1 kwabaseKorinte 12:12-25

1 kwabaseKorinte 12:12-25 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Ngokuba njengalokhu umzimba umunye, kepha unezitho eziningi, nezitho zonke zalowo mzimba munye, nakuba ziziningi, zingumzimba munye, unjalo noKristu. Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma sikhululekile; futhi sonke sinathiswa uMoya munye. Ngokuba umzimba awusiwo isitho sinye, kepha maningi. Uma unyawo luthi: “Ngokuba ngingesiso isandla, angisikho okomzimba; Ngakho kayisiyo yini ingxenye yomzimba? Uma indlebe ithi: “Ngokuba ngingesilo iso, angisikho okomzimba; Ngakho kayisiyo yini ingxenye yomzimba? Uma umzimba wonke ubuliso, ukuzwa ngabe kuphi? Uma wonke ubuwukuzwa, ukuhogela ngabe kuphi? Kodwa khathesi-ke uNkulunkulu umisile izitho, yileso laso emzimbeni njengokuthanda kwakhe. Uma zonke beziyisitho sinye, umzimba ngabe uphi na? Kodwa kalokhu izitho zinengi, kodwa umzimba munye. Iso alinakusho esandleni ukuthi: ‘Angikudingi,’ nekhanda futhi alinakusho ezinyaweni ukuthi: ‘Anginidingi.’ Kodwa-ke, ikakhulu lezozitho zomzimba ezibonakala zibuthakathaka kakhulu ziyadingeka; Lalezozitho zomzimba esicabanga ukuthi azihlonitshwa kancane, phezu kwazo sizinika udumo olukhulu kakhulu; nezitho zethu ezingafanelekiyo zinobuhle obengeziwe. Ngokuba izitho zethu ezinhle azidingi, kepha uNkulunkulu uwuhlanganisile umzimba, esipha udumo olukhulu kakhulu leso esintulayo; ukuze kungabikho ukwahlukana emzimbeni; kodwa ukuze amalungu anakekelane ngokufanayo.

1 kwabaseKorinte 12:12-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Njengokuba umzimba umunye, kodwa unezitho eziningi, nakuba izitho zonke zomzimba ziziningi, kepha zingumzimba munye, unjalo-ke noKhristu. Ngokuba thina sonke sabhabhadiswa ngaMoya munye, ukuba sibe mzimba munye, noma ngabe singabaJuda noma singamaGriki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; sonke saphuziswa Moya munye. Ngokuba umzimba awusiso isitho esisodwa, kodwa eziningi. Uma unyawo lungathi: “Ngenxa yokuba angisiso isandla, angisikho okomzimba,” nokho aluyeki ukuba yisitho somzimba. Uma indlebe ithi: “Ngenxa yokuba angisilo iso, angiyiso isitho somzimba,” ayinakuyeka ngalokho ukuba yisitho somzimba. Uma wonke umzimba ubuyiso, ukuzwa ngabe kukuphi na? Uma wawungukuzwa, ngabe ukunuka kukuphi na? Kepha manje uNkulunkulu umisile izitho, yileso naleso emzimbeni ngokuthanda kwakhe. Uma zonke zaziyisitho esisodwa, ngabe uphi umzimba na? Nakuba izitho ziziningi, kodwa munye umzimba. Iso alinakusho esandleni ukuthi: “Angikudingi;” nekhanda alinakusho ezinyaweni ukuthi: “Anginidingi.” Kepha kunalokho, lezo zitho zomzimba okungathi zibuthakathaka kunezinye, ziyadingeka; nalezo esicabanga ukuthi zedelelekile ukuba zibe ngezomzimba, yizona ezembathiswe ngodumo olukhulu; nalezo esinamahloni ngazo, yizona esizinakekela kakhulu. Kanti lezo ezibukeka zizinhle, azikudingi lokho. Kepha uNkulunkulu uwuhlanganisile umzimba, kwathi lezo ezidelelekile wazinika udumo olukhulu kakhulu, ukuze kungabi bikho ukwehlukana emzimbeni, kodwa izitho zonke zinakekelane ngokufanayo.

1 kwabaseKorinte 12:12-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)