. Ngakho-ke noma kuyimina noma kuyibona, sishumayela kanjalo, nakholwa kanjalo.
1 kwabaseKorinte 15:9-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokuba mina ngingomncinyane kubaphostoli, engingafanele ukubizwa ngomphostoli, ngokuba ngazingela ibandla likaNkulunkulu. Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize; kodwa ngisebenze kakhulu kakhulu kunabo bonke; Ngakho-ke noma kuyimi noma yibo, sishumayela kanjalo, nakholwa ngokunjalo.
1 kwabaseKorinte 15:9-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba mina ngingomncinyane kubaphostoli, engingafanele ukubizwa ngomphostoli, ngokuba ngazingela ibandla likaNkulunkulu. Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize; kodwa ngisebenze kakhulu kakhulu kunabo bonke; Ngakho-ke noma kuyimi noma yibo, sishumayela kanjalo, nakholwa ngokunjalo.
1 kwabaseKorinte 15:9-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba mina ngingomncane kubaphostoli, engingafanele ukubizwa ngomphostoli, lokhu ngalihlupha ibandla likaNkulunkulu. Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, futhi umusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kodwa kungesimina, kepha kungumusa kaNkulunkulu okimi. Ngakho-ke noma yimina noma yibo, sishumayela kanjalo, nani nakholwa kanjalo.