1 kwabaseKorinte 12:1-27

1 kwabaseKorinte 12:1-27 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Bazalwane, maqondana neziphiwo zokoMoya, angithandi ukuba ningazi. Niyazi ukuthi ngesikhathi nisengabezizwe naniholwa futhi nihuhwa yizithombe eziyizimungulu. Ngakho-ke ngiyanazisa ukuthi: akukho muntu okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu ongathi: “Makaqalekiswe uJesu,” futhi akekho ongathi: “UJesu uyiNkosi,” ebe engaholwa nguMoya oNgcwele. Kukhona iziphiwo ezahlukeneyo, kodwa zivela kuMoya munye. Kukhona imisebenzi eyehlukene yokukhonza, kodwa ivela kuyo leyo Nkosi. Kukhona imisebenzi eminingi eyehlukahlukene, kodwa uNkulunkulu munye osebenza kukho konke, nakubo bonke. Kepha yilowo nalowo uphiwa okokubonakalisa uMoya ukuba basizakale abanye. Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya. Omunye uphiwa ukukholwa nguye lowo Moya, omunye aphiwe iziphiwo zokuphulukisa nguye lowo Moya munye; omunye uphiwa ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuphrofetha, omunye ukwehlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi. Konke lokho kwenziwa nguye lowo Moya munye, owabela lowo nalowo ngokuthanda kwakhe. Njengokuba umzimba umunye, kodwa unezitho eziningi, nakuba izitho zonke zomzimba ziziningi, kepha zingumzimba munye, unjalo-ke noKhristu. Ngokuba thina sonke sabhabhadiswa ngaMoya munye, ukuba sibe mzimba munye, noma ngabe singabaJuda noma singamaGriki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; sonke saphuziswa Moya munye. Ngokuba umzimba awusiso isitho esisodwa, kodwa eziningi. Uma unyawo lungathi: “Ngenxa yokuba angisiso isandla, angisikho okomzimba,” nokho aluyeki ukuba yisitho somzimba. Uma indlebe ithi: “Ngenxa yokuba angisilo iso, angiyiso isitho somzimba,” ayinakuyeka ngalokho ukuba yisitho somzimba. Uma wonke umzimba ubuyiso, ukuzwa ngabe kukuphi na? Uma wawungukuzwa, ngabe ukunuka kukuphi na? Kepha manje uNkulunkulu umisile izitho, yileso naleso emzimbeni ngokuthanda kwakhe. Uma zonke zaziyisitho esisodwa, ngabe uphi umzimba na? Nakuba izitho ziziningi, kodwa munye umzimba. Iso alinakusho esandleni ukuthi: “Angikudingi;” nekhanda alinakusho ezinyaweni ukuthi: “Anginidingi.” Kepha kunalokho, lezo zitho zomzimba okungathi zibuthakathaka kunezinye, ziyadingeka; nalezo esicabanga ukuthi zedelelekile ukuba zibe ngezomzimba, yizona ezembathiswe ngodumo olukhulu; nalezo esinamahloni ngazo, yizona esizinakekela kakhulu. Kanti lezo ezibukeka zizinhle, azikudingi lokho. Kepha uNkulunkulu uwuhlanganisile umzimba, kwathi lezo ezidelelekile wazinika udumo olukhulu kakhulu, ukuze kungabi bikho ukwehlukana emzimbeni, kodwa izitho zonke zinakekelane ngokufanayo. Uma kuhlupheka isitho esisodwa, zonke izitho zihlupheka kanye naso. Uma kuhlonishwa esisodwa, zonke zijabula kanye naso. Manje-ke, nina ningumzimba kaKhristu, yilowo nalowo uyisitho nabanye.

1 kwabaseKorinte 12:1-27 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kepha mayelana nezipho zomoya, bazalwane, angithandi ukuba ningazi. Niyazi ukuthi naholwa ningabezizwe, nayiswa kuzo izithombe eziyizimungulu. Ngakho ngiyanazisa ukuthi akakho okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu othi: “Uqalekisiwe uJesu; Kukhona-ke iziphiwo izinhlobonhlobo, kodwa uMoya munye. Futhi kukhona izinhlobonhlobo zezinkonzo, kodwa iNkosi eyodwa. Futhi kukhona izinhlobonhlobo zemisebenzi, kodwa nguNkulunkulu oyedwa osebenza konke kubo bonke. Kodwana yilowo nalowo uphiwa ukubonakalisa kukaMoya kube yinzuzo kubo bonke. Ngoba omunye uphiwa ngoMoya ilizwi lenhlakanipho; omunye izwi lokwazi ngaye lowoMoya; omunye ukholo ngaye lowoMoya; omunye izipho zokuphulukisa ngaye lowoMoya; omunye ukwenza izimangaliso; komunye isiprofetho; omunye ukuhlukanisa imimoya; omunye izinhlobo zezilimi; omunye ukuhunyushwa kwezilimi. Kepha konke lokho kusebenza yena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokunye ngokuthanda kwakhe. Ngokuba njengalokhu umzimba umunye, kepha unezitho eziningi, nezitho zonke zalowo mzimba munye, nakuba ziziningi, zingumzimba munye, unjalo noKristu. Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma sikhululekile; futhi sonke sinathiswa uMoya munye. Ngokuba umzimba awusiwo isitho sinye, kepha maningi. Uma unyawo luthi: “Ngokuba ngingesiso isandla, angisikho okomzimba; Ngakho kayisiyo yini ingxenye yomzimba? Uma indlebe ithi: “Ngokuba ngingesilo iso, angisikho okomzimba; Ngakho kayisiyo yini ingxenye yomzimba? Uma umzimba wonke ubuliso, ukuzwa ngabe kuphi? Uma wonke ubuwukuzwa, ukuhogela ngabe kuphi? Kodwa khathesi-ke uNkulunkulu umisile izitho, yileso laso emzimbeni njengokuthanda kwakhe. Uma zonke beziyisitho sinye, umzimba ngabe uphi na? Kodwa kalokhu izitho zinengi, kodwa umzimba munye. Iso alinakusho esandleni ukuthi: ‘Angikudingi,’ nekhanda futhi alinakusho ezinyaweni ukuthi: ‘Anginidingi.’ Kodwa-ke, ikakhulu lezozitho zomzimba ezibonakala zibuthakathaka kakhulu ziyadingeka; Lalezozitho zomzimba esicabanga ukuthi azihlonitshwa kancane, phezu kwazo sizinika udumo olukhulu kakhulu; nezitho zethu ezingafanelekiyo zinobuhle obengeziwe. Ngokuba izitho zethu ezinhle azidingi, kepha uNkulunkulu uwuhlanganisile umzimba, esipha udumo olukhulu kakhulu leso esintulayo; ukuze kungabikho ukwahlukana emzimbeni; kodwa ukuze amalungu anakekelane ngokufanayo. Uma kuhlupheka isitho sinye, kuhlupheka izitho zonke kanye naso; noma kuhlonishwe isitho sinye, athokoze amalungu onke kanye nalo. Nina-ke ningumzimba kaKristu, nezitho ngabanye.

1 kwabaseKorinte 12:1-27 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kepha maqondana neziphiwo zokomoya angithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi. Niyazi ukuthi nisengabezizwe naholekela kuzo izithombe eziyizimungulu, nakuba naholwa kanjalo. Ngakho ngiyanazisa ukuthi: Akukho muntu okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu ongathi: “Kathukwe uJesu;” futhi akukho muntu ongathi: “UJesu uyiNkosi,” kuphela ngaye uMoya oNgcwele. Kepha kukhona iziphiwo zomusa ezahlukeneyo, kepha nguye lowo Moya. Kukhona izinkonzo ezahlukeneyo, kepha yiyo leyo Nkosi. Kukhona imisebenzi yamandla eyahlukeneyo, kepha nguye lowo Nkulunkulu osebenza konke kubo bonke. Kepha yilowo nalowo uphiwa okubonakalisa uMoya kube ngokokusiza. Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, kepha omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya, omunye ukukholwa kuye lowo Moya, omunye iziphiwo zokuphulukisa kuye uMoya munye, omunye ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuprofetha, omunye ukwahlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi. Kepha konke lokho kusetshenzwa nguyena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokwakhe njengokuthanda kwakhe. Ngokuba njengomzimba umunye, kepha unezitho eziningi, nezitho zonke zomzimba, nokuba ziziningi, zingumzimba munye, unjalo-ke noKristu. Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye. Ngokuba umzimba awusiso isitho sinye kodwa eziningi. Uma unyawo luthi: “Lokhu ngingesiso isandla, angisikho okomzimba,” nokho luyikho okomzimba. Noma indlebe ithi: “Lokhu ngingesilo iso, angisikho okomzimba,” nokho iyikho okomzimba. Uma umzimba wonke ubuyiso, ukuzwa ngabe kuphi na? Uma wonke ubungukuzwa, ukunuka ngabe kuphi na? Kepha kalokhu uNkulunkulu umisile izitho zonke, yileso naleso emzimbeni ngokuthanda kwakhe. Uma kambe zonke ziyisitho sinye, umzimba ngabe uphi na? Kepha kalokhu izitho ziningi, kodwa umzimba munye. Iso alinakusho esandleni ukuthi: “Angikudingi;” nekhanda futhi alinakusho ezinyaweni ukuthi: “Anginidingi.” Kanti ngempela lezo zitho zomzimba ezingathi zibuthakathaka kunezinye ziyadingeka; nalezo zitho zomzimba ezingathi zidelelekile kunezinye, yizona esizazisa kakhulu; nalezo esinamahloni ngazo zihlonipheka kakhulu. Kanti lezo ezinesimo esihle azikudingi lokho. Kepha uNkulunkulu wawuhlanganisa umzimba, enika esidelelekileyo udumo olukhulu kakhulu, ukuze kungabikho ukwahlukana emzimbeni, kepha izitho zonke zinakekelane ngokufanayo. Uma kuhlupheka isitho sinye, kuhlupheka izitho zonke kanye naso; uma kudunyiswa isitho sinye, kujabula izitho zonke kanye naso. Kepha nina ningumzimba kaKristu nezitho ngabanye.

1 kwabaseKorinte 12:1-27 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)