1 kwabaseKorinte 14:10-11
1 kwabaseKorinte 14:10-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kukhona, noma kungenzeka, imihlobo eminingi kangaka yokukhuluma emhlabeni, futhi akukho neyodwa kuzo engasho lutho. Ngakho uma ngingazi incazelo yezwi, ngiyoba ngowezizwe kokhulumayo, nokhulumayo uyakuba ngowezizweni kimi.
1 kwabaseKorinte 14:10-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kungaba khona izinhlobo eziningi zezilimi emhlabeni, kodwa alukho nalunye olungasho okuthile. Ngakho-ke uma ngingakuqondi okukhulunywayo, ngifana nowezizwe kokhulumayo, naye ufana nowezizwe kimi.
1 kwabaseKorinte 14:10-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kukhona izinhlobo noma zingahle zibe zingaki zokukhuluma ezweni, kepha alukho olungasho okuthile. Ngakho-ke uma ngingakwazi okuqondiwe ngokukhulunywayo ngiyakuba ngowezizwe nje kokhulumayo, nokhulumayo abe ngowezizwe kimi.
1 kwabaseKorinte 14:10-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)